Ngo-2013
Yizani Kimi
Meyi 2013


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uMeyi 2013

“Yizani Kimi”

Ngamazwi Akhe kanye nesibonelo Sakhe, uKristu usibonisile ukuba thina singasondela kanjani Kuyena.

Ngiyajabulela ukuba nani kulenkomfa yeBandla likaJesu Kristu Labangcwele Bezinsuku Zokugcina. Leli iBandla Lakhe. Sithatha igama Lakhe njengoba singena eMbusweni Wakhe. Yena unguNkulunkulu, uMdali, futhi uphelele. Singabaphilayo ngokwenyama sizokufa futhi siyona. Ngenxa yothando Lwakhe kithi kanye nemindeni yethu, Usimema ukuba sisondele Kuye. Lawa amazwi akhe: “Zilethe eduzane nakimi futhi Nami ngizozisondeza kuwe; ngifune ngokwempela futhi uzangithola; cela, futhi uzakuphiwa; ngqongqoza, futhi uzakuvulelwa.”1

Kulesikhathi sephasika siyakhunjuzwa ukuba kungani simthanda Yena kanye nesithembiso Yena asenzayo kubalandeli Bakhe ukuba babengabangane Bakhe abathandekayo. Umsindisi wabeka lesosithembiso futhi wasitshela ukuthi singenza kanjani, ekusebenzeleni Yena, Angeza kithi. Esinye sezibonelo sikwisambula kuOliver Cowdery njengoba asebenzela iNkosi kanye noMprofethi uJoseph Smith ekuhumusheni Incwadi kaMomoni: “Mamelani, wena Oliver, futhi ngikhulumile kuwena ngenxa yezifiso zakho; ngakho-ke gcina kahle lamagama enhlizweni yakho. Yiba nokholo futhi uzimisele ekugcineni imiyalelo kaNkulunkulu, futhi ngizokuzungeza ngezingalo zothando lwami.2

Ngezwa injabulo yokusondela eduzane koMsindisi kanye nokusondela Kwakhe kimi kakhulukazi ngokwenza izenzo zokulalela imiyalelo.

Uyewazithola izifundo ezinjalo. Kungahle kwenzeke ngenkathi ukhetha ukuya kwinhlangano yesidlo seNkosi. Kwenzeka kimi ngeSabatha ngenkathi ngisemcane. Ngalezozinsuku sasithola isidlo seNkosi emhlanganweni wasihlwa. Inkumbulo yosuku oluludwa emva kweminya engu 65 eyadlula, ngenkathi ngigcina imiyalelo wokuhlanganyela kanye nomndeni wami futhi nabaNgcwele, kusangisondeza kanye noMsindisi.

Kwakumnyama futhi kumakhaza ngaphandle. Ngiyakhumbula ngizizwa ngilula futhi ngifudumele esontweni kuleyontambama kanye nabazali bami. Sathabatha isidlo seNkosi, esalungiswa ngabaphethe ubuPristi bukaAroni, sivuselela isivumelwano kanye noBaba wethu waseZulwini ukuba sikhumbule njalo iNdodana Yakhe futhi sigcine Imiyalelo Yakhe.

Emva kokuphela komhlangano sahlabelela iculo “Abide with Me; Tis Eventide,” kanye namagama alo athi “O Msindisi, hlala nami kulobusuku.”3

Ngezwa uthando lukaMsindisi kanye nokusondela Kuyena ngalobobusuku. Futhi ngezwa ukunethezeka koMoya oNgcwele.

Ngafuna ukuvuselela futhi imizwa yothando loMsindisi kanye nokubaseduzane Kwakhe engayizwa kulowomhlangano ngisemusha. Ngakho-ke maduzane nje ngagcina enye yemiyalelo. Ngacinga kwimibhalo engcwele. Kuwo, ngangikwazi ukuthi ngingabuyela emuva ngivumele uMoya oNgcwele ungenze ngizwe lokho izinceku zeNkosi eyavuka ezakuzwa ngenkathi bevumela isimemo Sakhe sokungena emakhaya abo ukuba ahlale nabo.

Ngafunda ngosuku lwesithathu emva kokuBethelwa Kwakhe kanye nokuncwatshwa Kwakhe. Abesifazane ababekholiwe kanye nabanye bathola itshe lisunduziwe ethuneni futhi babona ukuthi umzimba wakhe wawungekho lapho. Beza ngothando ababenalo ukuzohlanza umzimba wakhe.

Izingilosi ezimbili zama futhi zabuza ukuba yingani benovalo, bethi:

“Yingani nifuna ophilayo kwabafileyo na?

