Ngo-2015
Hlanganiswe noMndeni Wami Ingunaphakade
Juni 2015


Intsha

Hlanganiswe noMndeni Wami Ingunaphakade

Umbhali uhlala eUtah, USA.

Ngenkathi mina ngineminyaka emithathu, umama wami ongizalayo wavumela ukuba ukuthathwa kwami ngabazali abangikhulisayo bavume ukuba izimiso zeBandla ziqedelwe emva kokuba sengihlanganise iminyaka engu 12. Wacabanga ukuthi kwakumele ngikhule ngokwanele ukuze ngikwazi ukuzithathela isinqumo, kepha kwakunzima kakhulu ukulinda.

Yebo, kwakunzima ukubona abangane bami abaningi bebhabhadiswa ngenkathi beba neminyaka eyishagalombili ubudala, kepha okwakunzima kakhulu kwaba ukuthi ngangingakwazi nokuthi ngihlanganiswe nabazali bami kanye nabomzala bami abahlanu abadala nakimi kuze kufike isikhathi ngineminyaka engu 12. Ngangisaba ukuthi kungenzeka into kimi futhi ngingasakwazi ukuba ngihlanganiswe kanye nabo.

Ngenkathi usuku lwami lweminyaka engu12 lokuzalwa lisondela, saqala salungiselela ukubhabhadiswa kwami kanye nokuhlanganiswa futhi nomndeni wami. Abazali bami bathi ngikhethe ithempeli engifisa ukuyohlanganiswa khona. Ngangihlezi ngicabanga ukuthi ithempeli laseSan Diego California lalilihle kakhulu, umndeni wami wavuma ukuba sihambe ngenqola siye eCalifornia ukuyohlanganiswa.

Ngangijahile kakhulu ukuba ngiyohlanganiswa kanye nomndeni futhi nabomzala bami. Ngesikhathi sokuhlanganiswa kwami, ngezwa uMoya ongcwele onamandla kakhulu okunzima ukuchaza ngamazwi. Manje njengoba ekugcineni sengihlanganisiwe kanye nomndeni wami, esikhundleni sokukhathazeka sekunemizwa yenkululeko kanye noxolo, ukwazi ukuthi ngihlanganisiwe kanye nabo ingunaphakade.

Shicilela