Ngo-2015
Izibonakaliso Ezingcwele zikaJesu Kristu: Ezinamandla futhi Ezigcwele iNkazimulo
Septhemba 2015


uMlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uSeptemba 2015

Izibonakaliso Ezingcwele zikaJesu Kristu: Ezinamandla futhi Ezigcwele iNkazimulo

Ngomkhuleko funda lemibhalo futhi ufune ukwazi ngalokho ongabelana ngakho. Ukuqonda impilo kanye nezindima zikaMsindisi kuzokhulisa kanjani ukholo lwakho kuYena futhi kubusise kanjani labo obaqaphile ngokufundisa ngokuvakasha? Ukuthola ulwazi olwengeziwe, iya ku www.reliefsociety.lds.org.

Isithombe
Isiqubulo Senhlangano Yabesimame Yenkululeko

Ukholo, Umndeni, Inkululeko

Izincwadi ezingcwele zisifundisa ukuthi uJesu Kristu “wathola wonke amandla, asezulwini Kanye nasemhlabeni, futhi inkazimulo kaBaba yayi kanye naye” (D&C 93:17). IGosa uM. Russell Ballard weKhoramu labaPostoli Beshumi Nambili wathi ngalamandla uMsindisi wethu wadala izulu Kanye nomhlaba, wenza izimangaliso, futhi wabekezelela ubuhlungu eGethsemane nase Calvary.1 Njengoba sithola ukuzwisisa ngalokhu, ukholo lwethu kuKristu luzakukhula, futhi sizaqina kakhulu.

Njengoba senza futhi sigcina imiyalelo yasethempelini, iNkosi izosibusisa ngamandla Ayo. uLinda K. Burton, uMongameli jikelele Wenhlangano Yabesimame Ekhulekile, wathi: “Ukugcina isivumelwano kuqinisa, kunikeze amandla, futhi kukuvikele. … Ngihlangene nomngane othandekayo kamuva nje. Wabeka ubufakazi bakhe bokuthi emva kokuthola ukugcotshwa kwasethempelini, wazizwa enamandla wokumelana nezilingo.2

uNifayi ubeka ubufakazi bakhe ngamandla wesivumelwano: “Mina, uNifayi, ngibone amandla Wemvu kaNkulunkulu, lawo ehlela … phezu kwabantu abenze isivumelwano neNkosi, … futhi babephethe izikhali zokulunga futhi namandla kaNkulunkulu nenkazimulo enkulu” (1 uNifayi 14:14).

Eminye imiBhalo eNgcwele

uJeremiya 51:15; iSambulo 1:6; uJakobe 4:6–7; uMozaya 3:17

Kuvela embhalweni Ongcwele

Ezizwa enozwelo kuMartha kanye noMary, uJesu Kristu wavusa umfowabo uLazarus ekufeni ngamandla avela kuNkulunkulu ayenawo.

uJesu wafika ekhaya lika Martha kanye noMary emva kokuba uLazarus esethuneni izinsuku ezine. Bahamba baya ethuneni likaLazarus, uJesu wathi itshe lelo elalivale umyango wethuna lisuswe. uJesu wathi kuMartha, “Angizange na ngikutshele, ukuthi uma wena ungakholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu?” Wayesethandaza kuNkulunkulu uBaba futhi “wakhala ngezwi elikhulu, Lazarus, woza.

“Futhi loyo owayeshonile weza, izandla kanye nezinyawo ziboshiwe ngezingubo zokuncwaba. (Bona uJohane 11:1–45.) uMsindisi usebenzisa amandla Akhe ukuba sisindiswe futhi asiphe amandla. Ukholo lwethu Kuye luzakuphakama njengoba sikhumbula ukuthi Yena unamndla kanye nenkazimulo.

Amanothi

  1. Bona uM. Russell Ballard, “This Is My Work and My Glory,” Liahona, May 2013, 18.

  2. uLinda K. Burton, “The Power, Joy, and Love of Covenant Keeping,” Liahona, Nov. 2013, 111.

Cabanga Ngalokhu

Amandla kaNkulunkulu asihlomisa kanjani ukuba sibe namandla kanye nenkazimulo?

Shicilela