“Akekho lapha, kepha uvukile: khumbula ukuba wakhuluma kanjani kini ngenkathi eseGalilee,

“Ethi, iNdodana yomuntu izakulethwa ezandleni zamadoda ayizoni, futhi abethelwe, futhi ngosuku lwesithathu avuke futhi.”4

Ivangeli likaMaku liyangeza indlela evela kwingelosi eyodwa: “Kepha hamba, utshele izinceku zakhe kanye noPeter ukuthi uhambe kuqala kunawe eya eGalilee: yilapho enizakumbona khona njengoba anitshela.”5

AbaPostoli kanye nezinceku zahlanganyela eJerusalema. Njengoba nathi sasizoba njalo, babenovalo futhi bemangele njengoba bekhuluma bebodwa mayelana nokufa kanye nomlayezo wokuvuka kwabafileyo Kwakhe ukuba kwakuthini kubona.

Ababili bezinceku bahamba kuleyontambama kusukela eJerusalema endleleni eya eEmmaus. uKristu ovukule wavela endleleni futhi wahambisana kanye nabo. iNkosi yeza kubona.

iNcwadi kaLuka isivumela ukuba sihambe nabo:

“Kwadlulla lokho, ukuthi, ngenkathi bekhuluma bonke futhi becabanga, uJesu ngokwakhe waziletha eduzane, futhi wahamba nabo.

“Kepha amehlo abo avimbela ukuthi bangamazi.

“Wayesthi kubona, Indlela enjani lena yokukhuluma nomunye nomunye wenu, njengoba nihamba, futhi nidumele?

“Futhi omunye wabo, igama lakhe kunguCleopas, ephendula wathi kuyena, Ungumafikizolo na lapha eJerusalema, futhi awazi izinto ezenzeka lapha kulezinsuku?6

Bamtshela ngokudumala ababenakho ngokuthi uJesu ushonile futhi besebathembele ukuthi uzakuba umkhululi waseIsrayeli.

Kwaba nozwelo kwizwi leNkosi evukileyo njengoba ekhuluma nalezinceku ezidumele futhi ezizilile:

Wasethi kubona, Yizilima, kanye nalabo abanezinhliziyo ezikholelwa konke okushiwo abaprofethi:

Uma kungezanga kube nguKristu ohluphekile ngalezinto, futhi nikwazi ukungena embusweni wakhe?

“Qala ngoMose kanye nabobonke abaprofethi, wanaba kubona ngayoyonke imbhalo engcwele izinto eziphathelene nabo.”7

Kwase kuza isikhathi leso esifudumeze inhliziyo yami kusukela ngisengumfanyana.

“Basondela kakhulu ekhaya, ngaphakathi bangena: wenza sengathi wayezongena phakathi kakhudlwana.

“Kepha bamphoqela, bethi, hlala kanye nathi: ngokuba kwakusekuhlwile, futhi usuku soluphelile. Wasengena phakathi nabo.”8

Umsindisi wavumela isimemo ngalobobusuku ukuyongena endlini yezinceku Zakhe maduzane nedolobhana laseEmmaus.

Wadla kanye nabo. Wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wase esinikeza bona. Amehlo abo avuleka ukuze bakwazi ukumazi. Wase enyamalala emehlweni abo. uLuka wabhala phansi imizwa yalezo zinceku ezazibusisekile: “Bakhuluma bebodwa, izinhliziyo zethu azange sishaye kangakaka ngaphakathi kwethu, njengoba akhuluma kanye nathi, futhi ngenkathi avulela thina izincwadi zenkolo?”9

Ngalelohora, izinceku ezimbili zagijimela emuva eJerusalema ukuyotshela abapostoli abayishumi nanye ukuba kwenzekeni kubona. Kolowomzuzu uMsindisi wavela futhi.

Wabhekisisa ukuprofithwa kwenhloso Yakhe ukuba ahlatshilelwe izono zabo bonke abantwana bakaBaba Wakhe kanye nokunqamula isibopho sokufa.

“Wasethi kubona, Kubhaliwe, kuzakuba nguKristu ozakuhlupheka, futhi avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu:

“Futhi ukuguquka kanye nokuhlanzwa kwezono kumele kushumayelwe egameni Lakhe kuzozonke izizwe, kuqala ngeJerusalema.

