Ngo-2014
Iba Umuntu Ongcono kakhuku — Qala Manje
Januwari 2014


Intsha

Iba Umuntu Ongcono Kakhulu—Qala Manje

UMongameli Uchtdorf usifundisa ukuthi “izinhloso zethu zingaveza ubungcono obukhulu ngathi.” Cabanga ngokubeka izinhloso ezimbili noma ezintathu kwizindawo ezimayelana nempilo yakho, njengempilo yomzimba, impilo yangokomoya, kanye nobuhlobo, isibonelo. Yimiphi imiphumelo ongahle uyithande ukuba ifezeke kulezindawo kuwo lonyaka? Njengoba ukhuleka ucabanga ngezinhloso ezimbalwa, qinisekisa ukuba ziyafinyeleleka kepha zizodinga ukuba ukhule. Kwijenali yakho, chaza izinhloso zakho kabanzi ukuze ukwazi ukubona inqubekela phambili yakho ngenkathi unyaka uphela.

Shicilela