Ngo-2014
Izinhlanganiso Zothando
Februwari 2014


Izingane

Izinhlanganiso Zothando

Thola umuntu omdala akusize usike izingcezu ezincane ezingamaphepha angu-28, ngazinye zibe yi-inch eyodwa (2.5 cm) ngobukhulu nama-intshi angu-8 (20 cm) ubude. Ngosuku ngalinye kule nyanga, yenza umsebenzi wokutshengisa uthando lwakho komunye umuntu. Kungenzeka usize abazali bakho bahlanze ikhaya lakho noma ubhalele umakhelwane incwadi yomusa.

Bhala phansi indlela osebenze ngayo ngosuku ngalinye ocezwini lephepha elilodwa, bese uhlanganisa noma unamathisele lapho iphepha ligcina khona ukuze wenze undingiliza. Ungabahlanganisa ondingiliza ngokushutheka ingxenye eyodwa yephepha ngaphakathi kwandingiliza wangosuku oludlule ngaphambi kokuthi uhlanganise noma unamathisele ukuphela kocezu olusha. Uzibheke izinhlanganiso zakho zothando zikhula! Ungaze uqhubeke wenezelele kwiketango lomsebenzi wakho emva kokuba uFebruwari esedlulile.

Shicilela