Ngo-2013
Woza, Hlanganyela Nathi
Novemba 2013


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uNovemba 2013

Woza, Hlanganyela Nathi

Noma ngabe isimo sakho sinjani, umlando wakho, noma ukuqina kobufakazi bakho, kukhona isikhala sakho kuleli Bandla.

Kwake kwaba khona indoda eyaphupha ukuthi yayisehholweni elikhulu lapho zonke izinkolo ezazihlanganyele khona. Wabona ukuthi inkolo ngayinye yayithandeka futhi ifanele.

Wahlangana nezithandani ezazimele iBandla likaJesu Kristu labaNgcwele Bezinsuku Zokugcina wase ebuza, “Yini eniyidingayo kumalungu enu?”

Thina asidingi lutho,” baphendula. “KodwaiNkosi icela ukuthi sinikele konke,”

Izithandani zaqhubeka zachaza ngobizo eBandleni, ukufundisa ngokuvakasha emakhaya, abafundisi bezenkolo ngokuphelele, isikhathi somndeni ekhaya njalo nagamasonto, umsebenzi ethempelini, inhlalakahle nomsebenzi womthandabantu, nomsebenzi wokufundisa.

“Niyabakhokhela abantu benu ngomsebenzi abawenzayo?” indoda yabuza.

“Cha bo,” izithandani zachaza. “Banikela ngesikhathi sabo mahhala.”

“Futhi,” izithandani zaqhubeka, “njalo ezinyangeni eziwu-6 iBandla lethu lichitha impelasonto lihamba noma libuka amahora awu-10 enkomfa kawonkewonke.”

“Amahora ayishumi abantu abanikeza izinkulumo?” indoda yazibuza.

“Izinkonzo zenu ngesonto zona? Zinde kangakanani?

“Amahora amathathu, njalo ngeSonto!”

“We, mina,” kwasho indoda. “Abazalwane benu bayakwenza ngempela lokhu okushilo?”

“Lokho nokunye, “Asikakabali ngisho nomlando womndeni, izinkampu zentsha, ukukhonza, ukufundwa kwezincwadi ezingcwele, ukuqeqeshwa kwabaholi, iseminari yasekuseni kakhulu, ukunakekela izindlu zeSonto, futhi kukhona umthetho wempilo kaNkulunkulu, ukuzila ukudla izinyanga zonke ukuze sisize abampofu, neminikelo.”

Indoda yathi, “Manje sengididekile. Yingani umuntu angafuna ukujoyina ibandla elinje?”

Izithandani zamamatheka futhi zathi, “Besicabanga ukuthi awusoze wabuza.”

Yingani Umuntu Engajoyina iBandla elinje?

Esikhathini lapho amasonto amaningi emhlabeni jikelele ehlangabezana nokwehla okubonakalayo ezinombolweni, iBandla likaJesu Kristu labaNgcwele Bezinsuku Zokugcina—noma lincane uma liqhathaniswa namanye amaningi—lingamanye lamasonto akhula ngokushesha kakhulu emhlabeni. Kusukela ngoSepthemba 2013 iBandla linamalunga angaphezu kwezigidi ezingu-15 emhlabeni wonke.

Ziningi izizathu zalokhu, kepha nginganikeza ezimbalwa?

iBandla LikaMsindisi

Okukuqala, leli iBandla labuyiswa ezinsukwini zethu nguJesu Kristu ngoKwakhe. Lapha uzothola imvumo yokusebenza ngegama Lakhe—yokubhabhadiselwa ukuthethelelwa kwezono, yokunikeza isipho soMoya oNgcwele, neyokuhlanganisa emhlabeni nasezulwini.1

Labo abajoyina leliBandla bathanda uMsindisi uJesu Kristu futhi bafisa ukulandela Yena. Bayajabula ngolwazi lokuthi uNkulunkulu uphinde akhulume kanye nabantu. Ngesikhathi bethola izimiso zobupristi ezingcwele futhi benze izithembiso ezingcwele kanye noNkulunkulu, bayakhona ukuzwa amandla Akhe ezimpilweni zabo.2 Ngesikhathi bengena ethempelini elingcwele, bayezwa ukuthi Unabo. Ngesikhathi befunda imibhalo engcwele3 futhi bephila izimfundiso zabaProfethi Bakhe, bayasondela maduzane kanye noMsindisi abamuthanda kakhulu.

