Ngo-2015
Imindeni kanye Nomthandazo
Septhemba 2015


UMLAYEZO WOBUMONGAMELI BOKUQALA, uSeptemba 2015

Imindeni kanye noMthandazo

Ngenkathi, ngihlala eceleni kombhede kababa wami ubusuku bonke, wakhuluma ngokukhula kwakhe. Wakhuluma ngothando lwabazali bakhe ezikhathini ezinzima futhi nolukaBaba wakhe waseZulwini kanye noMsindisi. Ngangikwazi ukuthi wayephethwe yisifo somdlavuza, esikhathini esiningi azange ngimangale ngenkathi ephambanisa imizwa yakhe kanye nekaBaba wakhe waseZulwini futhi nothando kanye nesihawu sikababa wakhe wasemhlabeni. Ubaba wami wayehlezi ekhuluma ethi ngenkathi ethandaza, wayecabanga ukuthi wayekwazi ukubona ukumoyizela kukaBaba waseZulwini enqondweni yakhe.

Abazali bakhe bamfundisa ngokwenza isibonelo sokukhuleka sengathi wayekhuluma kuNkulunkulu futhi uNkulunkulu wayemphendula ngothando. Wayedinga lesosibonelo ekugcineni. Ngenkathi ezwa ubuhlungu obukhulu, sasimthola ekuseni eguqe ngamadolo eduzane kombhede. Wayebuthakathaka kakhulu ukuba agibele phezu kombhede. Wasitshela ukuthi wayekhuleka kuBaba wakhe waseZulwini ebuza ukuba yingani wayehlupheka kangaka ekubeni wayezama ukuba ngumuntu olungileyo. Wathi impendulo enhle yeza: “uNkulunkulu udinga amadodana anesibindi.”

Ekugcineni waqina, ethemba ukuthi uNkulunkulu wayemthanda, emlalela, futhi wayezamphakamisa. Wayebusisekile ukuba wayazi masishane futhi nokuthi angakhohlwa ukuthi uNkulunkulu onothando usondelene naye ngomthandazo.

Yingakho iNkosi yafundisa abazali, “Futhi bazakufundisa izingane zabo ukuthandaza, futhi bahambe ngokulunga phambi kweNkosi” (D&C 68:28).

Ivangeli likaJesu Kristu labuyiswa—Kanye neNcwadi kaMomoni futhi nezikhiye zonke zobupristi lezo ezizohlanganisa imindeni—ngokuba uJoseph Smith ngenkathi esengumfana wakhuleka ngokholo. Ukholo lolo walithola emndenini onothando futhi onokholo.

Eminyakeni engamashumi amabili ayadlula iNkosi yanikeza imindeni iseluleko ku “Umndeni: Isimemezelo kuMhlaba” kuMongameli Bokuqala kanye neKhoramu yabaPostoli Beshumi Nambili: “Imishado kanye nemindeni ephumelelayo isungulwa futhi igcinwa ngemigomo wokholo, umkhuleko, inguquko, ukuxolela, inhlonipho, uthando, uzwelo, umsebenzi, kanye nezinto ezinhle esichitha isikhathi sethu ngazo.1

Sikweleda kakhulu ukubonga kumndeni kaJoseph Smith uMprofethi ngokukhuliswa kwakhe. Umndeni wakhe wamkhombisa isibonelo hhayi kuphela sokholo kanye nomkhuleko kepha kanye nenguquko, uxolo, inhlonipho, uthando, uzwelo, umsebenzi, kanye nezinto ezinhle esichitha isikhathi sethu ngazo.

Isizukulwane esizoza emva kwakho singathi ubusisekile ngesibonelo osenzile somkhuleko emndenini wakho. Ungahle ungakhulisi inceku enkulu kaNkulunkulu, kepha ungakwazi ngemithandazo yakho kanye nesibonelo senkolo yakho ukusiza iNkosi uJesu Kristu ikhulise izinceku zayo ezilungile futhi ezithandekayo.

Konke ongahle ukukhethe ukukwenza ukusiza iNkosi, umthandazo kuzoba yiwona okubaluleke kakhulu. Kukhona abantu nje, uma bekhuleka, bagqugquzela abanye ukuba bavule amehlo abo ukuze babone ukuba kukhona bani. Ungaba umuntu onjalo.

Cabanga ukuthi lokho kungasho ini kulabo oguqa kanye nabo kumthandazo womndeni. Uma bezwa ukuthi ukhuluma kuNkulunkulu ngokholo, ukholo lwabo luzaphakama ukuba nabo bakhulume kanye noNkulunkulu. Uma uthandazela ukubonga kuNkulunkulu ngezibusiso abazaziyo ukuba bazitholile, ukholo lwabo luzokhula ngolwazi lokuthi uNkulunkulu uyabathanda futhi uphendula imithandazo yakho futhi uzakuphendula eyabo. Lokho kungenzeka emkhulekweni womndeni kuphela nje uma ukewaba nesifundo somkhuleko uwedwa, esikhathini esiningi.

Ngisabusisekile ngokuba nobaba kanye nomama ababekhuluma noNkulunkulu. Isibonelo sabo ngamandla womkhuleko womndeni kuyisibonelo namanje sezizukulwane ezeza emva kwabo.

Izingane kanye nezizukulwane zami zibusisekile mihla yonke ngesibonelo esenzwa ngabazali bami. Ukholo lokuthi uNkulunkulu othandekayo uyezwa futhi aphendule imikhuleko lidluliselwe kubona. Ungenza okuzakhumbuleka okunjalo kumndeni wakho. Ngikhulekela ukuthi ukwenze.

Amanothi

  1. “The Family: A Proclamation to the World,” Liahona, Nov. 2010, 129;

Gubha umyaka WESI-20 Wokukhumbula Isimemezelo kuMndeni

“Umndeni: Isimemezelo kuMhlaba” sifundisa ngemigomo esebenzayo kulezikhathi zamanje njengesikhathiesakhonjiswa ngomhlaka 23 kuSeptemba, 1995. Cabanga ngokumema umuntu noma imindeni oyifundisayo ukuba bagubhe usuku lwesi20 lwesikhumbuzo ngesimemezelo.

  1. Ngokubeka imigomo equkethe ukubaluleka kakhulu kubona. (Bona okwenzwa nguMongameli Eyring ngomkhuleko kumlayezo ongaphezulu.)

  2. Ukuxoxisana ngemigomo omunye ngamunye ukuthi INGAKUBUBISA kanjani namuhla futhi nasesikhathini esizayo.

  3. Ubeke injongo eqondile ekusebenziseni leyomigomo ezimpilweni zabo futhi babelane ngazo nabanye.

Shicilela