Ngo-2013
Isipho sikaJen
Okthoba 2013


Intsha

Isipho sikaJen

Umbhali uhlala eUtah, USA.

Ngakhetha izindlela eziningi ezingalungile ngomnyaka wami wokuqala esikoleni esiphezulu. Izinqumo lezo zenza ukuba kube nemibangela emibi futhi nokudumala, futhi ngakhetha ukuba ngisebenzise ukuphumula kwami kwasehlobo ukuba ngiqale ngenze ushintsho. Ngenkathi isikole siqala futhi, ngadla ilanstshi endaweni yokugezela noma endaweni evulekile ukuba ngibalekele ukuba nobudlelwane obubi obuzayo obungimele.

Azange ngizizwe ngingedwa kanjena.

uNkulunkulu ungipha isipho: Wangithumelela uJen. Azange angehlulele ngamaphutha ami engawenza kepha wangigqugquzela ukuba ngiqhubeka ngihambe endleleni elungungile. Ezazi ukuba uzakuba esikoleni kwangisiza ukuba ngiqhubeke ngifunde izincwadi zenkolo futhi ngikhulise ubufakazi bami. Ngenkathi kufika isikhathi sokudlulela phambili, ngazibonakalise ukuthi ngangizimisele ukuba ngishintshe.

Ngesinye isikhathi ngiyengizibuze ukuba ngabe ngikuphi namuhla uma uJen azange angisize. Ngabe ngagcina imithetho yami ngaphandle kwakhe na? Ngenhlalnhla, angisoze ngazi ngokuba wayehlezi ekhona njalo ngenhliziyo yonke yakhe, ezilungiselele futhi efisa ukuba angisize.

Shicilela