Ukholo Olusebenzayo

Esinye isizathu ukuthi iBandla linekezana ngamathuba okwenza okuhle.

Ukukholelwa kuNkulunkulu kuyancomeka, kodwa iningi labantu lifuna ukwenza okungaphezulu kokulalela izintshumayelo ezivuselelayo noma bephuphe ngezindlu zabo ezingaphezulu.4 Bafuna ukufaka ukholo lwabo ekusebenzeni. Bafuna ukugoqa imikhono futhi bazibandakanye kulomsebenzi omuhle.

Futhi yilokho ekwenzakalayo ngesikhathi behlanganyela nathi—baba namathuba amaningi okuguqula amakhono abo, isihawu, nesikhathi ekwenzeni imisebenzi emihle. Ngoba asinabo abaholi abakhokhelwayo emabandleni ethu emhlabeni jikelele, amalungu ethu enza umsebenzi wokushumayela ngokwabo. Babizwa ngokugqugquzelelwa. Ngezinye izikhathi siyazinikela; ngezinye izikhathi siya”nikelwa.” Sibona imisebenzi hhayi njengemithwalo kepha njengamathuba okugcina izethembiso esizenza ngokujabula ukuze sisebenzele uNkulunkulu kanye nabantwana Bakhe.

Izibusiso Ezingamagugu

Isizathu sesithathu sokuba abantu bajoyine iBandla yingoba ukuhamba indlela yobufundi kuholela ezibusisweni eziyigugu.

Sibona ukubhabhadiswa njenge ndawo yokuqala kohambo lwethu lobunceku. Uhambo lwethu lansuku zonke noJesu Kristu luholela oxolweni nasenhlosweni kule mpilo nasentokozweni yangempela nokusindiswa okungunaphakade emhlabeni ozayo.

Labo abalandela lendlela ngokukholwa bagwema izingozi eziningi, izinsizi, nokuzisola empilweni.

Labo abaswele ngokomoya ongcwele futhi abathembekile ngokwehliziyo bathola umcebo wolwazi khona lapha.

Laba abahluphekileyo noma abadabukileyo bathola ukulapheka khona lapha.

Laba abathwesiwe ngezono bazothola ukuthethelelwa, inkululeko,kanye nokuphumula.

Kulabo Abashiyayo

Ukucinga iqiniso sekulethe izigidi zabantu eBandleni likaJesu Kristu labaNgcwele Bezisuku Zokugcina. Kepha, kukhona abalishiyayo iBandla abake balithanda.

Oyedwa kungenzaka ebuze, “Uma ivangeli lilihle kangaka, yini engenza umuntu ahambe?”

Ngezinye izikhathi sicabanga ukuthi yingoba baphatheke kabi, noma bayavilapha, noma banezono. Empeleni, akukho lula kanjalo. Empeleni, akukho sizathu esisodwa nje esifanele izimo ezahlukahlukene.

Amanye amalungu ethu athandekayo alwa iminyaka nombuzo wokuba kumele bazihlukanise kanye neBandla.

Kuleli Sonto elihlonipha ukukhetha komuntu kakhulu kanje, elabuyiswa umfana omncane owabuza imibuzo wafuna izimpendulo, siyabahlonipha labo abacinga iqiniso ngokuthembeka. Kungase kuphule izinhliziyo zethu ngesikhathi uhambo lwabo lubasusa eSontweni esilithandayo neqiniso esesilitholile, kepha siyalihlonipha ilungelo lwabo lokudumisa iNkosi uSomandla ngokubona kwanembeza wabo, njengoba nathi senza njalo.5

Imibuzo Engaphenduliwe

Abanye balwa nemibuzo engaphenduliwe ngezinto ezenziwe noma ezishiwo esikhathini esidlulileyo. Siyavuma ngokuvulekile ukuthi eminyakeni ecise ibe ngu-200 womlando weSonto—nolayini ongaphazamisiwe wezigameko ezifunzelelwe, eziqotho nezingcwele,—kube khona izinto ezithize ezishiwo futh ezenziwe ezingenza abantu bengabaze.

Ngezinye izikhathi imibuzo iyaqhamuka ngoba ngokulula asinakho konke ukwaziswa futhi sidinga isineke esandile kancane nje. Ngesikhathi iqiniso lonke selaziwa, izinto ebezingacacile kuthina ekuqaleni sizoxazululwa size saneliseke.

