Ngo-2012
Ngasosonke isikhathi Ngaphakathi
Julayi 2012


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, kaJulayi 2012

Ngasosonke isikhathi Ngaphakathi

Isithombe
NguMongameli Dieter F. Uchtdorf

Kumakhalenda amaningi womhlaba, uJulayi uphakathi konyaka. Ngesikhathi iziqalo kanye neziphetho zezinto zijabulelwa futhi zikhunjulwa, izinto eziphakathi zivamise ukunganakwa.

Iziqalo izikhathi zokwenza izithembiso, ukwenza amaplani, ukuba nomdlandla. Iziphetho izikhathi zokuphumula futhi ziletha imizwa yokuphumelela noma yokulahlekelwa Kepha ngombono oyiqiniso, ukuzicabanga ngokwethu singaba phakathi kwezinto kungasisiza hhayi kuphela ukuzwisisa impilo kangcono kepha futhi siphile kangcono ngendlela elungile.

Phakathi Komsebenzi Wabafundisi Bezenkolo

Uma ngikhuluma nabafundisi bezenkolo abasebasha, ngivame ukubatshela ukuthi bangaphakathi kwemishini yabo. Noma baceda kufika ngaphambi kokuba bahambe noma kumele bashiye amakhaya abo emva kosuku lohambo, ngibacela ukuba bazicabange njengabaphakathi ngasosonke isikhathi.

Abafundisi bezenkolo abasebasha bangazizwa sengathi abanalo ulwazi olusebenzayo, futhi bamise ukukhuluma noma benze ngokuzithemba kanye nokuqina. Abafundisi bezenkolo abanolwazi abaseduzane nokuqeda imishini yabo bangazizwa bedangele ukuba imishini yabo iyaphela, noma bangacabanga bengajahile ukuthi bazakwenzani emva kwemishini yabo.

Noma iziphi izimo futhi noma yikuphi lapho besebenzela khona, iqiniso ukuthi abafundisi bezenkolo beNkosi batshala nsuku zonke izimbewu zolwazi oluhle. Njengoba bazicabanga njengabaphakathi kwimishini ngasosonke isikhathi kuzaletha ugqozi futhi kubanike umfutho laba abanokholo abamele iNkosi. Njengoba kunjalo kubafundisi bezenkolo nsuku zonke, kuyoba njalo nakithi sonke.

Singaphakhi Ngasosonke Isikhathi

Lolushintsho kumbono lungaphezulu komlingo osobala weqondo. Kuneqiniso elihle emva komqondo wokuthi singaphakathi ngasosonke isikhathi. Uma sibheka lapho esikhona emephini, siyalingeka ukuba sithi sisekuqaleni. Kepha uma sibhekisisa kahle, noma sikuphi siphakathi kwendawo enkulu.

Njengoba kunjalo esikhaleni, kunjalo nangesikhathi. Singazizwa sisekuqaleni noma ekugcineni kwezimpilo zethu, kepha uma sibuka lapho singahambisani nendawo yangunaphakade—uma sibona ukuthi umoya wethu uphile isikhathi eside ukwedlula amandla esinawo, ngokuba umnikelo ophelele kanye Nokuhlawulelwa kukaJesu Krestu, ukuthi imphefumulo yethu izakuphila ingunaphakade elizayo—singabona ukuthi singaphathi ngempela.

Kamuva nje ngazizwa ngithandile ukwenza kabusha itshe labazali bami lomncwabo. Ngokuhamba kwesikhathi ingcwaba lamoshakala, ngase ngizizwa ukuthi itshe lengcwaba elisha lifanelekile ukuba yisibonelo sempilo yabo. Ngenkathi ngibuka izikhathi zokuzalwa kanye nezikhathi zokushona ezibhalwe kancane etsheni ngemigqa engabonakaliyo kahle, lophawu oluncane lwesikhathi sempilo lafika enqondweni yami futhi nasenhlizweni yami ngokukhumbula okukhulu. Konke engikukhumbulayo okuhle kuletha isikhathi esiphakathi sempilo yabazali bami futhi naphakathi kwempilo yami.

Noma iminyaka yethu ingakanani, noma iyiphi indawo yethu, uma izinto zenzeka ezimpilweni zethu, singaphakathi ngasosonke isikhathi. Okuningi, ukuthi sizakuba ngaphakathi ingunaphakade.

Ithemba Lokuba Ngaphakathi

Yebo, kuzakuba izikhathi zokuqala futhi nezikhathi zokuphetha ezimpilweni zethu zonke, kepha lezi izimpawu ezisendleleni phakathi kwempilo yethu enkulu yangunaphakade. Noma sisekuqaleni noma ekugcineni, noma sisebasha noma sibadala, iNkosi ingasisebenzisela enjongweni Yakhe uma sibeka eceleni imicabango enciphisa ikhono lwethu ukusebenzela abanye futhi sivumele intando Yakhe iqondise izimpilo zethu.

Umculu uthi, “Leli usuku iNkosi elenzile; thina [kumele] sidumise futhi sijabulele lona” (iHubo 118:24). uAmuleki usikhumbuza ukuthi “lempilo iyisikhathi umuntu okumele azilungiselele ukuhlangana noNkulunkulu; wena, bheka usuku lwalempilo usuku umuntu okumele enze imisebenzi yakhe” (uAlma 34:32; ukugqizelela okungeziwe). Umbhali wezenkondlo ecabangisisa, “Ingunaphakade—liqanjwe iManje.”1

Ukuba ngaphakathi ngasosonke isikhathi kusho ukuthi umdlalo awusoze waphela, ithemba alilahlwa, ukwehlulwa akupheli. Noma yikuphi lapho sikhona noma izimo zethu zinjani, ingunaphakade yesiqalo kanye nengunaphakade yesiphetho kuyakhula ngaphambi kwethu.

Singaphakathi ngasosonke isikhathi.

Amanothi

  1. uEmily Dickinson, “Ingunaphakade—liqanjwe iManje,” e Izinkondlo eziphelele zikaEmily Dickinson, ed. uThomas H. Johnson (1960), 624.

Ukufundisa LoMlayezo

Cabanga ngokuxoxisana nomndeni ukuba banjani “bengaphakathi ngasosonke isikhathi,” noma-ke besekuqaleni noma ekugcineni ngesinye isikhathi. Bagqugquzele ukuba benze okusemandleni abo ekwenzeni imisebenzi yabo yamanje, bangahlali kulokho okusekwadlula noma balinde umsebenzi olandelayo noma iprojekthi. Ungabeka umbono ukuba bakhethe into eyodwa abangayenza njengomndeni basebenzisa ukululekwa lokhu futhi babeke usuku lolo abathemba ukufeza isifiso sabo.

Shicilela