Ngo-2014
Isithembiso Sokuguquka Kwezinhliziyo
Julayi 2014


Umlayezo WobuMongameli Bokuqala, uJulayi 2014

Isithembiso Sokuguquka Kwezinhliziyo

Isithombe
NguMongameli uHenry B. Eyring

Umama wami, uMilred Bennion Eyring, wakhulela emphakathini wokulima waseGranger, Utah, e-USA. Omunye wabafobakhe, uRoy, walandela ibhizinisi lomndeni lokufuya izimvu. Esengumfana wayechitha amaviki amaningi engekho ekhaya. Ekuhambeni kwesikhathi wazithola engesenawo umdlandla wokuya eBandleni. Ekugcineni wathutha wayohlala e-Idaho, e-USA, washada, futhi waba nezingane ezintathu. Washona eneminyaka engu-34 ngenkathi unkosikazi wakhe eneminyaka engu-28 ubudala futhi izingane zabo zisencane.

Noma-ke umndeni omcane kaRoy wawuse-Idaho futhi umama wami wayesethuthele eNew Jersey, e-USA okucishe kungamamayile angu 2,500 (4,025 km), njalo wayebabhalela izincwadi zothando futhi ezigqugquzelisayo. Umndeni kamalume wami ngothando wawubiza umama wami ngo “Anti Mid.”

Iminyaka yadlula, futhi ngolunye usuku ngathola ucingo olwaluvela komunye umzala wami. Ngatshelwa ukuthi umfelokazi kaRoy wayeseshonile. Umzala wami wathi, “U-anti Mid wayengafuna ukuthi wazi.” U-anti Mid wayeseshone kudala, kepha umndeni wawusezwa uthando lwakhe futhi wafinyelela ukuba ungitshele.

Ngamangala ngokubona ukuthi umama wami wayedlale indima efanayo nalena yabaphrofethi abangamaNefi ababeyidlalile emindenini yabo ngokuhlala eduzane nezihlobo lezo ababefuna ukuziletha evangelini likaJesu Kristu. UNefi wabhala umbhalo ayethemba ukuthi uzakugqugquzela izingane zabafowakhe ukuba zibuyela kukholo lomphatriyakhe wazo, uLehi. Amadodana kaMosiya atshengisa lolothando olufanayo njengoba ayeshumayela ivangeli kwizizukulwane zikaLehi.

Inkosi isinikeze izindlela ukuze thina sizwe uthando emindenini leyo ezaqhubeka ingunaphakade. Namuhla intsha eBandleni izwa izinhliziyo zayo ziguqukela emindenini yazo. Ifuna amagama amalungu omndeni lawo angazange athole ithuba lokuthola izimiso zensindiso kulempilo. Ihambisa lawo magama ethempelini. Ngenkathi ingena emanzini okubhabhadisa, ithola ithuba lokuzwa uthando leNkosi kanye nelamalungu omndeni lawo ewenzela izimiso esikhundleni sabo.

Ngisakhumbula uthando olwaluphakathi kwezwi lomzala wami owashayela ucingo wasethi, “Umama wethu useshonile, futhi u-Anti Mid ubengafuna wazi.”

Kulabo abenzela amalungu omndeni izimiso nikhombisa uthando, njengoba amadodana kaMosiya kanye nomphrofethi uNefi benza. Njengabo, uzakuzwa injabulo ngalabo abamukela umnikelo wakho. Nawe ungathola ukuzwa ukunethezeka okukhulu njengoAmoni, owathi ngomsebenzi wobufundisi phakathi kwamalungu omndeni aqhelile:

“Ngakho-ke, masidumise, yebo, siyakudumisa eNkosini; yebo, thina siyakujabula, ngokuba injabulo yethu igcwele; yebo, thina siyakumdumisa uNkulunkulu wethu kuze kube phakade: Bhekani, ngubani ongadumisa kakhulu eNkosini na? Yebo, ngubani ongasho kakhulu ngamandla akhe amakhulu, kanye nangesihawu sakhe, kanye nangokwephuza kwakhe ukuthukuthela maqondana nabantwana babantu na? Bhekani, mina ngithi kini, mina anginakusho ngisho ingxenye nje encane leyo mina engiyizwayo.” (uAlma 26:16).

Ngibeka ubufakazi bokuthi imizwa yothando onayo ngamalungu omndeni akho—noma yikuphi lapho ekhona—ingukugcwaliseka kwisithembiso sokuthi u-Eliya uzokuza. Weza. Izinhliziyo zabantwana ziphendukela kobaba bazo, kanye nezinhliziyo zobaba ziphendukela kubantwana babo (bona uMalakhi 4:5–6; Joseph Smith—Umlando 1:38–39). Uma uzwa unesifiso sokuthola amagama okhokho bakho futhi uwathathe lawo magama uwayise ethempelini, uzwa ukugcwaliseka kwesiprofetho.

Kuyisibusiso ukuphila esikhathini lapho isithembiso sokuguquka kwezinhliziyo sigcwaliseka. UMildred Bennion Eyring wezwa lolugqozu enhlizweni yakhe. Wayewuthanda umndeni kamfowakhe, futhi wayefinyelela kubo. Bezwa izinhliziyo zabo ziguquka othandweni ku-anti Mid ngoba bebazi ukuthi wayebathanda.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Ungahle ufune ukufunda ngeziphrofetho zikamoya ka-Eliya nalabo obavakashelayo (bona uMalaki 4:5–6; Joseph Smith—Umlando 1:38–39). Xoxisana mayelana ngezindlela ongazibandakanya ngazo ngomlando womdeni, usebenzise amathulusi anjengokuhlela amagama, izithombe, kanye nokubhala imicabango yakho. Uma labo obavakashelayo benganalo ulwazi ngo FamilySearch.org, cabanga ngokuthatha isikhashana ubababonise.

Shicilela