Ngo-2012
Phakathi Kokuzilungiselela Imishini Yakho
Julayi 2012


Intsha

Phakathi Kokuzilungiselela Imishini Yakho

uMongameli Uchdorf utshela abafundisi bezenkolo ukuba bazicabange ngokwabo njengabaphakathi kumishini yabo. Ungasebenzisa lomqondo ukuzilungiselela imishini yakho: noma uneminyaka engu 12 noma 18 ubudala, ungazilungiselela ukuyosebenza kumishini.

Yiziphi ezinye izinto ongazenza “phakathi” kokuzilungiselela kwakho ukuya kumishini?

  • Faneleka ngasosonke isikhathi ukungena ethempelini.

  • Funda ukwazi ukubona umyalo ovela kuMoya Ongcwele ngokubhala phansi imiyalo yakho kanye nokuyilandela.

  • Khulekela abafundisi bezenkolo.

  • Buza abafundisi bezenkolo kwindawo ohlala kuyona ukuba yini abacabanga ukuba ungayenza ukuzilungiselela ukuyosebenza kumishini.

  • Funda ukusebenzisa isikhathi sakho ngendlela elungile, kanye nemisebenzi ebalulekile njengokusebenzela abanye, ukufunda imibhalo engcwele, kanye nokubhala ijenali.

  • Uma ukhuluma nelungu lomndeni, abelana ngocwezu lombhalo ongcwele elibe nogqozi kuwena mva-nje. Chaza ngokucabangayo mayelana nombhalo ongcwele.

  • Buza abangani bakho ngenkolo yabo futhi yini abayikholelwayo. Fisa ukwabelana ngokholo lwakho. Bameme ebandleni noma emisebenzini yebandla.

Njengoba ubona ukuthi ungaphakathi kokuzilungiselela imishini yakho, ungaphila impilo yakho ukuze ufaneleke kakhudlwana ethembeni leNkosi kanye nomngane onguMoya oNgcwele.

Shicilela