Ngo-2014
IsiVuno sikaNkuluNkulu
Agasti 2014


Umlayezo WobuMongameli Bokuqala, u-Agasti 2014

IsiVuno sikaNkulunkulu

Isithombe
NguMongameli Dieter F. Uchtdorf

Umfazi obizwa ngoChrista wayesebenzela inkampani yezimbewu encane. Wayewuthanda umsebenzi wakhe. Kwakungumsuka wento eyisimanga kakhulu kuye ukuthi imbewu encane ngayinye ayeyithengisa yayinamandla okuzishintsha ibe yinto emangazayo kakhulu — ukherothi, iklabishi, noma isihlahla esinamandla se-okhi.

UChrista wayethanda ukuhlala kwikhompyutha yakhe ethatha ama-oda futhi aphendule nemibuzo. Kodwa ngelinye ilanga wathola umkhalazo owaba yindida kuyena.

“Lezimbewu azisebenzi,” kwasho umthengi. “Ngizithenge ezinyangeni ezimbili ezedlule kodwa namanje lutho.”

“Uzitshale emhlabathini omuhle futhi wazinikeza amanzi kanye nelanga okwanele?” Kwabuza uChrista.

“Cha, kodwa ngenze umsebenzi wami,” kwaphendula umthengi. “Ngithenge izimbewu. Ngaphezulu kwalokho ke zinesiqinisekiso sokuthi zizokhula.”

“Kodwa awuzitshalanga?”

“Haaibo cha. Lokho kungasho ukuthi ngizongcolisa izandla zami.”

UChrista wacabanga ngalokhu futhi wathatha isinqumo sokuthi iziyalo zokutshala kuzofanele zibhalwe. Wathatha isinqumo sokuthi isiyalo sokuqala sasizoba ngukuthi: “Kufanele uyilandele lemiyalelo ukuze izimbewu zimile. Ngeke uzishiye eshelufini bese ulindela ukuthi zikhule.”

Akubanga kude ngaphambi kokuthi omunye umkhalazo ube yindida kuye.

“Lezi zimbewu azitheli,” umthengi wakhalaza

“Uzitshale emhlabathini omuhle?” UChrista wamphendula. “Uzinikeze amanzi nelanga okwanele?”

“Yebo kunjalo,” umthengi wagcizelela. “Ngikwenze konke lokho – njengoba kusho ephaketheni. Kodwa azisebenzi.”

“Akukho nhlobo okwenzekile? Zimilile?”

“Akwenzekanga lutho,” kwasho umthengi. “Ngizitshale njengoba kuyaleliwe. Bengithemba ukuthi ngizoba notamatisi ngesikhathi sesidlo sasebusuku. Manje sengidumele.”

“Ima,” uChrista waphendula. “Ungitshela ukuthi uzitshale namuhla lezi zimbewu?’’

“Ungazohlekisa,” kwaphendula umthengi. “Ngizitshale evikini eledlule. Bengingalindele ukubona utamatisi ngelanga lokuqala; ngabekezela. Ngikuxoxele, kube khona ukuchelela nokulinda okuningi phakathi kwaleso sikhathi namanje.”

UChrista wabona ukuthi kuzofanele afake omunye umgomo: “Lezi zimbewu zilandela imithetho yesayensi lokuphilayo. Uma utshala izimbewu namhlanje ekuseni bese ulindela ukudla utamatisi ekupheleni kweviki, uzodumala. Kufanele ubekezele futhi ulindele umsebenzi wendalo ukuba uzembule phambi kwakho.”

Konke kwahamba kahle kwaze kwaba wukuthi uChrista uthola omunye umkhalazo.

“Ngidumele kakhulu ngezimbewu zakho,” waqala umthengi. “Ngizitshale njengoba kusho iphakethe. Ngazipha amanzi, ngenza isiqiniseko sokuthi zithola ilanga, futhi ngalinda zaze zathela isivuno sazo.”

“Kuzwakala ngathi yonke into uyenze ngokufanelekile,” Kwasho uChrista

“Kuzwakala kahle kona.” Kwaphendula umthengi. “Kodwa engikutholile yizukhini!”

“Amaphepha ami abonisa ukuthi yizo lezo izimbewu ozi-odile,” kwasho uChrista.

