Ngo-2013
Ukulalela Kuletha Izibusiso
Meyi 2013


Umlayezo Wobumongameli Bokuqala, uMeyi 2013

Ukulalela Kuletha Izibusiso

Ulwazi lweqiniso kanye nezimpendulo zemibuzo yethu emikhulu luza kithi njengoba silalela imiyalelo kaNkulunkulu.

Bafowethu kanye nodade bami, ngiyabonga ukuba kanye nani ekuseni banamhlanje. Ngifuna uthando okholweni lwenu kanye nasemikhulekweni yenu njengoba ngivumelekile ukukhuluma nani.

Eminyakeni eyadlulayo, owesilisa kanye nowesifazane bafune ulwazi kanye nokuzwisisa mayelana nalempilo yangenyama futhi nendawo kanye nenhloso kuyona, kanye nendlela enoxolo futhi enenjabulo. Ukuthungatha okunjena kwenziwa nguwowonke umuntu.

Lolulwazi kanye nokuzwisisa lukhona kuwowonke umuntu. Luphakathi kwamaqiniso angunaphakade. Kwi Mfundiso kanye Nezivumelwano isahluko 1, ivesi 39, sifunda kanjena, “Mamela, futhi, iNkosi inguNkulunkulu, futhi uMoya ongcwele ubeka ubufakazi, futhi irekhodi liyiqiniso, iqiniso liyohlala likhona ingunaphakade”.

Umbhali zinkondlo wabhala kanjena:

Noma-ke amazulu ehlukana futhi neziphethu zomhlaba zaqhekeka,

Iqiniso, ukuphelela kwempilo, kuzakuphelisa okubi,

Phakade, okungaguqukiyo, ingunaphakade.1

Abanye bangabuza, “Litholakala kuphi leloqiniso elinjena, futhi thina singalibona kanjani?” Ngesambulo esanikezwa ngumprofethi uJoseph Smith eKirtland, Ohio, ngoMeyi ka 1833, iNkosi yamemezela:

”Iqiniso luwulwazi lwezinto njengoba zinjalo, futhi njengoba zazinjalo, futhi njengoba zizakubanjalo ngokuzayo. …

Umoya ongcwele weqiniso unguNkulunkulu. …

“Futhi akekho umuntu owathola ngokuphelele ngaphandle kokuthi wagcina imiyalelo.

“Loyo ogcina imiyalelo yakhe uthola iqiniso kanye nokukhanya, kuze kufike lapho edunyiswa ngeqiniso futhi azi zonke izinto.”2

Kuyisithembiso esikhulu! “Loyo ogcina imiyalelo yakhe uthola iqiniso kanye nokukhanya, kuze kufike lapho edunyiswa ngeqiniso futhi azi zonke izinto.”

Asikho isidingo kuwe noma esami kulesikhathi sokukhanya, lapho ivangeli ngokuphelele liye labuyiswa, ukuntweza ezilwandle ezingahloliwe noma ukuhamba emgwaqweni ongabhaliwe ngokuyofuna isiphethu seqiniso. Ngokuba uBaba waseZulwini othandekayo wasikhombisa indlela wasinikeza nebalezwe elingahluleki—ngishonokuthembakala! Ulwazi lweqiniso kanye nezimpendulo zemibuzo yethu emikhulu ziza kithina njengoba silalela imiyalelo kaNkulunkulu.

Sifunda ukulalela empilweni yonke yethu. Ekuqaleni ngenkathi sisebancane kakhulu, labo ababenomsebenzi wokusinakekela babeka phambili izindlela ezikhombisayo kanye nemithetho ukuqinisekisa ukuba siphephile. Impilo beyizokuba lula kithi sonke uma besingalalela leyomithetho ngokupheleleyo. Abaningi bethu, kepha, bafunda ngokuthola isifundo ngokulalela.

Ngenkathi ngisakhula, njalo ngehlobo kusukela ngoJulayi ukuya kuSeptemba, umndeni wami wawuhlala endlini eyayikhiwe ngezingodo eVuvian Park eProvo Canyan eUtah.

