Ngo-2012
Ukwenza Ngesikhathi Sesidingo
Agasti 2012


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uAgasti 2012

Ukwenza Ngesikhathi Sesidingo

Funda lomlayezo futhi, ngokufanelekile, xoxa ngayo nalabo dade obavakashelayo. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yabesimame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho.

Isithombe
Isivalo Senhlangano Yabesimame Yenkululeko

Ukholo, Umndeni, Inkululeko

Njengabothisha bokuvakasha, enye yezinjongo zethu ukusiza siqinise imindeni kanye namakhaya. Odade esibavakashelayo kumele bakwazi ukusho ukuthi, “Uma nginezinkinga, Ngiyazi ukuba uthisha ngokuvakasha wami uzakungisiza ngaphandle kokuba acelwe.” Ukuze usebenzele abanye, sinomsebenzi wokubheka izidingo zabodade esibavakashelayo. Uma sifuna ugqozi, sizakwazi ukuphendula izidingo zomoya ongcwele kanye neziphelayo zodade ngamunye esinikeziwe ukuba simvakashele. Bese-ke, sisebenzise isikhathi sethu, amakhono, amathalente, imithandazo yokholo, kanye nokusekela okungokomoya ongcwele futhi nothinta inhliziyo, singasiza ukunikeza umsebenzi onozwelo ngezikhathi zokugula, ukufa, futhi nezinye izehlakalo eziyisipesheli.1

Ngosizo oluvela kumariphothi wothisha bokuvakasha, ubumongameli Benhlangano Yabesimame Yenkululeko ibheka labo abanezidingo eziyisipesheli ngoba benokugula ngokomzimba noma ngenqondo, ukubaluleka kwesimo, ukuzalwa, izifo, ukukhubazeka, ukuba wedwa, noma ezinye zezivivinyo. uMongameli weNhlangano Yabesimame Yenkululeko bese ebika lokho akutholile kubhishobhu. Ngokuyalwa nguye, udade usiza ngokusebenzisana naye.2

Njengabothisha bokuvakasha singaba “nesizathu esikhululu … sokujabula” ngokuba “isibusiso esinikezwe sona, ukuthi siyenzwe amathulusi esandleni sikaNkulunkulu ukuletha lomsebenzi omkhulu” (uAlma 26:1, 3).

Kuvela embhalweni Ongcwele

uMatewu 22:37–40; uLuka 10:29–37; uAlma 26:1–4; Imfundiso kanye neZivumelwano 82:18–19

Kuvela Emlandweni Wethu

Eminyakeni yokuqala yeBandla, inani lamalungu lalincane futhi lindawonye. Amalungu wayekwazi ukubhekana masishane nesidingo somunye. Namuhla inani lamalungu lingaphezu kuka 14 yezigidi futhi lisakazekile kuwowonke umhlaba. Ukufundisa ngokuvakasha kwiyingxenye yeplani leNkosi eliletha usizo kubobonke abantwana Bakhe.

“Uhlelo olilodwa olungaletha usizo kanye nenduduzo kwibandla lonke elikhulu kumhlaba ohlukene luzavela kubasebenzi abaseduzane nabantu abadinga usizo,” wakhuluma uMongameli uHenry B. Eyring, Oyikhansela Lokuqala kuboMongameli Bokuqala.

“… Wonke ubhishobhu kanye nomongameli wegatsha unomongameli Wenhlangano Yabesimame Yenkululeko athembele kuyena. “Unabothisha bokuvakasha, abaziyo izinkinga kanye nezidingo zodade ngamunye. Uyakwazi, ngabo, ukwazi izinhliziyo zabo kanye nemindeni yabo. Angakwazi ukufeza izidingo futhi asize ubhishobhu kwibizo lakhe anakekele omunye nomunye kanye nemindeni.3

Amanothi

  1. Bona Incwadi 2: Ukuphatha iBandla (2010), 9.4.2.

  2. Bona Uncwadi 2, 9.6.2.

  3. uHenry B. Eyring, in Amadodakazi eMbusweni Wami: uMlando kanye Nomsebenzi weNhlangano Yabesimame Yenkululeko (2011), 110.

Ngingenzenjani?

  1. Ngisebenzisa iziphiwo zami kanye namathalente ami ukusiza abanye na?

  2. Odade engibaqaphile bayazi ukuthi ngiyafisa ukuba siza uma banesidingo na?

Shicilela