“Kodwa angiyifuni izukhini ngifuna amathanga!”

“Uyangidida manje.”

“Izimbewu ngizitshale esiqithini sami samathanga—emhlabathini ofanayo owathela amathanga ngonyaka odlule. Ngazincoma izitshalo zami mihla yonke, ngizitshela ukuthi zizoba ngamathanga amahle kakhulu ngelinye ilanga. Kodwa kunokuthi ngithole amathanga amakhulu, ayindingilizi, a-orenji ngombala, ngithole omude,oluhlaza ngombala uzukhini. Omningi kakhulu!”

UChrista wazi ngaleso sikhathi ukuthi imiyalo kwakungenzeka ukuba ayanele futhi kwakudingeka ukuba kubekwe umgomo: “Imbewu oyitshalayo nesikhathi otshala ngaso kucacisa isivuno.”

Umthetho wesiVuno

UmPhostoli uPawulu wafundisa ngesivuno sikaNkulunkulu:

“Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.

“Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.

“Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali” (Galathiya 6:7–9).

Esikhathini samanje, iNkosi isinikeze ukuhlakanipha nokubona okwengeziwe maqondana nalomthetho ongeke washintsha:

“Kunomthetho, ongeke washintsha onikezwe ezulwini ngaphambi kokubekwa kwesiseko salomhlaba, lapho zonke izibusiso zibekwe khona. —

“Futhi uma sithola noma esiphi isibusiso esivela kuNkulunkulu, siza ngokulandela loyo mthetho ohlelwe lapho leso sibusiso sibekwe khona” (D&C 130:20–21).

Esikutshalayo, siyakuvuna.

Isivuno sikaNkulunkulu sinodumo oluyisimangaliso. Kulabo abamhloniphayo Yena, eZakhe izibuziso ezingabalwa ziza “ngesilinganiso esihle, zigqishiwe, futhi zixukuzwe kanye kanye, futhi zichichima. … Ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso” (uLuka 6:38).

Njengoba izimbewu zasemhlabeni zidinga umsebenzi kanye nokubekezela, kukanjalo nangezibusiso eziningi zasezulwini. Ngeke sibeke inkolo yethu eshelufini bese silindela ukuthi sivune izibusiso zomoya. Kodwa uma sitshala futhi sinakekela imigomo yevangeli empilweni yansuku zonke yomndeni wethu, kunamathuba amaningi wokuthi izingane zethu zizokhula zithele izithelo zomoya ezibaluleke kakhulu kuzo kanye nezizukulwane ezizayo.

Izimpendulo zikaNkulunkulu zemithandazo yethu azizi ngokushesha—ngesinye isikhathi azibonakali nhlobo ukuthi ziyeza—kodwa uNkulunkulu uyazi okufanele abantwana Bakhe. Siqiniseke, ngelinye ilanga sizobona kangcono; futhi ngalelo langa sizokubona ukulunga kanye nobubanzi bezulu.

Okwamanje, injongo kanye nenjabulo enkulu yethu ukuhamba ezinyathelweni zeNkosi kanye noMsindisi kanye nokuphila izimpilo ezilungile nezisefekile ukuze isivuno esithenjisiwe nesiligugu sikaNkulunkulu sezibusiso ezingenantengo sizoba ngesethu.

Esikutshalayo, siyakuvuna.

Yilowo umthetho wasezulwini.

Yilowo umthetho wesivuno sikaNkulunkulu.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Xoxa nalabo obavakashelayo ukuthi umthetho wesivuno sikaNkulunkulu usebenza kanjani kubudlelwane bethu, ekuguqukeni nobufakazi, noma ezinjongweni zomsebenzi kanye nemfundo yethu. Ungafunda futhi ucabange imibhalo engcwele ehambisana nalomthetho, njengakwIzaga 11:18; 2 Abasekorinte 9:6; futhi naku-Alima 32. Bakhuthaze ukuthi babheke izinjongo zabo ezedlule futhi babeke izinjongo ezintsha ezinemiphumela elungileyo. Basize bakhe uhlelo oluzobasiza ukuthi benze izinto ezizobafinyelelisa kwizinjongo zabo zesikhathi eside.

Shicilela