Omunye owayengumngani wami engangimkhonzile ngalezozinsuku ezazibekiwe zokubuya ekhaya kwicanyon kwakungu Danny Larsen, umndeni wakhe okade unendlu eyakhiwe ngezingodo eVivian Park. Njalo ngosuku yena kanye nami sasigcwala yonke indawo, sidweba izinhlanzi emceleni wamanzi kanye nomfula, sibutha amatshe kanye nezinye izinto, eziyigugu, sihamba ngezinyawo amabanga amade, sigibela, futhi sijabulela umzuzu owodwa wehora losuku.

Ngolunye usuku ekuseni uDanny kanye nami sacabanga ukuthi senze umlilo ngalobobusuku kanye nabobonke abangane bethu ababehlala eduzane kanye nathi. Sasidinga ukuthi silungise indawo eseduzane nehlathi lapho sonke esasizobuthelana khona. Utshani owawumboze inkundla wawuwomile futhi uhlaba, okwenza ukuba inkundla ingafaneleki ukwenza imisebenzi yethu. Saqala sadonsa utshani obude, sicabanga ukuthi sizawususa indawo eningi, indawo eyindingilizi. Sasebenza kanzima ngawowonke amandla ethu, kepha esakutholayo kwakuwukhula oluncane ezandleni zethu. Sasazi ukuba lomsebenzi uzakuthatha usuku lonke, futhi nomfutho wethu kanye nokuzimisela kwakuncipha.

Lokho engakucabanga ukuthi kwakuyisu elihle kweza engqondweni yomfana oneminyaka eyisishayagalolunye ubudala. Ngathi kuDanny, “Kuphela nje esikudingayo ukushisa lamahlathi ngomlilo. Sizaku shisa amahlathi enze indingiliza!” Wavele wavuma, ngasengigijima ngiya endlini yethu eyayakhiwe ngezingodo ukuyolanda umetshisi ombalwa.

Ningacabangi ukuthi emnyakeni oyisishagalolunye sasivumelekile ukusebenzisa umetshisi, ngifuna ukubeka sobala ukuthi mina kanye noDanny sasingavumelekanga ukuwusebenzisa ngaphandle kokunakekelwa ngabadala. Sobabili sasiyaliwe kaningi ngobungozi bomlimlo. Kepha-ke, ngangazi ukuthi umndeni wami wawubeke kuphi umetshisi, futhi sasidinga ukususa ihlathi. Ngaphandle kokucabanga kaningi, ngagijimela endlini yethu yezingodo ngase ngithatha umetshisi ombalwa, ngaqinisekisa ukuba kwakungekho owayengibona. Ngawufihla masishane ephokwetheni lami.

Ngasengigijima ngibuyela kuDanny, ngijabulile ukuthi ephokwetheni lami ngangiphethe isixazululo senkinga yethu. Ngiyakhumbula ngicabanga ukuthi umlilo uzakusha kuphela lapho esifuna khona futhi uzakuzicima wona ngokwawo.

Ngalayitha umetshisi etsheni futhi ngasengilayitha utshani wangoJuni ngomlilo. Kwavutha sengathi kwakuthelwe uphethiloli. Ekuqaleni mina kanye noDanny sasijabulile njengoba sibuka ihlathi linyamalala, kepha kwabasobala ukuthi umlilo angeke wazicima wona ngokwawo. Sasesishaywa uvalo njengoba sibona ukuthi yayingekho into esasingayenza ukuba siwuvimbe. Amalangabi omlilo omkhulu waqala ukulandela ihlathi elalilikhulu phezulu entabeni, izihlahla zophayini zazisebungozini kanye nakhokonke okwakusendleni kwawo.

Ekugcineni sasingenakho ukwenzenjani ngaphandle kokubaleka siyofuna usizo. Masishane wonke owesilisa kanye nowesifazane eVivian Park wayesephansi phezulu enyuka ngamanzi, beshaya amalangabi bezama ukucima umlilo. Emva kwamahora ambalwa amalangabi asesele wacimeka. Izihlahla ezakudala zophayini zasindiswa, njengoba amalangabi bengahle ekugcineni afinyelele nasemakhaya.

uDanny kanye Nami safunda izifundo ezimbalwa nezinzima futhi ezibalulekile ngalolosuku— okunye kwakungukubaluleka kokulalela.

