Ngo-2014
Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu: uMsindisi kanye noMkhululi
Apreli 2014


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, u-Apreli 2014

Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu: uMsindisi kanye noMkhululi

Ngomkhuleko funda lombhalo futhi ufune ukwazi ngalokho ongabelana ngakho. Ukuzwisisa impilo kanye nomsebenzi woMsindisi kuzakhulisa kanjani ukholo lwakho kuYena futhi kubusise kanjani labo obaqaphile ngokufundisa ngokuvakasha. Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya ku reliefsociety.lds.org.

Ukholo, Umndeni, Inkululeko

Phakathi kwamabizo achazayo abalulekile ngoJesu Kristu,” kwasho uGosa D. Todd Christofferson weKhoramu LabaPhostoli Abayishumi Nambili. “Ukukhulula kuchaza ukukhokha okulindelekile noma isikweletu. Ukukhulula kungachaza futhi ukusindisa noma ukukhulula ngokukhokha okuthile. … Lezi zincazelo ngazinye zisitshela izingxenye ezihlukile zokukhulula okukhulu okwenziwa nguJesu Kristu ngenHlawulo Yakhe, equkethe, ngamagama esichazamazwi,’ukususa ekoneni nasenhlawulweni yazo, ngomnikelo owenziwelwe umoni.’”1

ULinda K. Burton, umongameli jikelele weNhlangano Yabesimame Yenkululeko, wathi: “UBaba waseZulwini waletha iNdodana Yakhe Ezelwe Yodwa futhi ephelele ukuba ihluphekele izono zethu, usizi lwethu, nakho konke okubukeka kungalungile ezimpilweni zomunye nomunye wethu.

“ … Unkosikazi oyedwa owayehlale iminyaka yokuhlupheka nosizi wathi ngezinyembezi zakhe, ‘Sengifike ekuboneni ukuthi ngifana nemali endala engu-20 wamadola—ngifonyozekile, ngidabukile, ngingcolile, ngihlukumezekile futhi ngiyesaba. Kepha … Ngisanenani lawo amadola angu-20 agcwele.’ Lo nkosikazi uyazi ukuthi … ufanele ngokwanele ukuba [uNkulunkulu] engathumela iNdodana Yakhe ukuba izomhlawulela, yedwa. Bonke odade eBandleni kumele bekwazi lokhu.”2

Kuvela Embhalweni Ongcwele

2 Nefi 2:26;Helamani 5:11–12; uMose 1:39

Kuvela Emlandweni Wethu

Ithestamente eliSha liqukethe izehlakalo lapho abesimame basebenzisa ukholo kuJesu Kristu, bafunda izimfundiso Zakhe, futhi bafakaza ngentshumayelo Yakhe, izimangaliso kanye nobukhosi.

UJesu wathi kowesimame owayesemthombeni:

“Lowo oyakuphuza amanzi engizakumnika wona akasoze aphinde ome; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayokuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.”

“Owesifazane wathi kuye, Nkosi, ngiphe lawo manzi, ukuba ngingomi . …

“Ngiyazi ukuthi [uMesiya] uyeza, … uma esefikile yena, uyakusitshela konke.

“UJesu wathi kuye, mina engikhuluma nawe nginguye.”

Wase “eshiya imbiza yakhe” wathula ubufakazi Ngaye edolobheni. (Bona uJohane 4:6–30.)

Amanothi

  1. D. Todd Christofferson, “Redemption,” Ensign noma Liahona, uMeyi 2013, 109.

  2. uLinda K. Burton, “Is Faith in the Atonement of Jesus Christ Written in Our Hearts?” Ensign noma Liahona, Nov. 2012, 114.

Ngingenzenjani?

  1. Singakhombisa kanjani ukubonga kuMsindisi kanye noMkhululi, uJesu Kristu?

  2. Singathola kanjani izibusiso zomnikelo wenhlawulo kaMsindisi ezimpilweni zethu?

Shicilela