Ngo-2014
Ukwazi uGogo Wami
Julayi 2014


Intsha

Ukwazi uGogo Wami

Umbhali uhlala eVirginia, e-USA.

Kwenye yamaProjekthi ami Yabasefazane Abasebasha, ngazinikezela ukuba ngisize ugogo wami ukuze athole amadlozi akhe ngokubheka kumamicrofilm egumbini lomlando womndeni eMesa, Arizona, USA. Njengoba sasihlezi ndowonye futhi sifuna umndeni wethu, ngaqala ngacabanga: “Ngempela ngiyazi kabanzi ngogogo wami ohlezi eduzane kwami na?”

Sathola amalungu omndeni amaningi, salungiselela imininigwane yawo, futhi sahamba saya eThempelini laseMesa e-Arizona ukuyokwenza imisebenzi yabo yokubhabhadiswa kanye nokuqiniswa. Kungekude nje emva kwalokhu, ugogo wami wanginikeza umqulu ohlanganisiwe womlando womndeni wakhe.

Ngoba uphethwe yisifo samathambo omzimba, kunzima ukuba ugogo wami athayiphe. Ngiyakujabulela ukumsiza kwikhomputha. Sobabili, sibhala izindaba zempilo yakhe ukuze imindeni yethu izuze ngokomoya. Ngiyathanda ukuba yingxenye yempilo yakhe futhi nokufunda kakhulu ngomlando weBandla njengoba sisebenzisana kulamaprojekthi.

Shicilela