Kunemithetho kanye nemiyalelo yokusiza ukuqinisekisa ukuba imizimba yethu iyakhuseleka. Ngokufanayo, iNkosi isilethele izindlela ezikhombayo kanye nemiyalelo ukuba isisize sikhuseleke emphefumulweni yethu ukuze zikwazi ukuhamba ngendlela efanele yempilo yokufa ngokwenyama futhi sikwazi ekugcineni ukubuyela siyohlala kanye noBaba wethu waseZulwini.

Kwisizukulwane esinyukele esikweni lomhlatshelo wesilwane, uSamuweli ngesibindi wamemezela, “Ukulalela kungcono kunomhlatshelo, futhi nokulalela kunezinyamazane zenduna.”3

Kulempilo yempilo yangenyama, iNkosi yaveza kuMprofethi uJoseph Smith ukuthi Yena udinga “inhliziyo kanye nengqondo ezimisele; futhi loyo ovumayo futhi olalelayo uzakudla okuhle kwasezweni laseZayoni kulezinsuku zokugcina.4

AbaProfethi bonke, abakudala kanye nabamanje, babekwazi ukuthi ukulalela kubalulekile kakhulu kwinsindiso yethu. uNifayi wamemezela: “Ngizoya futhi ngenze izinto lezo iNkosi engiyalile ukuba ngizenze.”5 Noma-ke abanye benza okungahambisani kanye nokholo lwabo kanye nasekulaleleni kwabo, akuzange ngisho nakanye uNifayi enqaba ukwenza lokho iNkosi yayimcele kona. Izizukulwane ezingakaze kwakhulunywa ngazo zibusisiwe ngaleso sizathu.

Isehlekalo esishintsha umphefumulo womuntu esokulalela kukaAbrahamu kanye noIzaka. Kwakubuhlungu obunzima kangakanani kuAbrahamu, elalela imiyalelo kaNkulunkulu, ukuba athathe uIzaka loyo owayemthanda ukuba amhambise ezweni laseMoriya ukuba ayomenza umhlatshelo. Singakwazi ukucabanga ngokusinda kwenhliziyo kaAbrahamu njengoba ehamba eya kwindawo ayeyikhonjisiwe? Nangempela ubuhlungu obeza balimaza umzimba wakhe kanye nomqondo wahlukumezeka njengoba efasa uIzaka, embeka kwiAlthari, futhi ethatha umese ukuba ambulale. Ngokholo oluqinile kanye nethemba eliphelele eNkosini, wavuma umyalelo weNkosi. Kwaba intokozo kakhulu ukuzwa amazwi akhulunywa, futhi kwamangaza kakhulu: “Ungabeki isandla sakho kuloyo olele, futhi ungenzi lutho kuyena: ngoba manje ngiyazi ukuthi wena uyemesaba uNkulunkulu, ngiyabona ukuba wena awuzange unqabe ngendodana yakho, indodana yakho eyodwa kimi.6

uAbrahamu walingwa futhi wavivinywa, futhi ukuba nokholo kwakhe kanye nokulalela iNKosi yamnikeza isithembiso esihle kakhulu: “Kwimbewu yakho zonke izinhlanga emhlabeni zizakubusiswa; ngoba wena ulalele izwi lami.”7

Noma-ke singacelwanga ukuba sikhombise ukulalela kwethu ngendlela emangazayo futhi ezwisa inhliziyo ebuhlungu, ukulalela futhi kuyadingeka kithina.

