Ngo-2013
Ukufundisa kweSikhathi Sethu
Meyi 2013


Ukufundisa kweSikhathi Sethu

Izifundo ngeSonto lesine zobuPristi bukaMelkhezediki kanye Nenhlangano Yabesimame Yenkululeko zizonikezelwa ku “Ukufundiswa kweSikhathi Sethu.” Isifundo ngasinye singalungiselelwa ukusukela enkulumeni eyodwa noma eziningi ezinikeziwe eduzane nje kwinkomfa kawonke wonke. Omongameli beSteki nabesifunda bangakhetha ukuthi eziphi izinkulumo abangazisebenzisa, noma bangakhetha ukunikeza obhishobhu kanye nabomongameli begatsha umsebenzi. Abaholi kumele bagcizelele ubungakho babafowethu bobuPristi buka Melkhezediki kanye nabodade Benhlango Yabesimame Yenkululeko ukuba bafunde izinkulumo ezifanayo ngamasonto afanayo.

Labo abeza ngeSonto lesine bakhuthazwa ukuba bafunde balethe ekilasini umshicilelo wephepha bhuku wamuva nje wenkomfa kawonke wonke.

Iziboniso uma ulungiselela Isifundo esivela eZinkulumeni

Khulekela ukuthi uMoya Oyingcwele ube nawe ngenkathi ufunda futhi ufundisa (izi) inkulumo. Ungahle ulingeke ukulungiselela isifundo ngokusebenzisa ezinye izinto, kepha izinkulumo zenkomfa izifundo eziyinxenye yezimfundo ezikhethiwe ukuba zifundiswe. Umsebenzi wakho ukusiza abanye bafunde futhi baphile ivangeli njengoba lifundiswe kwinkomfa kawonke wonke yamuva nje yeBandla.

Bukisisa izinkulumo, ubheke imithetho kanye nemfundiso yobuKristu leyo ehlangabezana nezidingo zamalungu ekilasini. Futhi funa izinganekwane, ubheke imiboniso esemibhalweni engcwele kanye nezimfundiso ezivela kwi (izi) nkulumo zekomfa ezizokusiza ukuba ufundise lamaqiniso.

Ketha indlela leyo ozokufundisa ngayo imithetho kanye nezimfundiso zobukristu. Cabanga ngemibuzo ezosiza amalungu ekilasi:

  • Bheka imithetho kanye nezimfundiso zobukristu (ezi) enkulumeni.

  • Cabanga ngokuthi zisho ukuthini.

  • Yabelana ngemiqondo ezwakalayo, ngokwaziyo, kanye nobufakazi.

  • Sebenzisa lemithetho kanye nemfundiso zobukristu ezimpilweni zabo.

Izifundo Zezinyanga Ziyafundiswa

Izinto Zesifundo Sesonto Lesine

uApril 2013–uOkthoba 2013

Izinkulumo ezinikeziwe kwinkomfa kawonkewonke kaApril 2012 *

uOkthoba 2012–uApril 2013

Izinkulumo ezinikeziwe kwinkomfa kawonkewonke kaOkthoba 2012 *

  • KuApril kanye noOkthoba izifundo ezine-zangesonto, (izi) inkulumo zingakhethwa kwinkomfa edlulile noma yamuva nje. Lezinkulumo zitholakala (ngamalimi ahlukahlukene) e conference.lds.orgconference.lds.org.

Shicilela