Ngo-2013
Angeke Ngakuphoxa, Angeke Ngakushiya
Novemba 2013


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, uNovemba 2013

“Angeke Ngakuphoxa, Angeke Ngakushiya”

UBaba wethu waseZulwini …uyazi ukuthi siyafunda futhi siyakhula futhi siba namandla amaningi njengoba sibhekana futhi siphila ebunzimeni ekumele sidlule kubona.

Kwijenali yami namuhla ebusuku, ngizobhala, “Lena ibe enye yezinkomfa kawonkewonke engigqugquzelile kakhulu ukwedlula ezinye engiyengazambela. Yonke into ibisezingeni eliphezulu ngokomoya.”

Bafowethu kanye nodadebethu, ezinyangeni eziyisithupha ezidlulileyo njengoba sihlangana ndawonye kwinkomfa kawonkewonke, unkosikazi wami olungileyo, uFrances, wayelele esibhedlela, emuva kokuba evelelwe ukuwa ukwakukubi kakhulu ezinsukwini ezimbalwa ezadlulayo. NgoMeyi, emuva kwamasonto okulwa ngesibindi ukuba anqobe ukulimala kwakhe, wangena engunaphakadeni. Ukulahlekelwa kwakhe bekujulile. Mina naye sashada eThempelini laseSalt Lake ngo-Okthoba 7, 1948. Kusasa bekungabe yinkumbuzo yomshado wethu yeminyaka engu-65. Wayeyisithandwa sempilo yami, isifuba sami esithembekileyo, futhi nomngani wami omkhulu kakhulu. Ukuthi ngiyamukhumbula akuqali nokuveza ukujula kwemizwa yami.

Lenkomfa yenza iminyaka engu-50 selokhu ngabizwa ukuba eNhlanganweni yamaPostoli Ayishumi nambili nguMongameli uDavid O. McKay. Kuyo yonke leminyaka angikaze ngizwe lutho kepha ukugcwala futhi nokuphelela kokusekelwa umngani wami olungileyo. Miningi iminikelo ayenza ukuze ngikwazi ukufeza ubizo lwami. Angikaze ngizwe igama elinokukhononda eliphuma kuye njengoba esikhathini esiningi kwakudingeka ngichithe izinsuku futhi ngezinye izikhathi amasonto ngikude naye kanye nabantwana bethu. Wayeyingelosi, ngempela.

Ngifisa ukudlulisa ukubonga kwami, kanye nokomndeni wami, ngokuthela okukhulu kothando okufikile kithi selokhu uFrances wadlula emhlabeni. Amakhulu amakhadi nezincwadi athunyelwa ephuma emhlabeni jikelele edlulisa ukuncoma kuyena nenduduzo emndenini wethu. Sathola izinhlelo zezimbali eziningi. Siyabonga ngeminikelo eminingi eyathunyelwa egameni lakhe esiKhwameni sabaFundisi Bezenkolo Jikelele seBandla. Egameni lalabo abashiyile ngemuva, ngidlulisa ukubonga obujulile ngokuveza kwenu umusa nemizwa yenhliziyo.

Okungiduduza kakhulu ngalesi sikhathi esithambile sokuhlukana kube ubufakazi bami bevangeli likaJesu Kristu nolwazi enginalo lokuthi uFrances wami othandekileyo usaphila namanje. Ngiyazi ukuhlukana kwethu okwesikhashana. Sahlanganiswa endlini kaNkulunkulu ngumuntu onemvumo yokuhlanganisa emhlabeni nasezulwini. Ngiyazi ukuthi sizohlangana futhi ngolunye usuku singaphinde futhi sihlukane. Yilo lolulwazi elingiqinisayo.

Bafowethu kanye nodadebethu, kungashiwo ngokuqinisekisa ukuthi akekho umuntu oke waphila impilo engenakho nhlobo ukuhlupheka nosizi, futhi akukaze kube khona isikhathi emlandweni wabantu esingabanga nesabelo esigcwele sobunzima nokudumala.

