Ngo-2015
Ukusebenza Emthandazweni
Septhemba 2015


Intsha

Ukusebenza Emthandazweni

Umongameli uEyring ufundisa ukuthi umndeni wakho ungabusiseka ngobudlelwane bakho kanye noBaba waseZulwini. Ungaqinisa ubudlelwane bakho kanye Naye ngokuqinisa imithandazo yakho! Nayi eminye yamasu ambalwa wokwenza njalo:

Ngaphambi kokuba uqale umthandazo wakho, thatha ithuba elifushane ukuba ucabange ngalokho ofuna ukukhuluma ngakho. Cabanga ngemibuzo ongahle ube nayo noma izinto ezilokhu zikuphethe kabi—ungazibhala phansi ukuze ungakhohlwa. Sebenzisa lesikhathi ukuba ususe izinto eziyinkinga zosuku ukuze ubhekane nokuyalwa koMoya oyiNgcwele. Uma ingqondo yakho iphambuka ngenkathi uthandaza, zama ukucabanga ngoBaba waseZulwini elalela. Khuluma ucacise. Futhi¸ushiye imizuzu embalwa ekugcineni komthandazo ukuba uzwe ukuyalwa okuvela kuMoya oyingcwele. Ungabhala phansi okuzwayo kwijenali yakho.

Khumbula ukuthi umthandazo ungumsebenzi, ungakhathazeki uma kuthatha isikhathi noma kubukeka kunzima! Umzamo wakho ekuthandazeni ungasiza ukuba wenze ubudlelwane kanye noNkulunkulu obuzobusisa izizukulwane.

Shicilela