Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, UFEBRUWARI 2014
Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu: UMelusi Olungileyo
Ngomkhuleko funda lombhalo futhi ufune ukwazi ngalokho ongabelana ngakho. Ukuzwisisa impilo kanye nomsebenzi woMsindisi kuzakhulisa kanjani ukholo lwakho kuYena futhi kubusise kanjani labo obaqaphile ngokufundisa ngokuvakasha. Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya kureliefsociety.lds.org.
Ukholo • Umndeni • Inkululeko
UJesu Kristu, uMelusi Olungileyo, wafundisa:
“Ngumuphi umuntu kini onezimvu eziyikhulu, alahlekelwe ngenye yazo, angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ehlane, aye kwelahlekileyo, aze ayithole na? …
“Ngithi kini … kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni esisodwa esiphendukayo” (Luka 15:4, 7).
Ngesikhathi siza ekuqondeni ukuthi uJesu Krsitu unguMelusi Olungileyo, siyakhula isifiso sethu sokuba silandele isibonelo Sakhe futhi sisebenzele labo abaswelayo. Ujesu wathi: “Mina ngingumalusi olungileyo; ngiyazazi izimvu zami, nezami ziyangazi. … Futhi ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu” (uJohane 10:14–15). Ngenxa yokuhlawulelwa kukaKristu, asisoze saduka kangangokuba angeke sisayithola indlela eya ekhaya. (bona uLuka 15).
UMongameli Thomas S. Monson wathi, “Owethu umsebenzi ukunakekele umhlambi. … Masisikume ngamunye sisebenze” 1
Kuvela Embhalweni Ongcwele
AmaHubo 23; Isaya 40:11 uMozaya 26:21
Kuvela Emlandweni Wethu
U-Elizabeth Ann Whitney, owahambela umhlangano wokuqala weNhlangano Yabesimame Yenkululeko, wathi ngokuphenduka kwakhe ngo-1830: “Masinyane mangizwa iVangeli ngesikhathi amaGosa elishumayela, ngavele ngazi ukuthi liyizwi loMelusi Olungileyo.”2 U-Elizabeth walilandela izwi loMelusi Olungileyo wabhabhadiswa futhi waqiniswa.
Nathi ngokunjalo singalizwa izwi loMelusi Olungileyo futhi sabelane izimfundiso Zakhe nabanye. UMongameli Monson wathi, “Siyizandla zeNkosi lapha emhlabeni, sinethuba lokumsebenzela nokuphakamisa abantwana Bakhe.”3
Njengoba umelusi efuna izimvu ezilahlekile, abazali kungenzeka bafune ingane esidukile. UMongameli James E. Faust (1920–2007), Ikhansela Lesibili kubuMongameli Bokuqala, wathi: “Kulabo bazali abaphuke izinhliziyo abakade bezilungele, bezinikela, futhi bekhuleka ekufundiseni izingane zabo ezingalaleli, sithi kunina, uMelusi Olungileyo ubabhekile. UNkulunkulu uyazi futhi Uyaqonda usizi lwenu olujulile. Likhona ithemba.”4
© 2014 by Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Printed in USA. Isingisi esivunyelwe: 6/13. Ukuhumusha okuvunyiwe: 6/13. Ukuhumushwa ko Visiting Teaching Message, February 2014. Zulu. 10862 783
Ngingenzenjani?
-
Ukwazi ukuthi uMsindisi unguMelusi Olungileyo kukuletha kanjani ukuthula ezimpilweni zethu?
-
Yingaziphi izindlela esingafundisa ngazo kulaba “abalahlekile” emsebenzini wesonto noma labo abangabona abekholo lethu?
-
Ngingabasekela kanjani abazali abanezingane eseziphambukile ekuphileni ivangeli?