Ngo-2014
Isikhathi Esilungile kakhulu Sokutshala Isihlahla
Januwari 2014


uMlayezo Wokuqala WobuMongameli, uJanuwari 2014

Isikhathi Esilungile kakhulu sokuTshala Isihlahla

Isithombe
NguMongameli Dieter F. Uchtdorf

Esikhathini sakudala eRoma, uJanus wayeyinkosi yesiqalo. Wachazwa ngobuso obubili—obunye bubheke osekwadlula, obunye bubheke phambili kwisasa. Ezinye zolimi ziqophe inyanga kaJanuwari emva kwakhe ngokuba ukuqala konyaka kwakuyisikhathi sokubuka osekwenzekile kamuva futhi nokucabanga isu.

Eminyakeni engamakhulu adlulayo, amasiko amaningi emhlabeni wonke aqhubeka nesiko lokwenza izinqumo zonyaka omusha. Nangempela, ukwenza izinqumo kulula—kepha ukuzigcina kuyinto elukhuni.

Enye indoda eyabhala phansi izinto eziningi zezinqumo zoNyaka Omusha yazizwa ijabulile mayelana nenqubekela phambili yakhe. Wacabanga, Kusukela kudala, ngikwazile ukugcina indlela engidla ngayo, azange ngithukuthele, ngikwazile ukugcina indlela engisebenzisa ngayo imali yami, futhi azange nakanye ngikhononde mayelana nenja kamakhelwane wami. Kepha namuhla umhlaka Januwari 2 futhi i-alamu likhalile futhi isikhathi okumele ngiphume ngaso embhedeni. Kuzakuba yisimangaliso ukuba ngikwazi ukuqhubeka ngigcine izinhloso zami.”

Ukuqala Kabusha

Kunento emangazayo eletha ithemba mayelana nokuqala kabusha. Ngiyacabanga ukuthi ngesinye isikhathi sonke siyesacabanga ukuqala kabusha ngaphandle kwamaphutha.

Ngiyathanda ukuthola ikhomputha enehard-drive engenalutho. Esikhathini esithize isebenza kahle kakhulu. Kepha njengoba izinsuku kanye namaviki edlula futhi amaprogramu efakwa (amanye ngenhloso, amanye hhayi ngenhloso), ekugcineni ikhomputha iqala ingasasebenzi kahle, futhi nezinto ezazihlala zenziwa masishane futhi kalula zenzeka kancane. Ngesinye isikhathi ayisebenzi nje impela. Ngisho nokuyidumisa kungaba umsebenzi onzima njengoba ihard-drive igcwala izinto ezingadingekile kanye nezinto ezingasebenzi. Kunezinye izikhathi lapho indlela eyodwa ukususa izinto ezisekhomputheni futhi iqalwe kabusha.

Abantu abaphilayo nabo bangagcwala uvalo, ukungabaza, futhi bagcine icala. Iphutha esilenzile (ngenhloso kanye nokungahlosile) lingasisinda kuze kufike lapho kubukeka kunzima ukwenza lokho esikwaziyo ukuthi kumele sikwenze.

Mayelana nesono, kunendlela enhle kakhulu yokuqala kabusha ebizwa ngokuthiwa ukuguquka leyo esivumela ukuba sikwazi ukusula amahard-drive ethu angaphakathi agcwala izinto ezihlukumeza izinhliziyo zethu. Ivangeli, ngokuHlawulelwa kukaJesu Kristu okuyisimangaliso futhi nozwelo, kusikhombisa indlela yokuhlanza imiphefumulo yethu ekungcoleni kwesono futhi siphinde futhi sibe basha, sihlanzeke, futhi sibe msulwa njengengane.

Kepha kwesinye isikhathi ezinye zezinto zisihambisa kancane futhi zisibuyisele emuva, zenze imicabango engenamphumela olungile kanye nezenzo ezenza kube nzima kithi ukuba siqale kabusha.

Ukuveza Ubungcono obukhulu Ngathi

Ukubeka izinhloso kuwumzamo olungileyo. Siyazi ukuthi uBaba wethu waseZulwini unezinhloso ngokuba usitshelile ukuthi umsebenzi Wakhe kanye nombuso u “kuletha ukungafi ngokomzimba komuntu kanye nempilo yangunaphakade” (uMose 1:39).