Ngezinye izikhathi kukhona omunye umbono ekutheni “amaqiniso” achaza ukuthini empeleni. Umbuzo oletha ukungabaza kwabanye, emuva kokuphenya ngesineke, ungakha ukholo kwabanye.

Amaphutha Abantu Abangahlabahlosile

Futhi, ukusho ngokuqondisa, kube khona izikhathi lapho abazalwane noma abaholi beSonto bevele benza amaphutha. Kungabe kukhona izinto ezishiwo noma ezenziwe ezingahambisani nokulunga. nemigomo, noma nezimfundiso zethu.

Ngiyacabanga iSonto lingabahlabahlosile uma kuwukuthi liphethwe ngabantu abahlabahlosile. UNkulunkulu Uhlabahlosile, futhi izimfundiso Zakhe zimsulwa. Kodwa usebenza ngathi— abantwana Bakhe abangahlabahlosile, kanti abantu abangahlabahlosile benza amaphutha.

Ekhasini lobizo leNcwadi kaMormoni sifunda, “Futhi manje, uma kukhona izinsolo kungamaphutha abantu; ngalokho-ke, ungazeyi izinto zikaNkulunkulu, ukuze wena kumbe utholakale ungenabala esihlalweni sokwahlulela sikaKristu.”6

Yile indlela okwakuhlezi kunjalo futhi okuzohlala kunjalo kuze kuba yilolo suku olumsulwa ngesikhathi uJesu Kristu esebusa Yena lapha emhlabeni.

Kuyishwa ukuthi abanye sebakhubeka ngenxa yamaphutha enziwe ngabantu. Kodwa noma kunjalo, iqiniso langunaphakade levangeli elibuyisiwe elitholwa eBandleni likaJesu Kristu labaNgcwele Lezinsuku Zokugcina alingcolisiwe, alinciphile, alibhujisiwe.

NjengomPostoli weNkosi uJesu Kristu futhi njengoyedwa oseke wabona imikhandlu nokusebenza kweSonto, ngibeka ubufakazi beqiniso ukuthi asikho isinqumo esibalulekile esithinta leliBandla noma amalungu alo esenzwe ngaphandle kokufuna ugqozu, ukweluleka, nemvumo kaBaba wethu waseZulwini. Leli iBandla lika Jesu Kristu. UNkulunkulu ngeke avumele iBandla Lakhe lisuke endleleni elibekwe kuyona noma lihluleke ukufeza ubizo olungcwele.

Sikhona Isikhala Sakho

Kulabo asebezihlukanisile kanye neBandla, ngithi, bangani bami abathendekileyo, kusekhona isikhala senu lapha.

Wozani nizongeza ngamakhono enu, izipho, namandla enu kulawo ethu. Sizoba ngcono sonke ngomphumela.

Abanye bangabuza, “Kodwa ukungabaza kwami kona?”

Kulindelekile ukuba nemibuzo—inhlamvu yokubuza ngokuthembeka imile kaningi futhi yakhula yaba isihlahla esikhulu sokuqonda. Khona amalungu ambalwa eBandla angakaze, ngesikhathi esisodwa noma esinye, elwe nemibuzo ebalulekile noma enozwelo. Enye yezinjongo zeBandla ukunakekela nokulima inhlamvu yokholo—ngisho nasenhlabathini yobungabaza nokungaqinisekiseki ngezinye izikhathi. Ukholo ukwethemba kwezinto lezo ezingabonakaliyo, lezo eziyiqiniso.7

Ngakho-ke, bafowethu nodadebethu—bangani bami abathandekileyo—ngiyacela, qalani ngokungabaza ungangabaza kwenu ngaphambi kokuba ningabaze ukholo lwenu.8 Akumele sivumele ukungabaza kusibambe njengeziboshwa futhi kusisuse othandweni olungcwele, kuxolo, naseziphweni eziqhamuka ngokholo eNkosini uJesu Kristu.

Abanye bangathi,”Angilingani nani nina bantu abaseBandleni.

Uma ungabona ngaphakathi kwezinhlizyo zethu, cishe ungathola ukuthi ulingana kangcono kunalokhu okucabangayo. Ungamangala ukuthola ukuthi sinezifiso nobunzima namathemba acishe afane nawakho. Umlando wakho nokukhula kwakho kungabukeka kuhlukile kunalokhu okubona kwamaKholwa eziNsuku Zokucina, kodwa lokho kungaba yisibusiso. Bafowethu kanye nodadebethu, bangani abathandekileyo, siyawadinga amakhono nokubona kwenu okuhlukile. Ukungafani kwabantu umhlaba wonke kungamandla aleli Bandla.