“Futhi nina ningofakazi bazo lezinto.”10

Amazwi woMsindisi ayiqiniso kithina futhi njengoba ayenjalo kwizinceku Zakhe. Singofakazi balezinto. Futhi icala elihle kakhulu esalivumela ngenkathi sibhabhadiswa eBandleni likaJesu Kristu Labangcwele Bezinsuku-zokugcina lenzelwe thina sobala ngumprofethi uAlma kumakhulu wonyaka adlulayo emanzini kaMomoni:

“Futhi kwasekwedlula ukuthi wakhuluma kubo: Lalelani, lawo ngamanzi kaMomoni (ngokuba abizwa njalo) futhi manje, njengoba nifisa ukuza eduzane kukaNkulunkulu, futhi nibizwe ngabantu bakhe, futhi nizimisele ukuthwala umthwalo womunye nomunye wenu, ukuze ube lula;

“Yebo, futhi nizimisele ukuzila kanye nalabo abazilayo; yebo, futhi nibanethezekise labo abadinga ukunethezeka, futhi nibe ngofakazi bakaNkulunkulu ngasosonke isikhathi kanye nakuzinto zonke, futhi nakwizindawo zonke enikuzo, kanye nasekufeni, ukuze nikhululwe nguNkulunkulu, futhi nibalwe kanye nalabo bakuqala abavuswa kwabafileyo, ukuze nibe nempilo yangunaphakade—

“Manje ngithi kini, uma lokhu kuyisifiso sezinhliziyo zenu, ninani eningakuphikisa mayelana nokubhabhadiswa egameni leNkosi, njengofakazi phambi kwakhe ukuthi ningene esivumelwaneni kanye naye, ukuthi nizakumsebenzela futhi nigcine imiyalelo yakhe, ukuze athele kakhulu uMoya ongcwele wakhe kinina?

“Manje ngenkathi futhi abantu bezwile lamazwi, bajabula beshaya izandla, basho ngokuqinisekisa: Lokhu kuyisifiso sezinhliziyo zethu.”11

Siyavuma ukuphakamisa labo abanezidingo kanye nokubangofakazi boMsindisi ngesikathi sisaphila.

Sizakwenza ngaphandle kokuhluleka kuphela nje uma sisasenothando kuMsindisi futhi nothando Lwakhe kithina. Njengoba sinokholo ezithembisweni zethu esizenzile, sizakuzwa uthando Lwakhe. Luzakukhula ngokuba sizakuzwa amandla Akhe kanye nokuziletha Kwakhe eduzane nathi kumsebenzi Wakhe.

uMongameli uThomas S. Monson usikhumbuzile esikhathini esiningi ngesithembiso seNkosi ezincekwini Zakhe ezinokholo: “Futhi loyo ozwa nina, nami futhi ngizakuba lapho, Ngokuba ngizakuba nani. Ngizoba ngasesandleni sakho sokudla kanye nesobunxele, futhi uMoya wami uzakuba ezinhlizweni zenu, futhi izingelosi zami zizungeze nina, ukuze zinibonise nina” (DC 84:88).12

Kunenye indlela lapho mina kanye nawe siyesamuzwa esondelana kanye nathi. Njengoba sizinikezela ngokupheleleyo ngomsebenzi wethu Kuye, uzisondeza kakhulu kulabo esibathandayo emindenini yethu. Ngasosonke isikhathi uma ngibiziwe emsebenzini weNkosi ukusuka noma ngishiye umndeni wami, ngibonile ukuthi iNkosi ibusise umkami kanye nezingane zami. Ulungisile izinceku Zakhe ezithandekayo kanye namathuba okusondeza umndeni wami Kuye.

Nisizwile isibusiso esinjalo ezimpilweni zenu. Abaningi benu banabathandekayo abadukile endleleni yempilo yangunaphakade. Niyazibuza ukuba yini enye eningayenza ukuba nibabuyisela futhi endleleni. Ungathembela eNkosini ukuzisondelanisa kanye nabo njengoba usebenzela Yena ngokholo.

Uyakhumbula isithembiso seNkosi kuJoseph Smith kanye no Sidney Rigdon ngenkathi bekude nemindeni yabo kumsebenzi Wakhe: “Bangane bami Sidney kanye noJoseph imindeni yenu iphilile, isezandleni zami, futhi ngizokwenza lokho kubona engikubona kulungile; ngokuba kimi kunamandla onke.”13

Njengo Alma kanye neNkosi uMozaya, abanye abazali abanokholo basebenzele iNkosi isikhathi eside kepha izingane zabo zidukile noma-ke abazali babo bazinikele eNkosini. Benze konke abakhonile ukukwenza kepha akusizanga lutho, ngisho nosizo oluvela kubangani abathandekayo futhi nabanokholo

uAlma kanye nabaNgcwele bezinsuku zakudala bakhulekela indodana kanye namadodana weNkosi uMozaya. Ingelosi yavela. Imikhuleko yenu kanye nemikhuleko yalabo abasebenzisa ukholo lwabo izakuletha izinceku zeNkosi ukuba zisize amalungu emindeni yenu. Bazakubasiza ukuba bakhethe indlela eya ekhaya kuNkulunkulu, noma belingwa nguSathane kanye nabalandeli bakhe, okuyinhloso yakhe ukubhidliza imindeni kulempilo futhi nakwimpilo yangunaphakade.

