Ngo-2014
Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu: Ummeli
Julayi 2014


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uJulayi 2014

Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu: Ummeli

Ngomkhuleko funda lombhalo futhi ufune ukwazi ngalokho ongabelana ngakho. Ukuzwisisa impilo kanye nomsebenzi woMsindisi kuzakhulisa kanjani ukholo lwakho kuYena futhi kubusise kanjani labo obaqaphile ngokufundisa ngokuvakasha. Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya kureliefsociety.lds.org.

Ukholo • Umndeni • Inkululeko

UJesu Kristu ungummeli wethu noBaba. Igama ummeli linezimpande zolwimi lwesiLathini ezisho ukuthi “lowo onxusela abanye.”1 Umsindisi uyasinxusela, ngokusebenzisa ukuqonda, ukulunga, kanye nomusa. Ukwazi lokhu kungasigcwalisa uthando kanye nokubonga ngokuHlawulelwa Kwakhe.

“Lalela [uJesu Kristu] ongummeli kanye noBaba, okunguye okunxusela indlela yakho phambi kwakhe—

“Ethi: Baba, bheka ukuhlupheka nokufa kwakhe ongenzanga sono, yena othokozayo ngaye; bheka igazi leNdodana yakho elaphalaliswa, igazi lakhe lowo wena owanikezela ngaye ukuba wena mawudunyiswe.

“Ngakho-ke, Baba, gcina labafowethu bami labo abakholelwa egameni lami, ukuze beze kimina futhi babe nokuphila okungunaphakade” (D&C 45:3–5).

NgoKristu onguMmeli wethu, iGosa uD. Todd Christofferson weKhoramu yabaPostoli Beshumi Nambili wathi: “Kubaluleke kakhulu kimina, ukuthi ngingahle noma ngasiphi isikhathi noma kusiphi isimo ngifinyelele ngomthandazo esithebeni somusa, ukuthi uBaba wami waseZulwini uzosizwa isikhalo sami, ukuthi uMmeli wami, yena lowo ongenzanga sono, ogazi lakhe laphalala, uzanginxusela icala lami.”2

Kuvela Embhalweni Ongcwele

uMozaya 15:8–9; uMoroni 7:28; iMfundiso neziVumelwano 29:5; 110:4

Kuvela Emlandweni Wethu

Kuwowonke umlando weBandla leNkosi, abesifazane abangabalandeli bakaJesu Kristu balandele isibonelo Sakhe. U-Esteri wayengummeli owayethembekile futhi owayenesibinidi. Umzala wakhe uMoridekayi wamuthumelela ikhophi lempinda yomthetho yenkosi eyisho ukuthi amaJuda mawabhujiswe, futhi wamyala ukuthi enze isicelo phambi [kwenkosi] ngabantu bakhe.” Wagcwalisa ngokuthi: “Futhi ngubani owaziyo ukuthi mhlawumbe ufike embusweni ufikele isikhathi esinjenganalesi?” (u-Esteri 4:8, 14.)

Ngaphandle kwengozi yokuba ngummeli wabantu bakhe, u-Esteri wavuma “Ngakho-ke ngizongena enkosini, noma kungengamthetho: futhi uma ngibhubha, ngiyabhubha” (u-Esteri 4:16).

U-Esteri wase ekhuluma ngokuzithoba enkosini futhi “wabe ewela phansi ezinyaweni zayo, futhi wase eyicela ngezinyembezi…ukuba ihlehlise izincwadi… zokubhujiswa kwamaJuda. Wangezelela ngokuthi, “Ngingaqinisela kanjani ngibone ukubhidlizwa kwabantu bami na?” (bona u-Esteri 8:3, 5–6). Inhliziyo yenkosi yathamba, futhi yamunikeza isicelo sakhe.3

Amanothi

  1. Bona uRussell M. Nelson, “Jesus Christ—Our Master and More” (Brigham Young University fireside, Feb. 2, 1992), 4; speeches.byu.edu.

  2. D. Todd Christofferson, “I Know in Whom I Have Trusted,” Ensign, May 1993, 83.

  3. Bona Daughters in My Kingdom: The History and Work of Relief Society (2011), 180.

Cabanga Ngalokhu

Kungenzeka kanjani ukuthi ubummeli bukaJesu Kristu bugqugquzele thina ukuba selule umusa kanye nokuxola kwabanye?

Shicilela