Ngo-2013
Bona, Ukhumbule, futhi Ubonge
Agasti 2013


Umlayezo WobuMongameli Bokuqala, uAgasti 2013

Bona, Ukhumbule, futhi Ubonge

Isithombe
NguMongameli uHenry B. Eyring

uNkulunkulu usicela ukuba sibonge Yena kunomayiziphi izibusiso esizitholayo ezivela Kuye. Kulula kithi ukuba sithandaze ngokungazimiseli, esikhathini esiningi siphinde amagama afanayo ngaphandle kokubanenhloso yokubonga isipho senhliziyo kuNkulunkulu. Kumele “sibonge … kumoya oNgcwele” (D&C 46:32) ukuze sizwe ukubonga okwangempela kulokho uNkulunkulu asinikeze kona.

Singakwazi kanjani ukukhumbula noma ingxenye yakonke uNkulunkulu asenzele kona? uMpostoli uJohane wabhala phansi lokho uMsindisi asifundisa kona mayelana nesipho sokukhumbula esivela ngesipho sangoMoya oNgcwele: “Kepha uMkhuseli, owuMoya oNgcwele, lowo uBaba ozakuwuletha egameni lami, uzakufundisa zonke izinto, futhi ulethe zonke izinto ukuba uzikhumbule, noma yini engiyishilo kuwe” (uJohane 14:26).

Umoya oNgcwele uyasikhumbuza lokho uNkulunkulu asifundise kona. Enye yezindlela futhi uNkulunkulu asifundisa ngayo yizibusiso Zakhe; ngakho-ke, uma sikhetha ukusebenzisa ukholo, uMoya oNgcwele uzoletha isihle sikaNkulunkulu ekukhumbuleni kwethu.

Ungacwaninga ngomthandazo namuhla. Ungalandela umyalelo othi “Uzakubonga iNkosi onguNkulunkulu wakho kuzozonke izinto” (D&C 59:7).

uMongameli uEzra Taft Benson (1899–1994) wabeka umbono wokuthi umthandazo wenza isikhathi sokwenza lokho. Wathi: “uMprofethi uJoseph wathi ngesinye isikhathi enye yezono ezinkulu labo Abangcwele bezinsuku Zokugcina abazobanesono ukuba nokungabi nokubonga. Ngiyathemba ukuthi abaningi bethu abakacabangi lokho njengesono esikhulu. Kujwayelekile kakhulu kithi emithandazweni yethu kanye nokucela kwethu eNkosini ukuba sicele izibusiso ezinye. Kepha ngesinye isikhathi ngicabanga ukuthi kumele sibheke kakhulu emithandazweni yethu ekukhombiseni ukubonga kanye nokubonga izibusiso esivele sinazo. Esizijabulela kakhulu.”1

Ungathola isifundo esinjena kanye nesipho soMoya oNgcwele namuhla. Ungaqala umthandazo uwedwa ngokubonga. Ungaqala ubale izibusiso zakho bese futhi ume umzuzwana. Uma usebenzisa ukholo, ngesipho sikaMoya oNgcwele, uzakuthola ukuthi izibusiso ezinye ozikhumbulayo zizakugcwala engqondweni yakho. Uma uqala ngokukhombisa ukubonga isibusiso ngasinye, umthandazo wakho ungahle uthathe isikhathi eside kunokujwayelekile. Ukukhumbula kuzakuza, futhi nokubonga.

Ungazama into efanayo njengoba ubhala kwijenali yakho. uMoya oNgcwele usize abantu ngalokho kusukela ekuqaleni kwesikhathi. Uyakhumbula ukuthi incwadi kaMose ithi, “Futhi incwadi yokukhumbula yagcinwa, lapho okwabhalwa khona phansi, ngolwimi lukaAdamu, ngoba yanikezwa kubobonke ababizwa nguNkulunkulu ukuba babhale ngomoya ogqugquzelisayo ” (uMose 6:5).

uMongameli uSpencer W. Kimball (1895–1985) uchaze lomsebenzi wokubhala ngokugqugquzeliswa: “Labo abagcina incwadi yokukhumbula bangakwazi ukukhumbula iNkosi ezimpilweni zabo mihla yonke. Amajenali indlela yokubala izibusiso zethu kanye nokugcinela amadlozi umlando walezibusiso.2

Njengoba uqala ukubhala, ungazibuza wena, “uNkulunkulu ungibusise kanjani mina kanye nalabo engibathandayo?” Uma wenza lokho njalo ngokwanele futhi nangokholo, uzakuzithola ukhumbula izibusiso. Futhi ngesinye isikhathi uzakuthola izibusiso ezilethwe engqondweni yakho lezo ohluleke ukuzibona ngosuku kepha uzakwazi ukubona lapho isandla sikaNkulunkulu esithinte khona empilweni yakho.

Ngiyathandaza ukuthi singakwazi ukwenza umzamo oqhubekayo okholweni ukuze sikwazi ukubona, sikhumbule, futhi sibenokubonga kulokho uBaba wethu waseZulwini kanye noMsindisi wethu abakwenzile futhi nokuvula indlela eya ekhaya kuBona.

Amanothi

  1. uEzra Taft Benson, God, Family, Country: Our Three Great Loyalties (1974), 199.

  2. uSpencer W. Kimball, “Listen to the Prophets,” Ensign, May 1978, 77.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Kumlayezo wakhe, uMongameli Eyring usimema ukuba sikhumbule isihle sikaBaba waseZulwini emthandazweni yethu. Xoxisana kanye nalabo obafundisayo ukuba ukuthandaza ngokubonga kungasiza thina sikwazi ukubona isandla sikaNkulunkulu ezimpilweni zethu. Cabanga ngokuthandaza uguqile kanye nalabo obafundisayo futhi ubeke umbono kulowo ozakuthandaza ukuthi akhombise ukubonga kuphela.

Futhi ungakwazi ukufunda ngokubaluleka kokubonga ngokufunda lamavesi ekungezeni kumavesi lawo uMongameli uEyring awashilo: Amahubo 100; uMozaya 2:19–22; uAlma 26:8; 34:38; Imfundiso kanye Nezivumelwano 59:21; 78:19; 136:28.

Shicilela