Ngo-2015
Inkumbuzo yoMthandazo
Septhemba 2015


Izingane

Inkumbuzo yoMthandazo

uMongameli uEyring ufundisa ukuthi kubalulekile ukuthandaza kanye nomndeni wakho. Ungaba yisibonelo kumndeni wakho ngokuthandaza nsuku zonke. Ungaphinde ukhumbuze umndeni wakho ukuba uthandaze ndawonye nsuku zonke. Khumbula lesisho esivela kwinkulumo kaMongameli uEyring: “uBaba waseZulwini uzwa imithandazo yakho. Uyakuthanda. Uyalazi igama lakho” (“Continuing Revelation,” Liahona, Nov. 2014, 73). Bhala phansi lesisho kwicezu lekhadi noma iphepha futhi ulibeke lapho wonke umndeni uzakulibona khona. Ngalendlela ungakhumbula ukuthi uBaba waseZulwini ufuna ukuzwa wena!

Shicilela