Ngo-2014
Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu: INkosi yoXolo
Disemba 2014


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uDisemba 2014

Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu: INkosi yoXolo

Ngomkhuleko funda lemibhalo futhi ufune ukwazi ngalokho ongabelana ngakho. Ukuqonda impilo kanye nomsebenzi woMsindisi kungakhulisa kanjani ukholo lwakho kuYena futhi kubusise kanjani labo obaqaphile ngokufundisa ngokuvakasha. Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya kureliefsociety.lds.org.

Ukholo • Umndeni • Inkululeko

“UMsindisi yisizinda sokuthula okuyiqiniso.” Kwasho iGosa uQuentin L. Cook womGwamanda wabaliShumi namBili. “Noma kungaba nezinkinga zempilo, ngenxa yeNhlawulo kaMsindisi nomusa Wakhe, ukuphila ngokulunga kuyoklonyeliswa ngokuthula kumuntu ngamunye.1 Ukuqonda ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi yoXolo kungasisiza ukuba sithole ukuthula kwangaphakathi futhi sinyuse ukholo kuYe.

UJesu Kristu wathi: “Lezi zinto ngizikhulume kini, ukuba kimi nibe nokuthula. Emhlabeni niyakuba nosizi, kephi yibani nentokozo, mina ngiwunqobile umhlaba” (Johane 16:33). Ethula ubufakazi ngaleloqiniso, uLinda S. Reeves, ikhansela lesibili kubumongameli jikelele beNhlangano Yabesimame Yenkululeko, wathi: “INkosi ibe nomusa kimi futhi Yangisiza ukuba umthwalo wami ube lula. Ingisize ukuba ngizwe ukuthula okukhulu.”2

IGosa uRichard G. Scott womGwamanda wabaliShumi namBili wafundisa: “ Indawo ekulungele kakhulu … ukuxola yingaphakathi kwezindonga zamakhaya ethu, lapho sesenze konke esingakwenza ukwenza iNkosi uJesu Kristu ibe semqoka.”3

Eminye imiBhalo eNgcwele

Isaya 9:6; Luka 2:14; Johane 14:27; 1 Nefi 13:37; IMfundiso neziVumelwano 59:23

Kuvela embhalweni Ongcwele

U-Isaya wabikezela ngokuzalwa kukaJesu Kristu, iNkosi yoXolo (bona u-Isaya 9:6). EMelika, uSamuweli umLamani washo ngezimpawu ezazizohambisana nokuzalwa kukaKristu eminyakeni emihlanu ezayo (bona uHelamani 14:3, 5). Ngesikhathi usuku olwalubikezelwe lusondela, ababengakholwa basongela ukubulala wonke amaKristu uma lezi zimpawu zingenzeki. Umphrofethi uNefi “wakhala kakhulu eNkosini ngalo lonke lolo suku; futhi bheka, izwi leNkosi lafika kuye lithi: … Kusasa ngizakufika mina emhlabeni” (3 Nefi 1:12–13). Izimpawu zavela, futhi ngokuzalwa kukaKristu, “abantu baqala futhi ukuthi babe nokuthula ezweni” (ivesi 23).

EBetlehema, uMariya “wazibula ngendodana yakhe yokuqala, wayembesa ngezingubo zokusonga, futhi wayilalisa emkhombeni” (Luka 2:7).

Amanothi

  1. Quentin L. Cook, “Personal Peace: The Reward of Righteousness,” Liahona Meyi 2013, 35.

  2. Linda S. Reeves, “Claim the Blessings of Your Covenants,” Liahona, Nov. 2013, 120.

  3. Richard G. Scott, “For Peace at Home,” Liahona, Meyi 2013, 29.

Cabanga Ngalokhu

UMsindisi ukuletha ngaziphi izindlela ukuthula empilweni yakho?

Shicilela