Ngo-2014
Ihlobo Lomsebenzi
Februwari 2014


Intsha

Ihlobo LomsebenziNgu-Elizabeth

Umbhali uhlala eVirginia, USA.

Ngehlobo elilodwa ngachitha isikhathi ezweni elihlukile ngisebenza nezingane ezinezidingo ezikhethekile. Ngesikhathi ngiqala ukuhlangana nezingane, nganginovalo olumangalisayo. Ngangingalikhulumi ulimi lwabo, kodwa ngangethemba ukuthi uMoya wawuzongiluleka ekuxhumaneni kwami. Ngesikhathi ngizwana nengane ngayinye, ngabona ukuthi ulimi aluvimbi uthando. Ngadlala, ngahleka, ngenza nomsebenzi wezandla nezingane, ngangakwazi ukuzibamba ukuzwa uthando oluphelele ngabo. Ngabona kancane uthando uBaba waseZulwini analo ngabantwana Bakhe, futhi ukujabula okwagcwala inhliziyo yami kwadlula incazelo.

Noma inini uma ngisiza abanye, ngizwa uthando hhayi lalabo engibasizayo kuphela kepha nangoBaba waseZulwini. Nangempela sengifike ekwazini ukuthi “uma usebenzela abantu bakini usebenzela kuphela uNkulunkulu wakho” (uMozaya 2:17). Inhloso yokusebenza kwami, nakuba kusemsebenzini omkhulu noma ngezenzo ezincane zomusa, kube ukuthi ngidumise uNkulunkulu. (bona uMatewu 5:16). Ngiyethemba ukuthi ngesikhathi ngisiza abanye, abantu bazobona uthando lwami lukaBaba waseZulwini nokuKhanya kukaKristu okuvutha ngaphakathi kwami.

Shicilela