Ngesikhati indlela yempilo ithatha ukujika okunonya, kukhona ukulingeka kokuba ubuze lombuzo “Yingani kube yimina?” Ngezinye izikhathi kubukeka ngathi akukho ukukhanya ekugcineni kwethonela, akukho ukukhanya kwelanga okuzonqoba ubumnyama basebusuku. Sizizwa sizungeziwe ukudumala kwezifiso eziphukile nokudabuka kwamathemba anyamalele. Sihlangana ekushonini ukunxusa okwencwadi engcwele, “Ibhalisamu alikho kwaGileyadi na?”1 Sizizwa silahliwe, siphukelwe yizinhiliziyo, sisodwa. Kuyenzeka ukuba sibuke amashwa ethu ngendlela echezukile yobumbonambi. Siba nhliziyomfushane ngesixazululo sezinkinga zethu, sikhohlwe ukuthi kaningi ukulunga okungcwele okuyisineke kuyadingeka.

Ubunzima obuza kithi kusinikeza isivivinyo sangempela sokwazi kwethu ukubekezela. Umbuzo obalulekile usasele ukuba uphendulwe yithi sonke: Ngizohluleka, noma ngizoqeda? Abanye bayahluleka ngesikhathi bezithola bengakwazi ukunyuka ngaphezu kwezinselelo zabo. Ukuqeda kuhlangene nokubekezela kuze kube sekugcineni kwempilo imbala.

Ngesikhathi sicabanga ngezehlakalo ezingasivelela sonke, singasho njengoJobe owakudala, “Umuntu uzalelwa ukuhlupheka.”2 UJobe wayengumuntu “ongenasici nolungileyo” owaye “mesaba uNkulunkulu, futhi ebalekela okubi.”3 Elungileyo ekuziphatheni kwakhe, ephumelela ekucebeni kwakhe, uJobe wayezobhekana nesivivinyo esasingashabalalisa noma ngubani. Ephuciwe umcebo wakhe, eklolodelwe ngabangani bakhe, edabukiswe ukuhlupheka kwakhe, ebhuqiwe ukulahlekelwa komndeni wakhe, waphoqeleka ukuba “aqalekise uNkulunkulu, futhi azafe”4 Wasinqaba lesi silingo futhi wamemezela kusuka ekujuleni komphefumulo wakhe olungileyo:

“Buka, ufakazi wami usezulwini; futhi irekhodi lami lisekuphakameni.”5

“Ngiyazi ukuthi uMmsindisi wami uyaphila”6

uJobe wayigcina inkolo. Ngabe nathi sizokwenza ngokufanayo ngesikhathi sibhekana kanye nalezo zivivinyo ezizobe zingezethu?

Noma inini uma kwenzeka sizizwe sicindizelwe ukuvunguza kwempilo, asikhumbule ukuthi abanye bayihambile leyo ndlela efanayo, babekezelile, futhi base banqoba.

Umlando weSonto kulokhu, ukuhlela impatho ngokugcwaliseka kwezikhathi, ugcwele izipiliyoni zalabo abahluphekile kodwa bahlala babambelela futhi bejabulile. Isizathu? Benze ivangeli likaJesu Kristu inkaba yempilo yabo. Yilokho okuzosidlulisa kunoma yini eza endleleni yethu. Sisazoba nezivivinyo ezinzima, kodwa sizokwazi ukubhekana nazo, ukubhekana nazo nqgo, futhi siphume sinqobile.

Kusukela embhedeni wezinhlungu, emcamelweni omanzi yizinyembezi, siphakamiselwa ezulwini ngesethembiso esingcwele nesithembiso esiligugu: “Angeke ngakuphoxa, angeke ngakushiya”7 Induduzo enje ayinantengiso.

