Ngo-2015
Imindeni Ingaba Ndawonye Ingunaphakade
Juni 2015


Umlayezo WobuMongameli Bokuqala, uJuni 2015

Imindeni Ingaba Ndawonye Ingunaphakade

Isithombe
NguMongameli uHenry B. Eyring

Amandla obupristi okuhlanganisa imindeni ingunaphakade enye yezipho ezinkulu zikaNkulunkulu. Omunye nomunye umuntu oqondayo indlela yensindiso ufisa izibusiso ezingunaphakade. Kuphela emicimbini yokuhlanganisa eyenzeka emathempelini agcotshiwe eBandla likaJesu Kristu Labangcwele Bezinsuku zokugcina lapho uNkulunkulu unikeza isithembiso sokuthi imindeni ingahlangana ndawonye ingunaphakade.

Izikhiye zobupristi ezenza lokhu zabuyiswa emhlabeni ngomprofethi uElijah ku Joseph Smith kwiThempeli lase Kirtland. Lezo zikhiye zobupristi zadluliselwa ngendlela engahlephukile ngabaprofethi abaphilayo kwiBandla likaJesu Kristu laBangcwele bezinsuku Zokugcina kuze kube namhlanje.

UMsindisi ngenkathi eshumayela esemhlabeni wakhuluma ngamandla wokugcoba imindeni ngamazwi kuPeter, Umpostoli omkhulu Wakhe, ngenkathi ethi, “Ngiqinisile ngithi kini, Noma yini ezohlanganiswa lapha emhlabeni izakuhlanganiswa nasezulwini: futhi ezakukhululwa emhlabeni izakukhululwa nase zulwini ” (uMatewu 18:18).

Kuphela emhlabeni wokuqala lapho esizakuhlala kanye nemindeni ingunaphakade. Lapho sizakuba imindeni phambi kobuso buka Baba wethu waseZulwini kanye noMsindisi. uMprofethi uJoseph Smith wachaza leso sifundo esihle ngalendlela kwiMfundiso kanye Nezivumelwano.

“Ngenkathi uMsindisi ezovela sizawumbona njengoba ewuyena. Sizakumbona ukuthi ungumuntu njengathi sonke.

“Futhi lobo budlelwane obukhona phakathi kwethu lapha kuzakuba khona kithi nalapho, kuphela nje kuzakuba nenkazimulo engunaphakade, leyo nkazimulo esingayithokozeli okwamanje” (D&C 130:1–2).

Lombhalo ongcwele ubonisa ukuthi singakwazi ngenjongo yokuzithemba kwimigangatho engcwele kubudlelwano bethu phakathi kwemindeni yethu. Singakwazi ukunakekela amalungu emindeni yethu, abaphilayo kanye nabangasekho, senze konke okusemandleni ethu ukubenzela izimiso zobupristi lezo izizohlanganisa thini ezulwini.

Abaningi benu, abasebasha kanye nabasebakhulile, niyakwenza lokho. Uyewafuna amagama wamadlozi akho labo abangazange bathole izimiso lezo ezinganenza nibumbane nibemunye.

Cishe nonke ninezihlobo lezo ezingakatholi ithuba lokuhlanganiswa kanye nemindeni ngamandla obupristi. Abaningi banezihlobo eziphilayo abathole izimiso zobupristi kepha abagcini izivumelwano abazenza kanye noNkulunkulu. uNkulunkulu uzakubusisa ngokuthi wena uye wakwazi ukusiza lezo zihlobo ngokholo. iNkosi inikeze isethembiso kwizinceku Zayo lezo eziletha abanye abantu Kuyena:

“Umuntu ozokuzwa, nami ngokunjalo ngizakuba khona, ngokuba ngizakuhamba phambi kwakho. Ngizoba ngasesandleni sakho sokudla, futhi uMoya wami uzakuba ezinhlizweni zenu, futhi izingelosi zami zizungeze nina, ukuze zinibonise nina” (DC 84:88).

Kwifastela lase hhofisini lami njalo ngibona omakoti kanye nabakhwenyana bathwebula izithombe zabo eduzane kwezimbali ezinhle futhi nemithombo yamanzi ephakamayo. Umkhwenyana njalo uthwala umakoti wakhe ngezandla zakhe, cishe nje ngezinyathelo ezimbalwa, ngenkathi umthwebuli zithombe ethwebula izithombe zomshado. Uma njalo ngibona lokhu, ngicabanga ngabashadile engibaziyo uma sekuhambe isikhathi—ngezinye izikhathi ezifushane nje emva kosuku lomshado—bethwala omunye nomunye ngezindlela ezahlukahlukene ngenkathi impilo iba nzima. Imisebenzi ingaphela. Izingane zizalwe ngezimo ezibucayi. Ukugula kufike. Bese-ke, umkhuba wokwenza into komunye njengoba sifisa ukuba benze nakithi—ngesikhathi kulula—kuzasenza sibe ngamaqhawe kanye namaqhawekazi kulezozikhathi ezinzima ngenkathi kudinga okuningi lokho esikade sicabanga ukuthi sinako.

Sikweleda imindeni yethu ubudlwelwane lobo thina esingakuletha phambi kukaNkulunkulu. Kumele sizame ukugwema ukuzwisa ubuhlungu noma sivumele ukuzwa ubuhlungu. Singakhetha ukuxolela masishane futhi ngokuphelele. Singazama ukufuna injabulo yabanye ukwedlula eyethu. Singabanomusa ekukhulumeni kwethu. Njengoba sizama ukwenza konke lokhu, sizakumema uMoya oNgcwele kwimindeni yethu kanye nasezimpilweni zethu.

Isiqinisekiso kini ukuthi, ngosizo lweNkosi kanye nenhliziyo eguqukileyo, singabona kancane kulempilo yamanje impilo leyo esiyifuna ukuyiphila ingunaphakade. uBaba waseZulwini uyasithanda. Ufuna sibuyele Kuye. UMsindisi, ngamandla Akhe eNhlawulo, enza ushintsho lwenzeke ezinhlizweni zethu lolo okumele silwenze ukuze singene emathempelini angcwele, senze izivumelwano esizokwazi ukuzigcina, futhi ngesikhathi sikwazi ukuyohlala kanye nemindeni ingunaphakade kumbuso wokuqala omkhulu —ekhaya futhi.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Njengoba uwabelana kanye nemfundiso yemindeni yangunaphakade, cabanga ngalokhu iGosa u G. Scott weKhoramu Yabapostoli Beshumi nambili: “Funa ngasosonke isikhathi ukuqinisa imindeni. Fundisa ngombono wokubaluleka kwemindeni ihlanganiswa ethempelini. … Uma unombono wezimiso zokuhlanganisa kwasethempelini, uzakusiza ukwakha umbuso kaNkulunkulu emhlabeni” (“I Have Given You an Example,” Liahona, May 2014, 34). Ungabasiza kanjani labo obafundisayo bakhulise umbono wokubaluleka kokuhlanganiswa ethempelini. Mema labo abangakaze bahlanganiswe ukuze nixoxisane ngezinyathelo abangahle bazithathe ukuthola lesosimiso. Mema labo abake bahlanganiswa ukuze nixoxisane ngokuba bangakwazi kanjani ukugcina umbono womdeni wabo wangunaphakade futhi basebenzele ukuthuthukisa ubudlelwano babo komunye nomunye.

Shicilela