Ngo-2014
INkomfa kanye Nami
Apreli 2014


Intsha

INkomfa kanye Nami

Umbhali uhlala eToronto, eCanada.

Ngangicabanga ukuthi impelasonto yenkomfa kawonkewonke yayiyinde futhi inesidina, kepha ngokudlula kwesikhathi, sengifike ekuyithandeni kanye nokuyilindela. Impelasonto yenkomfa kawonkewonke ingasinikeza amandla ngokomoya, kepha kulula ukudedela lemizwa ishabalale ngesikhathi impilo ejwayelekile iqhubeka ngoMsombuluko. Eminye yalemibono elandelayo ingisizile ukuba ngiqhubeke ngithole okuningi kwinkomfa ebengingakwazi ukuba ngikuthole.

Ngizilungiselela inkomfa ngokubhala phansi imibuzo, bese ngenze amanothi ngenkathi imibuzo yami iphenduleka. Emva kwalokho, ngithanda ukuthola izinkulumo zenkomfa nomculo ku LDS.org futhi ngikufake kumdlali wamaMP3 ukuze ngilalele inkulumo noma ihubo ngesikhathi ngenza okujwayelekile osukwini. Ngiyathanda nokufunda ingxenye yenkomfa yeLiahona Ngiyadwebela futhi ngenze amanothi emaceleni ephephabhuku lami. Ngesikhathi inkomfa elandelayo iza, iphephabhuku lami selisebenziswe kahle. Umndeni wami ubuye ufunde imiyalezo ndawonye ngesikhathi sokuhlangana komndeni ekhaya ngokuhlwa.

Ukugcina umoya esiwuzwile ngesikhathi senkomfa nathi nokuqhubeka nokufunda emilayezweni kudinga umsebenzi, kepha ukukwenza lokhu kube yisibusiso kimi. Sengithole amandla kanye nokwelulekwa okukhulu ezikhathini zokuswela ngokufunda imiyalezo ephuma kwinkomfa kawonkewonke, futhi ngiyazi ukuthi lemiyalezo inogqozu.

Shicilela