Njengoba ngihambe kude futhi kabanzi emhlabeni jikelele ngifeza izidingo zobizo lwami, ngifike ekwazini izinto eziningi—okunye kube ukuthi usizi nokuhlupheka kuvelela wonke umuntu. Angikwazi ukuqala ngilinganise konke ukudabuka nosizi engikubonile ngesikhathi ngivakashela labo ababhekene nenhlupheko, abagulayo, ababhekene nokuhlukanisa, abalwa nendodana noma nendondakazi ephambukile endleleni, noma abahlushwa imiphumela yezono. Uhla lungahamba lungapheli, ngoba ziningi izinkinga ezingasivelela. Ukukhombisa isibonelo esisodwa kunzima, lapho noma inini uma ngicabanga ngezivivinyo, imicabango yami ijikela kuMfo uBrems, omunye wothisha bami baseSikoleni seSonto ngesikhathi ngisengumfana. Wayeyilunga leBandla elithembekile, indoda enenhliziyo yegolide. Yena nonkosikazi wakhe, uSadie, babenabantwana abayisishiyagalombili, abaningi babo beniminyaka elingana nalabo ababesemndenini wethu.

Emuva kokuba mina noFrances sishade futhi sithuthe ewodini, sabona uMfo kanye noDade uBrems namalunga omndeni wabo emishadweni nasemingcwabeni, futhi nasemihlanganweni wamawodi.

Ngo-1986, uMfo u Brems walahlekelwa inkosikazi yakhe, uSadie. Ababili babantwana bakhe nabo badlula emhlabeni ngokuhamba kweminyaka.

Ngolunye usuku, cishe eminyakeni ewu-13 eyadlula, umzukulu kaMfo uBrems omdala wangishayela ucingo. Wachaza ukuthi umkhulu wakhe wayesefike osukwini lwakhe lokuzalwa lesi-105. Wathi, “Uhlala emgumbini wokunakekelwa omncane kodwa uhlangana nomndeni wakhe wonke njalo ngeSonto, lapho afundisa khona isifundo sevangeli. Waqhubeka, “KuleliSonto elidlulile, uMkhulu wasitshela ukuthi, “Zithandwa zami, ngizoshona kulelisonto. Ngicela nibize uTommy Monson. Uzokwazi ukuba enzeni.”’

Ngavakashela uMfo uBrems ngokuhlwa okulandelayo. Kwakuseyisikhashana ngingamboni. Ngangingakwazi ukukhuluma naye, ngoba wayengesezwa ezindlebeni zakhe. Ngangingakwazi ukumbhalela umlayezo ukuthi awufunde, ngoba wayengasaboni emehlweni. Ngatshelwa ukuthi umndeni wawukhuluma naye ngokuthatha umunwe wakhe wesandla sokudla bese udweba empameni yesandla sakhe sokunxele igama lomuntu owayemuvakashele. Noma yimuphi umlayezo wawumele udluliswe ngalendlela efanayo. Ngalandela indlela yokwenza ngokuthatha umunwe wakhe ngibhale T-O-M-M-Y M-O-N-S-O-N, igama owayehlezi engazi ngalo. Umfo uBrems wavuseleleka futhi, ethatha izandla zami, wazibeka phezu kwekhanda lakhe. Ngangazi ukuthi isifiso sakhe kwakuwukuba athole isibusiso sobupristi. Umshayeli owayengiyise emgumbini wokunakekela wahlangana nami ngesikhathi sibeka izandla zethu phezu kwekhanda likaMfo uBrems futhi samunikeza isibusiso asifisile. Emva kwalokho, izinyembezi zagobhoza emehlweni akhe angaboni. Wabamba izindla zethu ngokubonga. Noma ayengasizwanga isibusiso esamunika sona, uMoya oNgcwele wawunamandla, futhi ngiyakholwa wayegqugquzelekile ukuba azi ukuthi yithi okwakumele simunikeze isibusiso ayesidinga. Le ndoda elungileyo beyingasakwazi ukubona. Beyingasakwazi ukuzwa. Wayevalelwe ubusuku nemini ekamelweni elincane emgumbini wokunakekelwa. Kepha ukumoyizela ebusweni bakhe namazwi awakhuluma kwathinta inhliziyo yami. “Ngiyabonga,” washo. “UBaba wami waseZulwini ungiphethe kahle kakhulu.”

Ngeviki, njengoba uMfo u Brems ayebikezelile, wadlula emhlabeni. Akakaze ahlale ezintweni ayeziswela, kungenakho, wayehlezi enokubonga obujulile ngezibusiso zakhe.