Izinhloso zethu zingaveza ubungcono obukhulu ngathi. Kepha, ezinye zezinto ezithikameza amandla ethu ekwenzeni kanye nasekugcineni izinqumo ukuqhubeka sihlehlise isikhathi. Ngesinye isikhathi siyesichithe isikhathi sokuba siqale, silinde isikhathi esilungele ukuba siqale—usuku lokuqala onyakeni omusha, ekuqaleni kwehlobo, uma sibizwa ukuba sibe ngoBhishobhu noma umongameli weNhlangano Yabesimame Yenkululeko, emva kwezingane ziqala isikole, emva kokuthatha umhlala phansi.

Awudingi isimemo ngaphambi kokuba uqale uhambe endleleni yezinhloso zakho ezilungileyo. Awudingi ukulinda ukuze uthole imvumo yokuba ube ngumuntu lowo owadalelwa ukuba ube uyena. Awudingi ukulinda ukuze umenywe ukuba uzosebenza eBandleni.

Ngesinye isikhathi singachitha iminyaka yezimpilo zethu silinde ukuba sikhethwe (bona D&C 121:34–36). Kepha lokho kuwumcabango ongenaqiniso. Usukhethiwe vele!

Kwezinye izikhathi empilweni yami ngichithe isikhathi ngingalali ebusuku ngikhathazekile ngezinkinga, noma ubuhlungu bami. Kepha noma ubusuku bumnyama kangakanani, njalo ngigqugquzelwa ilomcabango: ekuseni ilanga lizakuvela.

Njalo ngosuku olusha, indoni entsha iyeza—hhayi kuphela emhlabeni kepha nakithi futhi. Futhi nosuku olusha luza nesiqalo esisha—ithuba lokuqala futhi.

Kepha Uma sihluleka?

Kwesinye isikhathi into esivimbelayo uvalo. Singasaba ukuthi angeke saphumelela, ukuthi sizawuphumelela, ukuthi sizakuhlazeka, ukuthi impumelelo izakusishintsha, noma ukuthi ingahle ishintshe abantu esibathandayo.

Bese-ke siyalinda. Noma siyekele.

Enye yezinto ekumele siyikhumbule uma senza izinhloso yilokhu: Sizakuhluleka vele nakanjani—okungenani okwesikhashana nje. Kepha ngaphandle kokuphelelwa ngamandla, singaba namandla ngokuba lokhu ukwazi kususa ukuphoqeleka kokuba sibe ngabalungileyo njengamanje. Kuletha ulwazi lokuthi ekuqaleni ngesikhathi esisodwa noma esinye, singahluleka. Ukwazi lokhu ngaphambili kususa sonke isimangaliso kanye nokudumala kokuhluleka.

Uma sibhekana nezinhloso zethu ngalendlela, ukuhluleka akungeke kwasinqabela. Khumbula, noma-ke sihluleka ukufinyelela endaweni yethu yokugcina, esiyifisayo ngaleso sikhathi, sizobe senze inqubekela phambili endleleni leyo ezakusiholela kuyo.

Futhi ikona lokho okumqoka—kusho okukhulu.

Noma ke singahle sihluleke ukwenza lokho esicelwe kona ukuba sikwenze, ukuqhubeka nje nohambo kuzasenza ukuba sibe bakhulu kunalokhu besiyikona ekuqaleni.

Isikhathi Esihle kakhulu sokuba Siqale Imanje

Isisho sakudala sithi, “Isikhathi esihle kakhulu sokutshala isihlahla iminyaka engu-20 eyadlula. Isikhathi sesibili esihle kakhulu imanje.”

Kunento enhle futhi eletha ithemba ngaleligama manje. Kunento enikeza amandla mayelana nesiqiniseko sokuthi uma sikhetha ukwenza isinqumo manje, singaqhubeka siye phambili ngawo lomzuzu.

Manje isikhathi esihle kakhulu ukuba siqale sibe ngumuntu loyo esifuna ukuba nguyena ekugcineni—hhayi kuphela iminyaka engu-20 kusukela manje kepha kanye nangunaphakade.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

UMongameli Uchtdorf uyachaza ukuthi uma sihluleka ukufinyelela ezinhlosweni zethu, “singanikezwa amandla. … Noma ke singahle sihluleke ukwenza lokho esicelwe kona ukuba sikwenze, ukuqhubeka nje ngohambo kuzasenza ukuba sibe bakhulu kunalokhu besiyikona ekuqaleni. Cela amalunga omndeni ukuba abelane ngezifundo lapho abafunde khona kakhulu ngesikhathi kwenzeka ukwedlula imphumela wesifundo sabo, njengokuphumelela esikoleni noma ukuthola isicoco.

Shicilela