Ngo-2014
Sebenzela iNkosi Ngothando
Februwari 2014


Umlayezo WobuMongameli Bokuqala, uFebruwari 2014

Sebenzela iNkosi Ngothando

Isithombe
UMongameli uThomas S. Monson.

INkosi uJesu Kristu Yafundisa, “Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha lowo olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakusindiswa.” (Luka 9:24).

“Ngikholwa,” kwasho uMongameli Thomas S. Monson, “uMsindisi usitshela ukuthi ngaphandle kokuba sizilahle emsebenzini wokusiza abanye, incane injongo ezimpilweni zethu. Labo abaziphilela bona kuphela bagcina beshwabana futhi belahlekelwa yizimpilo zabo, ngenkathi labo abazilahlayo emusebenzini wokusiza abanye bekhula futhi beqhakaza futhi besindisa izimpilo zabo.”1

Emcaphunweni olandelayo ovela entshumayelweni kaMongameli Monson, ukhumbuza Amakholwa Ezinsukwini Zokugcina ukuba ayizandla zikaNkulunkulu nokuthi izibusiso zaphakade zilindele labo abasebenzela abanye ngokukholwa.

Ukusebenza eThempelini

“Umsebenzi omkhulu unikezwa uma senza izimiso ezikhaleni zalabo asebedlulele ngaphesheya kweveyili. Ezikhathini eziningi asibazi labo esibenzela imisebenzi. Asilindeli ukubongwa, futhi asinaso isiqiniseko sokuthi bazukwamukela lokho esibanikeza khona. Kepha, siyasebenza, futhi endleleni sithola lokho okungezi ngokunye ukwenza, siba abasindisi eNtabeni Siyoni. Njengoba uMsindisi wethu wanikela ngempilo Yakhe esikhaleni sethu njengomnikelo wethu, nathi, ngendlela encane, senza okufanayo uma senza umsebenzi eThempelini wokuma esikhaleni salabo abanganakho ukuqhubekela phambili.2

Yithi Izandla zikaNkulunkulu

“Bafowethu kanye nodade bami, sizungeziwe yilabo abadinga ukunakekelwa kwethu, ukugqugquzelwa kwethu, ukusekelwa kwethu, ukududuzwa kwethu, umusa wethu—bangaba amalunga omndeni, abangani, abahlobo, noma abafokozi. Yithi izandla zikaNkulunkulu lapha emhlabeni, esinethuba lokumsebenzela nokuphakamisa abantwana Bakhe. Yena uthembele kithina sonke. …

“Lowo msebenzi esibizelwe kuwona sonke umsebenzi weNkosi uJesu Kristu”3

Ukusebenza esithunzini soMsindisi

Emhlabeni Omusha, iNkosi eyavuka ekufeni yamemezela ukuthi, ‘Niyazazi izinto lezo okufanele nizenze ebandleni lami; ngokuba imisebenzi leyo enibone ngiyenza nani ngokunjalo niyakuyenza; ngokuba lokho eningibone ngikwenza ngisho nalokho nani niyakukwenza.’ [3 Nifayi 27:21].

‘Sibusisa abanye ngenkathi sisebenza ethunzini likaJesu waseNazaretha … owahamba wenza konke okulungileyo.’ [Izenzo 10:38]. Nkulunkulu sibusise ukuba sithole injabulo ngokusebenzela uBaba waseZulwini njengoba sisebenzela abantwana Bakhe emhlabeni.”4

Isidingo Sokusebenza

“Kumele sinikezwe ithuba lokusebenza. Kulawomalunga asesukile ekukhonzeni noma azibambayo ahlale angazinikeli, singakhulekela indlela yokufinyelela kubo. Ukubacela ukuba basebenze ngendlela thize kungase kube umgqugquzelo abawudingayo ukuba babuyele ngobuningi enkonzweni. Kodwa laba baholi abangasiza mayelana nalokhu babuye bezibambe ekwenzeni lokhu. Kumele sikubeke emqondweni ukuthi abantu bayakwazi ukuguquka. Bayakwazi ukushiya ngemuva imikhuba emibi. Bayakwazi ukuguquka ekuziphatheni kabi. Bayakwazi ukuthwala ubupristi ngokufanele. Futhi bayakwazi ukusebenzela iNkosi ngokuzinikela.”5

Ngabe Siyakwenza Konke Esimele Sikwenze?

“Umhlaba udinga usizo lwethu. Ngabe siyakwenza konke esimele sikwenze? Siyawakhumbula na amazwi kaMongameli John Taylor: ‘Uma ungakhulisi ubizo lwakho, uNkulunkulu uzakubeka icala ngokungabasindisi labo okumele ngabe ubasindisile uma ngabe uwenzile umsebenzi wakho’? [Izimfundiso ZaboMongameli beBandla: uJohn Taylor (2001), 164]. Kukhona izinyawo ezinokumiswa, izandla ezinokubanjwa, imiqondo enokugqugquzelwa, izinhliziyo ezinokufunzelelewa, nemiphefumulo enokusindiswa. Izibusiso zangaphakade zikulindele. Okwakho yithuba lokungabi umbukeli kepha umhlanganyeli egumbini … lokusebenza.”6

Amanothi

  1. “Yini Engiyenzele Omunye Umuntu Namuhla?” Liahona, Nov. 2009, 85.

  2. “Siphinde Sihlangane Ngokuzayo,” Liahona, uMeyi 2009, 113. –14.

  3. “Yini Engiyenzele Omunye Umuntu Namuhla?” 86, 87.

  4. “The Savior’s Call to Serve,” Liahona, Aug. 2012, 5.

  5. “See Others as They May Become,”Liahona, Nov. 2012, 68.

  6. “Willing and Worthy to Serve,” Liahona, uMeyi 2012, 69.

  7. Teaching, No Greater Call: A Resource Guide for Gospel Teaching (1999), 12

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

“Uma unothando olufana nolukaKristu, uzolungiselela kangcono ukuba ufundise ivangeli. Uzoba nogqozi lokusiza abanye ukuba bazi uMsindisi futhi balandele Yena” 7 Cabanga ukuthandazela ukuba ukhulise uthando ngalabo obavakashelayo. Njengoba ukhulisa uthando lobuKristu kubo, uzokwazi kangcono ukusebenza ngezindlela ezinomqondo kubo bobabili uNkulunkulu nalabo obafundisayo.

Shicilela