Ngo-2013
Ukugqugquzelelwa ngoKholo
Julayi 2013


Intsha

Ukugqugquzelelwa ngoKholo

Umbhali uhlala eNorth Carolina, eUSA.

Angisoze ngakhohlwa ngihamba emhlabathini waseWinter Quarters, eNebraska, eUSA, lapho amaphayoniya ahlala iminyaka ngaphambilini. Isihlabathi sezwakala singcwele, kwakungathi ngangivakashele ithempeli elangaphandle.

Amehlo ami wayegcwele izinyembezi, ngingakwazi ukubona kahle. Ngabona isifanekiso kepha azange ngikwazi ukubona kahle umzimba. Ngenkathi ngisula izinyembezi zami, ngabona owesilisa kanye nowesifazane ubuso babo bugcwele ubuhlungu. Ngenkathi ngibukisisa, ngabona umzimba wengane encane ulele encwabeni ezinyaweni zabo.

Lesehlakalo sangenza ngabanemizwa eminingi: ukudabuka, intukuthelo, ukubonga, kanye nenjabulo. Ngafuna ukususa ubuhlungu lobo obezwa ngalabo abaNgcwele, kepha ngaba nokubonga futhi ngalokho abakuhlawulela ngevangeli.

Isifundo sami eWinter Quarters sangisiza ukuba ngikwazi ukubona ukuthi uBaba waseZulwini unikeza ivangeli izingane Zakhe futhi abanikeze igunya lokulisebenzisa ngendlela abafuna ngayo. Abazali baleyongane bebangahle bakwazi ukukhetha indlela elula. Ukulandela umprofethi futhi nokuphila ivangeli kwadingeka lamaphayoniya ukuba baqinisele noma kwakudingekile ukuba bangcwabe ingane yabo. Kepha bakhetha ukusebenzisa ivangeli ezimpilweni zabo futhi bamukele izivivinyo zabo. Ngafunda ukuthi ukuzimisela kwabaNgcwele kwivangeli kanye nokuzimisela ngokuqhubekela phambili kwakugqugquzelelwe ngokholo kanye nethemba—ithemba lokuba nekusasa eliqhakazile kanye nokholo ukuthi iNkosi yayibazi futhi izakunciphisa ubuhlungu babo.

Shicilela