Ngo-2012
Ukubonisa Ngokulandela Kwethu Ngothando kanye Nokusebenzela Abanye
Julayi 2012


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uJulayi 2012

Ukubonisa Ngokulandela Kwethu Ngothando kanye Nokusebenzela Abanye

Funda lomlayezo futhi, ngokufanelekile, xoxa ngayo nalabo dade obavakashelayo. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yabesimame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho.

Ukholo, Umndeni, Inkululeko

Empilweni yokuphila ngokwenyama Yakhe, uJesu Krestu wabonisa uthando Lwakhe kwabanye ngokubabusisa. Wathi, “Ngalokhu wonke umuntu uzakwazi ukuthi nina ningabalandeli bami, uma nithandana” (uJohane 13:35). Wabeka isibonelo futhi ufuna thina ukuba “sisize labo abadinga usizo [lwethu]” (uMozaya 4:16). Ubiza abalandeli Bakhe ukuba basebenze Naye kubufundisi Bakhe, ebanikeza ithuba lokuba basebenzele ukusiza abanye futhi bafane kakhulu njeNgaye.1

Umsebenzi wethu njengabothisha bokuvakasha uzakufana nobufundisi boMsindisi uma sibonisa uthando lwethu kulabo esibavakashelayo ukuba sibafundise ngokwenza lokhu okulandelayo:2

  • Khumbula amagama abo kanye namagama wamalungu yemindeni yabo futhi wakhe ubuhlobo nabo.

  • Bathande ngaphandle kokuba ubahlulele.

  • Baqaphe futhi uqinise ukholo lwabo “ngamunye ngamunye,” njengoba uMsindisi enza (3 uNifayi 11:15).

  • Yenza ubungani bangempela nabo futhi ubavakashele emakhaya abo futhi noma yikuphi.

  • Khathalela udade ngamunye. Khumbula izinsuku zokuzalwa, ukubekwa kweziqu, imishado, ukubhabhadiswa, noma ezinye izikhathi ezibalulekile kuyena.

  • Finyelela kumalungu asemasha kanye nalowo angasakhonzi.

  • Finyelela kulabo ababodwa noma labo abadinga induduzo.

Kuvela Embhalweni Ongcwele

3 uNifayi 11; uMoroni 6:4; Imfundiso kanye Nezivumelwano 20:47

Kuvela Emlandweni Wethu

“Itestamente Elisha linemibhalo yabesifazane, ababhaliwe kanye nabangabhaliwe, abasebenzise ukholo kuJesu Krestu. … Laba abesifazane babe ngabalandeli abayizibonelo. … [Bona] bahambe kanye noJesu futhi nabaPostoli Bakhe Abayishumi Nambili. Bayeka zonke izinto zabo ukuba basize kubufundisi Bakhe. Emva kokufa Kwakhe futhi Nokuvuka Kwabafileyo, [bona] baqhubeka nokuba ngabalandeli abanokholo.3

uPhawuli wabhala ngowesifazane obizwa ngoPhebe, owaye “yinceku yebandla” (AmaRoma 16:1). Wacela abantu ukuba “ bamsize kunoma yimuphi umsebenzi angawudinga kubo: ngoba wayengumsizi kwabaningi” (AbaseRoma 16:2). “Inhlobo yomsebenzi eyanikezwa nguPhebe futhi nabanye besifazane abakhulu beTestamente Elisha usaqhubeka namuhla kanye namalungu angabaholi Benhlangano Yabesimame Yenkululeko—, abothisha bokuvakasha, omama, kanye nabanye—abasebenza njengabasizi noma abancedisi, abaningi.”4

Amanothi

  1. Bona Amadodakazi Embusweni Wami: Umlando kanye Nomsebenzi Wenhlangano Yabesimame Yenkuleko (2011), 105.

  2. Bona Incwadi 2: Ukuphatha iBandla (2010), 3.2.3.

  3. Amadodakazi Embusweni Wami, 3.

  4. Amadodakazi Embusweni Wami, 6.

Ngingenzenjani?

  1. Ngikhulisa kanjani ikhono lami ukukhathalela abanye?

  2. Yini engiyenzayo ukuqiniseka ukuthi odade engibaqhaphile bazi ukuthi ngiyabathanda?

Shicilela