Ngo-2015
Izibonakaliso Ezingcwele zikaJesu Kristu: Ubumsulwa
Juni 2015


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uJuni 2015

Izibonakaliso Ezingcwele zikaJesu Kristu: Ubumsulwa

Ngomkhuleko funda lemibhalo futhi ufune ukwazi ngalokho ongabelana ngakho. Ukuqonda impilo kanye nezindima zikaMsindisi kuzokhulisa kanjani ukholo lwakho kuYena futhi kubusise kanjani labo obaqaphile ngokufundisa ngokuvakasha? Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya ku www.reliefsociety.lds.org.

Ukholo, Umndeni, Inkululeko

“Yenza ubumsulwa bujabulise imicabango yakho ngasosonke isikhathi. Bese ukuzithemba kwakho kuzakusebenza ngamandla phambi kukaNkulunkulu futhi imfundiso yobupristi izangcwelisa umphefumulo wakho njengamathonsi avela ezulwini” (D&C 121:45).

Buyini ubumsulwa? uMongameli uJames E. Faust (1920–2007) wathi: “Ubumsulwa ngomqondo opheleleyo kuqukethe konke okuyizenzo ezilungile ezisiza thina sibe yithina.1 uMongameli uGordon B. Hinckley (1910–2008) wangeza: “Uthando lukaNkulunkulu luyisiqalo kwakonke okumsulwa, okulungile konke, amandla wonke womuntu.”2

Kubudlwelwane phakathi kowesifazane kanye nosizo, iGosa D. Todd Christofferson weKhoramu labaPostoli Beshumi Nambili wathi: “Abasifazane baletha ubumsulwa obuthize lapha emhlabeni, isipho esingcwele esenza bona babe yizincwephe ekufundiseni izinto ezinjengokholo, isibindi, uzwelo, kanye nokuthuthuka kubudlwelwane kanye namasiko. …

“Bodade, kubobonke ubudlwelwane eninabo, kuwubudlwelwane kanye nani noNkulunkulu, uBaba wenu waseZulwini, owumthombo wamandla wokuziphatha kwenu, lokho okumele njalo nikubeke phambili ezimpilweni zenu. Khumbula ukuthi amandla kaJesu eza kumqondo wakhe wokuzimisela kwintando kaBaba. … Zama ukuba Nomusa kwizinceku zikaBaba kanye neNdodana, futhi isifundiso sakho asisoze sashabalala.”3

Eminye imiBhalo eNgcwele

iZaga 24:3–5; AbaseFiliphini 4:8; 2 uPeter 1:3–5; uAlma 31:5; D&C 38:23–24

Kuvela embhalweni Ongcwele

Namuhla abesifazane abalungileyo, abanokholo oluphelele, bafuna uMsindisi. Ku Luka 8 sifunda ngowesifazane owayenenkinga yegazi iminyaka engu 12 inkinga engazange yakwazi ukuxazululeke. Wathola usizo ngenkathi “eza emuva kuka[Kristu], wase ethinta ingubo yakhe emaphetheleni: futhi ngokuphazima kweso inkinga yegazi[yaphela]. … uJesu wathi, Kukhona umuntu ongithintile: ngiyabona ukuthi ubumsulwa lobo4 buphumile kimi.” Lona owesifazane owayelungile enokholo wawela phansi eduzane Naye, ememezela “kubobonke abantu” ukuthi uyewamthinta” futhi “waphola ngalesosikhathi. Futhi wathi kuye, Ndodakazi, khululeka: ukholo lwakho lukwenze waphelela” (bona uLuka 8:43–48; bona futhi 6:17–19).

Ngobumsulwa Bakhe,5 uKristu angalapha, enze, aqinise, aduduze, futhi athokozise uma sikhetha ngokuba nesibindi kanye nokholo ukuba sifune Yena .

Amanothi

  1. uJames E. Faust, “The Virtues of Righteous Daughters of God,” Liahona, May 2003, 108.

  2. uGordon B. Hinckley, “Excerpts from Recent Addresses of President Gordon B. Hinckley,” Ensign, Apr. 1996, 73.

  3. D. Todd Christofferson, “The Moral Force of Women,” Liahona, Nov. 2013, 29, 31.

  4. Ubumsulwa bunamandla (bona uMarku 5:30).

  5. Kumbhalo oNgcwele Okhombayo, “Ubupristi” buchazwa ngokuthiwa: “Kuyimvumo kanye namandla avela kuNkulunkulu anikeza umuntu owesilisa ukuba enze izinto ukuze umuntu asindiswe” (D&C 50:26–27).

Cabanga Ngalokhu

Ubumsulwa benza kanjani ukuthi sikhone futhi sibe namandla?

Shicilela