Wamemezela uMongameli Joseph F. Smith ngoOkthoba 1873, “Ukulalela umthetho wokuqala ezulwini.”8

Wathi uMongameli uGordon B. Hinckley, “Injabulo yabaNgcwele Bezinsuku zokugcina, uxolo labaNgcwele Bezinsuku -zokugcina, inqubekela phambili yaBangcwele Bezinsuku zokugcina, intuthuko yaBangcwele Bezinsuku zokugcina, kanye nensindiso yangunaphakade futhi nokuphakamiselwa phezulu kwabantu kume ekutheni abantu kumele balalele imiyalelo … kaNkulunkulu.”9

Ukulalela kujwayelejike kuwowonke ongumprofethi; kulethe amandla kanye nolwazi kuyoyonke iminyaka. Kubaluleke kakhulu kithina ukubona ukuthi, nathi futhi, sivumelekile ukuthola lamandla kanye nolwazi. Kutholakala masishane komunye nomunye wethu namuhla njengoba silalela imiyalelo kaNkulunkulu.

Eminyakeni eminingi eyadlula, Ngiyengazi abantu abaningi abaye babanokholo futhi belalela. Ngiyengabusiseka futhi ngathola ukugqugquzeliswa yibo. Make ngabelane ngesehlakalo sababili abanjalo.

uWalter Krause wayeyilungu leBandla elaliqinile, yena kanye nomndeni wakhe babehlala endaweni eyashitshwa yabizwa ngokuthiwa Impuma langaneJelemani emva Kwempi Yomhlaba Yesibili. Ngaphandle kokubhekana nobunzima ahlangabezana nakho ngokuba inkululeko yayingekho kuleyondawo yasemhlabeni ngalesosikhathi, uMfo uKrause wayeyindoda eyayithanda futhi isebenzela iNKosi. Waqedelela ngokholo kanye nokuzimisela wonke umsebenzi ayenikezwe wona.

Enye indoda, uJohann Denndorfer, owazalelwa eHungary, waguquka wabayilungu leBandla eJalimani futhi wabhabhadiswa lapho ngo 1911 eneminyaka engu 17 ubudala. Kungasikudala emva nje wabuyela eHungary. Emva kweMpi Yomhlaba Yesibili, wazithola eyibanjwa kumhlaba azalelewa kuwona, edolobheni iDebrecen. Abantu baseHungary babengakhululekile nabo futhi.

uMfo uWalter Krause, owayengemazi uMfo uDenndorfer, wathola umsebenzi wokuba nguthisha ngokuvakasha wakhe futhi amvakashele ngasosonke isikhathi. Umfo Krause wabiza umlingane wakhe wothisha ngokuvakasha wasethi kuyena, “Sithole umsebenzi wokuyovakashela uMfo uJohann Denndorfer. Ungakwazi ukubakhona ungiphelekezele ukuyombona kuleviki futhi simnikeze umlayezo wevangeli na? Futhi wasengeza, “uMfo uDenndorfer uhlala eHungary.”

Umlingane wakhe owayemangele wabuza, “Singahamba nini?

“Kusasa,” waphendula uMfo uKrause.

“Sizakuphindela nini emuva ekhaya?” wabuza umlingane.

uMfo uKrause waphendula, “Oh, cishe emva kweviki— uma si buyela emuva.”

Basebehamba bobabili othisha bokuvakasha beyovakashela u Mfo ka Denndorfer, behamba ngesitimela kanye nangebhasi kusukela eningizimu yentshonalanga yeJalimani ukuya eDebrecen, eHungary—uhambo olude. uMfo uDenndorfer wayenesikhathi eside engenabo othisha ngokuvakasha kusukela ngaphambi kwempi. Manje, ngenkathi ebona lezinceku zeNkosi, wayejabulele kakhulu ukuza kwabo. Ekuqaleni wanqaba ukubaxhawula izandla zabo. Kodwa, wahamba waya ekamelweni lakhe wasethatha ibhokisi ekhabetheni elaliphethe okweshumi kwakhe ayekubekile iminyaka eminingi. Wayesenikeza okweshumi othisha ngokuvakasha bakhe futhi wathi, “ Manje sengilungisile kanye neNkosi. Manje Ngizizwa ngikulungele ukuxhawula izandla zezincenku zeNkosi” uMfo uKrause wangitshela ekugcineni ukuthi uyewathinteka kakhulu ukuthi lomfo onokholo, ongazange ahlangane neBandla iminyaka eminingi, wayethatha u 10 phesenthi womholo wakhe omcane ngokuthembekile futhi ayezokhokha okweshumi ngawo. Wayibeka engazi ukuba kunini noma wayezoba nethuba lokukhokha yona.

