Ngo-2013
Ukufundisa kanye Nokufunda ngeVangeli
Julayi 2013


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uJulayi 2013

Ukufundisa kanye Nokufunda ngeVangeli

Funda lomlayezo futhi, ngokufanelekile, xoxa ngayo nalabo dade obavakashelayo. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yabesimame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho. Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya ku www.reliefsociety.lds.org.

Ukholo • Umndeni • Inkululeko

uJesu Kristu wayenguthishanhloko. Wasibekela isibonelo njengoba Yena afundisa abesimame abaningi futhi ngamunye, emgwaqhweni kanye naseduzane kolwandle, lapho ekukhiwa khona amanzi nasezindlini zabo. Wabonisa uthando-nesihle kubona futhi wabaphilisa kanye namalungu omndeni wabo.”1

Wafundisa uMartha kanye noMary futhi “wabacela ukuba babe ngabalandeli Bakhe futhi bathabathe insindiso, ‘leyo eyingxenye enhle’ [uLuka 10:42] lokho akusoze kwasuswa kubo.”2

Kumbhalo wethu ongcwele wezinsuku-zokugcina, iNkosi yasiyala ukuba “sifundise omunye nomunye imfundiso yombuso” (D&C 88:77). Ekufundiseni kanye nokufunda ngemfundiso, Cheryl A. Esplin, ikhansela lesibili kubuMongameli jikelele Bokuqala, wathi, “Ukufunda ukwazi kahle ukuqonda izimfundiso zevangeli kuthatha isikhathi eside futhi kuvela ‘ngemigqa phezu kweminye, umthetho phezu komthetho, lapha kancane nalapha kancane’’ (2 uNifayi 28:30).”3

Njengoba sifunda, sifundisisa, futhi sikhuleka, sizakufundisa ngamandla woMoya oNgcwele, lowo ozakuthwala umlayezo wethu “ezinhlizweni zabantwana bamadoda [kanye nabesifazane] (2 uNifayi 33:1).

Kuvela Embhalweni Ongcwele

uAlma 17:2–3; 31:5; Imfundiso kanye Nezivumelwano 42:12–13; 84:85

Kuvela Emlandweni Wethu

Abaprofethi bethu bakudala bayasikhumbuza njengabesifazane ukuthi sinendima ebalulekile njengothisha emakhaya ethu kanye naseBandleni. NgoSeptemba 1979, uMongameli uSpencer W. Kimball (1895–1985) wasicela ukuba sibe “ngodade bemibhalo engcwele.” Yibani ngabafundi bemibhalo engcwele—ningababeki abanye phansi, kodwa nibaphakamise phezulu! Emva kwakho konke, ngubani onesidingo esikhulu ‘ukunakekela’ iqiniso levangeli (ekutheni bangabiza ezikhathini zabo zezidingokunabe besifazane ebenzayo futhi nabomama abenza kanjena kakhulu ekukhuliseni nasekufundiseni?”4

Sonke singothisha futhi singabafundi. Uma sifundisa ngemibhalo engcwele futhi amazwi womprofethi wethu ophilayo, singasiza abanye beze kuKristu. Uma sizibandakanya emsebenzini wokufunda ngokubuza imibuzo enomqondo futhi silalela, singathola izimpendulo lezo ezihlangabezana nezidingo zetho.

Ngingenzenjani?

  1. Ngingazilungiselela kanjani ukuba ngibe nguthisha ongcono?

  2. Ngiyabelana ngobufakazi bami kanye nodade engibaqaphile na?

Amanothi

  1. Amadodakazi Embusweni Wami: Umlando kanye Nomsebenzi Wenhlangano Yabesimame Yenkululeko (2011), 3.

  2. Amadodakazi Embusweni Wami, 4.

  3. uCheryl A. Esplin, “Teaching Our Children to Understand,” Liahona and Ensign, May 2012, 12.

  4. uSpencer W. Kimball, ku Amadodakazi eMbusweni Wami, 117.

Shicilela