Izingane
uThando eKhaya
Ngokuzithoba amazulu ngaphezulu ayamoyizela
Uma kunothando ekhaya;
Wonke umhlaba ugcwele uthando
Uma kunothando ekhaya.
(“uThando eKhaya,” Amahubo, no. 294)
UBaba waseZulwini ufuna ukuba sithande imindeni yethu ukuze sibe nenjabulo. Uma sisebenzela imindeni yethu kakhulu, sizakuthanda kakhulu uBaba waseZulwini kanye nemindeni yethu.
Dweba izinhliziyo ocezwini lwephepha bese uyazisika. Bhala amanothi ajabulisayo noma udwebe izithombe kuwo bese uzethula ngasese kumalungu omndeni wakho. Bheka ukuthi kuzobenza bejabule kanjani!