Niyakhumbula amazwi akhulunywa yingelosi kuAlma owayemcane kanye nakumadodana kaMozaya ekulweni kwabo:Futhi, ingelosi yathi: Lalelani, iNkosi iyizwile imithandazo yabantu bakhe, kanye nemithandazo yenceku yakhe, uAlma, yena owubaba wenu; ngokuba uthandazile ngomkhuleko wakhe omkhulu mayelana nani ukuze nikwazi ukuthola iqiniso; ngakho-ke, mayelana nalakhu ngize ukuzonenza nikholwe ngamandla kanye negunya likaNkulunkulu,ukuthi imithandazo yezinceku zakhe zingaphenduleka ngokholo.14

Isithembiso sami kini kulabo abakhulekayo futhi abasebenzela iNkosi angeke kube ukuthi uzakuthola zonke izibusiso ozifisayo kanye nomndeni wakho. Kepha ngingakuthembisa ukuthi uMsindisi uzakusondela kuwe futhi akubusise kanye nomndeni wakho ngalokho okulungileyo. Uzakuthola ukunethezeka okuvela kuthando Lwakhe futhi uzwe impendulo Yakhe ngokusondelana nawe njengoba unikezela ngesandla sakho ukusiza abanye. Njengoba unikeza usizo kulabo abanezidingo futhi uletha ukuhlanza Kokuhlawulelwa Kwakhe kulabo abezwa ubuhlungu kwizono, amandla weNkosi azakuxhasa. Izingalo Zakhe zilulekile kanye nezakho ukuxhasa futhi nokubusisa abantwana bakaBaba wethu waseZulwini, kanye nalabo abasemndenini yakho.

Kunokuza kwasekhaya okuhle okulungiselele thina. Sizakubona isithembiso esifezekile seNkosi esiyithandayo. Nguyena osihlangabezayo empilweni yangunaphakade kanye noBaba wase Zulwini. uJesu Kristu uyichaza kanjena:

“Funa ukuletha phambili futhi wakhe iZiyoni yami. Gcina imiyalelo yami kuzozonke izinto.

“Futhi, uma ugcina imiyalelo yami futhi ubekezela kuze kube sekugcineni uzakuthola impilo yangunaphakade, isipho leso esikhulu ukwedlula zonke izipho zikaNkulunkulu.”15

“Labo abaphilayo bazathola umhlaba, labo abafayo bazakuphumula emisebenzini yabo, futhi imisebenzi yabo izakubalandela; futhi bazakuthola isicoco ekhaya elikhulu likaBaba wami, lelo engililungiselele bona.”16

Ngibeka ubufakazi ukuthi ngoMoya ongcwele singalandela isimemo sikaBaba waseZulwini: “Lona iNdodana Yami Ethandekayo. Lalela Yena!17

Ngegama Lakhe kanye nangesibonelo Sakhe, uKristu usibonisile ukuba singasondela kanjani Kuyena. Yonke ingane kaBaba waseZulwini okhethe ukungena ngesango lokubhabhadiswa eBandleni Lakhe uzakuthola ithuba kulempilo ukuba afundiswe ivangeli Lakhe futhi ukuzwa izinceku Zakhe ezibiziweyo ngesimemo Sakhe, “Yizani kimi.”18

Yonke inceku Yakhe enze isivumelwano embusweni Wakhe emhlabeni kanye nasemhlabeni wongomoya izakuthola ukukhonjiswa Nguye ngoMoya ongcwele njengoba babusisa futhi basebenzela Yena ngokusiza abanye. Futhi bazakuzwa uthando Lwakhe futhi bathole injabulo njengoba besondelana kanye Naye.

Ngingubufakazi Bokuvuka kwabafileyo beNkosi ngesiqiniseko sengathi bengikhona kulobobusuku kanye nezinceku ezimbili endlini esemgwaqweni iEmmaus. Ngiyazi kamhlophe ukuthi uyaphila njengoJoseph Smith ngenkathi ebona uBaba kanye neNdodana ekukhanyeni kwasekuseni phakathi kwehlathi ePalmyra.

Leli iBandla leqiniso likaKristu. Kuphela nje ngezikhiye zobupristi eziphethwe nguMongameli uThomas S. Monson amandla wokuba sihlale ndwawonye siyimindeni ukuba siphile ingunaphakade kanye noBaba wethu waseZulwini futhi neNkosi uJesu Kristu. Sizakuma phambi koMsindisi Ngosuku Lokwehlulelwa, ubuso nobuso. Kuzakuba yisikhathi senjabulo kulabo abazisondeze Kuyena ngomsebenzi Wakhe kulempilo. Kuzakuba injabulo ukuzwa amazwi: “Usebenzile, wena olungile futhi onokholo nceku.”19 Ngalokho ngibeka ubufakazi bami njengofakazi womsindisi onyukile futhi Ongumkhululile wethu egameni likaJesu Kristu, amen.

Shicilela