Ngo-2014
Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu: Isibonelo
Januwari 2014


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, UJANUWARI 2014

Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu: Isibonelo

Ngomkhuleko funda lemibhalo futhi ufune ukwazi ngalokho ongabelana ngakho. Ukuzwisisa impilo kanye nomsebenzi woMsindisi kuzakhulisa kanjani ukholo lwakho kuYena futhi kubusise labo obaqaphile ngokufundisa ngokuvakasha. Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya kuwww.reliefsociety.lds.org

Ukholo • Umndeni • Inkululeko

Njengoba sizwisisa ukuthi uJesu Kristu uyisobonelo sazonke izinto, singakhulisa isifiso sethu sokumlandela Yena. Imibhalo engcwele iyugqugquzelelo oluphelele lwethu ukuba silandele ezinyathelweni zikaKristu. Kuma Nifayi, uKristu wathi, “Kumsebenzi lowo eniwubonile ngiwenza nani kumele niwenze futhi” (3 Nifayi 27:21). KuThomas, uJesu wathi, “Ngiyindlela, iqiniso, futhi nempilo: akekho umuntu ozaya kuBaba, ngaphandle kokuba adlule kimi” (uJohane 14:6).

Namuhla abaholi bethu basikhumbuza ukuba sibeke uMsindisi njengesibonelo. uLinda K. Burton, umongameli jikelele weNhlangano Yabesimame Yenkululeko, wathi, “Uma omunye nomunye wethu enesifundo soMhlatshelo obhalwe ngaphakathi kwezinhliziyo zethu, yilapho esizakuqala sibe ngabantu iNkosi efuna sibe yibona.”1

UMongameli uThomas S. Monson wathi, “INkosi kanye noMsindisi wethu, uJesu Kristu, uyisibonelo futhi namandla ethu.”2

Make senze ukuba sizisondeze eduzane kanye noJesu Kristu, silalele imiyalelo Yakhe, futhi sisebenze kanzima ukuba sibuyele kuBaba wethu waseZulwini.

Kuvela Embhalweni Ongcwele

2 Nifayi 31:16; u-Alma 17:11; 3 Nifayi 27:27; uMoroni 7:48

Kuvela Emlandweni Wethu

“Wadweba indlela futhi wakhombisa indlela yokuhamba,” wabhala uEliza R. Snow, umongameli jikelele wesibili Kwinhlangano Yabesimame Yenkululeko, kwibandla eliphilayo likaJesu Kristu.3 Washumayela kuwo wonke umuntu—ngamunye ngamunye. Wafundisa ukuthi kumele siyekele abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ukuba sisindise oyedwa olahlekile (bona uLuka 15:3–7). Waphilisa futhi wafundisa abantu, kanye nokuchitha isikhathi nomunye nomunye kwabaningi abantu abangu-2,500 (bona 3 Nifayi 11:13–15; 17:25).

Ngabesifazane Abangcwele Bezinsuku-zokugcina, uMongameli Dieter F. Uchtdorf, Ikhansela Lesibili kubuMongameli Bokuqala, wathi: “Nina bodade abathandekayo nisebenza ngokusiza abanye ngezinhliziyo zonke zenu ngesizathu esidlula isifiso sokuzuza nina ngokwenu. Kulokhu nenza njengoMsindisi. … Imicabango Yakhe njalo yayimelana nokusiza abanye.”4

Amanothi

  1. uLinda K. Burton, “Is Faith in the Atonement of Jesus Christ Written in Our Hearts?” Ensign or Liahona, Nov. 2012, 114.

  2. uThomas S. Monson, “Meeting Life’s Challenges,” Ensign, Nov. 1993, 71.

  3. “How Great the Wisdom and the Love,” Hymns, no. 195.

  4. uDieter F. Uchtdorf, “Happiness, Your Heritage,” Ensign or Liahona, Nov. 2008, 120.

Ngingenzenjani?

  1. Yingani futhi kanjani uJesu Kristu eyisibonelo sami?

  2. Ukushumayela kubodade engibavakashelayo kungisiza kanjani ukuba ngilandele uMsindisi?

Shicilela