uMfo uWalter Krause washona eneminyaka eyadlula eyishumi nesishagalolunye ubudala. Wasebenza ngokuthembeka futhi elalela empilweni yonke yakhe futhi wayengigqugquzela mina kanye nalabo ekade bemazi. Ngenkathi acelwa ukuba enze imisebenzi, bekangabuzi imibuzo, akazange akhononde, futhi azange abe nesizathu.

Bafowethu kanye nodade bami, isivivinyo esikhulu kulempilo ukulalela. “Sizakubabonakalisa lapha,” kwasho iNkosi,”ukubona ukuthi benza zonke izinto iNkosi uNkulunkulu wabo ebanxusa ngakho.”10

Wamemezela uMsindisi, “Bonke abazakuthola isibusiso ezandleni zami bazakulalela umthetho lowo obekelwe lesosibusiso, kanye nezimiso zawo, njengoba zasungulwa ngaphambi kokuqala komhlaba.”11

Asikho isibonelo sokulalela esikhona esidlula leso sikaMsindisi. Esakhe Yena, uPhawuli asibona:

“Noma yena ayewaba iNdodana, kepha wafunda ukulalela ngezinto ahlupheka ngazo;

“Futhi wenziwa waba ngolungile, waba ngumbhali wensindiso yangunaphakade kubobonke abamlalelayo.”12

Wakhombisa uthando lweqiniso lukaNkulunkulu ngokuphila impilo ephelele, ngokuhlonipha injongo engcwele leyo ekungeYakhe. Akazange Yena abenokuzigqaja. Akazange Yena abe nokuzikhukhumeza. Akazange Yena abe ngongathembekileyo. Njalo Yena wayengozithobileyo. Njalo Yena wayengoqinisekileyo. Njalo Yena wayelalela.

Noma-ke Yena walingwa yilowo owayenguthisha wobuqili, kanye nodeveli; noma-ke Yena wayelula ngokomzimba ekuzileni izinsuku ezingu 40 kanye nobusuku futhi emva kwalokho wayelambile”; kepha Loyo owayekhohlakele wanika uJesu isicelo esihehayo futhi esinokulingeka, Yena wasinikeza isibonelo esikhulu sokuthembeka ngokungavumi ukushintsha kulokho Yena abekwazi ukuthi kulungile.13

Wayebhekene nobuhlungu obukhulu baseGetsemani, lapho Yena abekezela ubuhlungu lobo ukuthi umjuluko Wakhe wabasengathi amathonsi egazi awela phansi enhlabathini,”14 Wafanekisa Indodana eyayilalela ngokuthi, “Baba, uma wena uvuma, susa lenkomishi kimi: noma kunjalo hhayi ngentando yami, kepha eyakho, yenziwe.”15

Njengoba uMsindisi ayala abaPostoli bakhe bokuqala, futhi Uyala mina nawe, Ingabe siyafuna ukulalela?16

Ulwazi esilufunayo, izimpendulo esizikhanukayo, kanye namandla esiwadingayo namuhla ukuba sihlangabezane nezivivinyo zomhlaba onzima futhi oshintshayo zingaba ngezethu uma sifisa ukulalela imiyalelo yeNkosi. Ngikhuluma futhi ngamazwi weNkosi: “Loyo ogcina imiyalelo ka [uNkulunkulu] uzathola iqiniso kanye nokukhanya, kuze kufike lapho athola khona iqiniso eliyinkazimulo futhi azi zonke izinto.”17

Kuwumkhuleko wami othobile ukuthi singabusiseka ngemivuzo ethenjisiwe kulowo olalelayo. Egameni likaJesu Kristu, oyiNkosi kanye noMsindisi wethu, amen.

Shicilela