Abanye bangathi, “Angiboni ukuthi ngingakwazi ukuphila imithetho yenu.

Okuyisona isizathu kakhulu sokuthi uze! IBandla lakhiwe ukondla abangahlabahlosile, abazamayo, futhi nabakhathele. Ligcwele abantu abafisangenzihliziyo zabo zonke ukugcina imithetho, noma bengakabi umpetha kuyona.

Abanye bangathi, “Kukhona ilungu leBandla lenu engilaziyo elingumzenzisi. Angisoze ngajoyina ibandla lelo elinomuntu oyilungu onjengaye.

Uma uchaza umzenzisinjengomuntu ohlulekayo ukuphila ngokuhlabahlosile lokho akukholwayo, kusho ukuthi sonke singomzenzisi. Akekho owethu ofana njengoKristu njengoba sazi kumele sibe. Kepha siyafuna ngempela ukunqoba amaphutha ethu nokujwayela ukona. Ngezinhliziyo nemiphefumulo yethu, siyafisa ukuba ngcono ngosizo lokuHlawulelwa kukaJesu Kristu.

Uma lokhu kuyizifiso zakho, kusho ukuthi noma ngabe zinjani izimo zakho, umlando wakho, noma ukuqina kobufakazi bakho, sikhona isikhala sakho kuleliBandla. Woza, hlanganyela nathi!

Woza, Hlanganyela Nathi!

Ngisho noma singahlabahlosile njengabantu, ngiyaqinisekisa ukuthi uzothola kumalungu aleli Bandla imiphefumulo eminingi elungileyo lapha emhlabeni. IBandla lika Jesu Kristu kungathi liheha abanomusa futhi abakhathalelayo, abathembekile kanye nalabo abasebenza kanzima.

Uma ulindele ukuthola abantu abahlabahlosile lapha, uzophoxeka. Kodwa uma ufuna izimfundiso zikaJesu Kristu ezimsulwa, izwi likaNkulunkulu eli “pholisa umphefumulo olimeleyo”9 nomthelela wokuhlanza kaMoya oyiNgcwele, yilapha ozakuthola khona. Kulesikhathi sokholo olunciphayo—kulesikhathi abaningi bezizwe bekude nokugonwa kwasezulwini—lapha uzothola abantu abafisayo ukwazi futhi ukusondelana noMsindisi wabo ngokusebenzela uNkulunkulu nabanye, njengawe nje. Woza, hlanganyela nathi!

Nani Nizakuhamba Na?

Ngikhumbula isikhathi empilweni kaJesu Kristu lapho abaningi bamulahla.10 uJesu wabuza abefundisi abayishumi nambili:

“Nani Nizakuhamba na?

“USimoni Peter wamphendula wathi, Nkosi, siyakuya kubani na? amazwi okuphila okuphakade akuwe.”11

Kukhona izikhathi lapho nathi kumele siphendule umbuzo ofanayo. Nani nizakuhamba na? Noma sizo, njengoPeter, bambelela kakhulu emazwini okuphila okunganaphakade.

Uma ubheka iqiniso, ingqondo, nendlela yokuguqula ukholo lwakho libe yisenzo, uma ufuna indawo yokwamukelwa: Woza, hlanganyela nathi!

Uma usulishiyile ukholo owake walamukela: Buya futhi. Hlanganyela nathi!

Uma ulingeka ukuba ushiye: Hlala isikhashana. Sikhona isikhala sakho lapha.

Nginxusa bonke abezwa noma abafunda lamagama lawa: Woza, hlanganyela nathi. Woza uzolalela ubizo lukaKristu Omnene. Thatha isiphambano sakho umlandele.12

Woza, hlanganyela nathi! Ngoba lapha uzakuthola okungamagugu adlula intengiso.

Ngiyafakaza ukuthi lapha uzothola amazwi okuphila okungunaphakade, isithembiso sokusindiswa okubusisiwe futhi nendlela eya kuxolo kanye nenjabulo.

Ngithandaza kakhulu ukuba ukucinga kwakho iqiniso kuzobonakaliswa enhliziyweni yakho ukufisa ukuza uzohlanganyela nathi. Egameni elingcwele likaJesu Kristu, amen.

Shicilela