Ngo-2016
Izinqumo
Meyi 2016


Umlayezo Wobumongameli Bokuqala, Meyi 2016

Izinqumo

Sengathi njalo singakhetha okulungileyo okunzima kunokuba sikhethe okungalungile okulula.

Bafowethu nodadewethu, ngaphambi kokuba ngethule umyalezo wami namhlanje, ngithanda ukwazisa ngamathempeli azo kwakhiwa kulezi zindawo ezilandelayo, ezinyangeni naseminyakeni ezayo: eQuito., eEcuador; eHarare, eZimbabwe; eBelem, eBrazil; kanye nelesibili ithempeli lase Lima, ePeru.

Ngenkathi ngiba yilungu loMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi Nambili ngo 1963, kwakunamathempeli awu 12 asebenzayo kulo lonke iBandla. Emva kokungcweliswa kwethempeli iProvo City Centre emasontweni amabili adlule, manje asengu 150 amathempeli asebenzayo emhlabeni jikelele. Sigcwele ukubonga kakhulu ngezibusiso esizithola kulezi zindlu ezingcwele.

Manje bafowethu nodadewethu, ngithanda ukubonga ngalelithuba enginalo lokukhuluma nani kafushane ekuseni namhlanje.

Esikhathini esisanda kudlula bengicabanga ngezinqumo. Kuthiwa umnyango womlando uphenduka ezingibeni ezincane, kanjalo nezimpilo zethu. Esikukhethayo yikho okuzokhomba ukuthi sizofinyelela kuphi.

Ngenkathi sishiya impilo eyandulela eyasemhlabeni siza emhlabeni, seza nesipho sokukwazi ukuzikhethela. Esikuphokophelele ukuzuza inkazimulo yesilestiyali, kanti-ke esikukhethayo yikho okuzokhomba ukuthi sizofinyelela yini lapho sifuna ukufinyelela khona.

Iningi lenu liyayazi indaba ka-Alice eyabhalwa nguLewis Carrol ethi Alice’s Adventures in Wonderland. Niyakhumbula ukuthi ufika lapho kuhlangana khona imigwaqo emibili, ehamba izindlela ezahlukene. Ngesikhathi esacabanga ukuthi athathe muphi umgwaqo, uhlangana neKati laseCheshire, alibuzayo ethi, “Ngithathe muphi umgwaqo?”

iKati liphendula lithi,“ Kuzoya ngokuthi ufuna ukuya kuphi. Uma ungazi ukuthi uyaphi, akwenzi mehluko ukuthi iyiphi indlela oyithathayo.”1

Thina-ke asifani noAlice, siyazi ukuthi sifuna ukuyaphi, futhi kubalulekile ukuthi sithatha yiphi indlela, ngoba indlela esiyilandelayo kulempilo izosisa lapho siyakhona empilweni ezayo.

Sengathi singakhetha ukukhulisa kithi ukholo olukhulu futhi olunamandla oluzosivikela kuzo zonke izinhloso zomubi—ukholo lwangemela, oluzosisekela futhi oluzosisiza ukuthi sibe nesifiso sokukhetha okulungileyo. Ngaphandle kokholo olunjalo, ngeke saya ndawo. Ngalo, singazifeza izinhloso zethu.

Nakuba kubalulekile ukuthi sikhethe ngokuhlakanipha, kukhona izikhathi lapho sikhetha khona ngobuphukuphuku. Isipho sokuphenduka, esilethwe nguMsindisi wethu, sisiza thina ukuba sikwazi ukulungisa isimo sendlela yethu, ukuze sikwazi ukubuyela endleleni ezosiholela kuleyo nkazimulo yesilestiyali esiyifunayo.

Sengathi singanesibindi sokuphikisana neningi. Sengathi njalo singakhetha okulungileyo okunzima kunokuba sikhethe okungalungile okulula.

Ngenkathi sicabangisisa ngezinqumo esizithathayo nsuku zonke ezimpilweni zethu— ukuthi sikhetha lokhu noma lokhuya —uma sikhetha uKristu, sizobe sikhethe okufanele.

Kungumthandazo wami ovela enhliziyweni ngokuzithoba ukuthi kube njalo, egameni likaJesu Kristu, iNkosi noMsindisi wethu amen.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Kuthathwe ku Lewis Carroll, Alice’s Adventures in Wonderland (1898), 89.

Shicilela