UBaba wethu waseZulweni, osinikeza okuningi esingakujabulela, uyazi nokuthi siyafunda futhi siyakhula futhi siba namandla kakhulu ngesikhathi siphila ebunzimeni okumele sidlule kubo. Siyazi ukuthi kukhona izikhathi lapho sizoba nokudumala obuphula inhliziyo, ngesikhathi sidabuka, futhi ngesikhathi sihlolwa kuze kube yisemkhawulweni wethu. Kepha, ubunzima obunje kusivumela ukuba sishintshele ukuba ngcono, siphinde sakhe izimpilo zethu ngale ndlela uBaba wethu waseZulwini asifundisa ngayo, futhi ukuba sibe yinto ehlukile kunalokhu ebesiyikona— sibe ngcono kunalokho ebesiyikona, sibe nokuqondisisa okwandile kunalokho ekade sinakho, sibe nozwelo olwandile kunalolo ebisinalo, sibe nobufakazi obunamandla ngaphezu kwalokho ekade sinakho.

Lokhu kumele kube yinhloso yethu— ukuba siphikelele futhi sibekezele, yebo, kepha futhi silungeselelwe ngokomoya ongcwele njengoba sidlula ekukhanyeni kwelanga nasendabukweni. Ukuba asinazo izivivinyo okumele sizinqobe nezinkinga okumele sizixazulule, ngabe sihlala njengoba sinje, sinencane noma singanayo nhlobo intuthuko enhlosweni yethu yempilo engunaphakade. Imbongi yadlulisa umcabango ofanayo kula mazwi:

Ukhuni alikhuli kalula,

Ubukhulu kwamandla omoya, ubukhulu kwamandla ezihlahla.

Izulu uma likude, ubude balo bukhulu.

Ukwanda kwezivunguvungu, ukwanda kwamandla.

Ngelanga nokubanda, ngokunetha nangeqhwa,

Ezihlahleni nasebantwini, ukhuni oluhle liyakhula.8

NguMfundisi kuphela owazi ukujula kobunzima bethu, izinhlungu zethu, nokuhlupheka kwethu. UYena yedwa osinikeza ukuthula kwaphakade ngesikhathi sobunzima. UYena yedwa othinta imiphefumulo yethu ehlukumezekile ngamazwi akhe aduduzayo:

“Zanini kimi nina, nonke enikhatheleyo futhi enisindwayo, mina ngizakuninika ukuphumula.”

“Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde ngami; ngokuba ngimnene futhi ngithobile ngenhliziyo: nizakuthola ukuphumula emiphefumulweni yenu.

“Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”9

Noma kuyisikhathi esihle kakhulu noma esibi kakhulu, Yena ukanye nathi. Usithembisile ukuthi lokhu akusoze kwashintsha.

Bafowethu kanye nodade bami, masibe nokuzinikela kuBaba wethu waseZulwini okungabambeki futhi kudedeleke neminyaka noma nezinkinga zezimpilo zethu. Akumele sidlule ebunzimeni ukuze Yena simkhumbule, futhi akumele siqhutshwe ekufikeni kokuzotha ngaphambi kokuba sinikeze Yena ukholo lwethu nethemba lethu.

Make sizame njalo ukuba seduzane kukaBaba wethu waseZulwini Ukwenza njalo, kumele sithandaze kuYena futhi simulalele zonke izinsuku. Siyamudinga ngempela njalo ngehora, noma yingabe ngamahora okukhanya kwelanga noma emvula. Isithembiso Sakhe masihlezi sisibhekile: ““Angeke ngakuphoxa, Angeke ngakushiya”10

Ngamandla omphefumulo wami wonke, ngiyafakaza ukuthi uNkulunkulu uyaphila futhi uyasithanda, nokuthi iNdodana Yakhe eZelwe Yodwa yaphila futhi yafela thina, nokuthi ivangeli likaJesu Kristu yileso sibani esingena sikhazimule ebumnyameni bezimpilo zethu. Make kube njalo, ngiyathandaza egameni elingcwele likaJesu Kristu, amen.

Shicilela