Ngo-2016
Uzokubeka Emahlombe Akhe Akuthwale Akuse eKhaya
Meyi 2016


Umyalezo Ofundiswa Ngokuvakashelana, uMeyi 2016

Uzokubeka Emahlombe Akhe Akuthwale Akuse eKhaya

Njengoba noMelusi Olungileyo eyithola imvu Yakhe elahlekile, uma nje ungaletha inhliziyo yakho kuMsindisi womhlaba, nawe uzokuthola.

Inkumbulo engihluphayo yasebunganeni bami wumsindo wezimpempe ozwakala kude owawungivusa ngilele. Kungakadluli nesikhathi eside, omunye umsindo, owehlezelayo wophephela, ukhula kancane kuze kufike lapho unyakazisa khona umoya. Ngenxa yokufundiswa kahle ngumama wethu, siyizingane sithatha imithwalo yethu sibalekele entabeni endaweni yompheme wokuvikeleka ekushayweni yibhomu. Ngesikhathi siphuthuma sibaleka ebumnyameni bobusuku, amalangabi aluhlaza namhlophe awela phansi evela esibhakabhakeni ekhombisa lokho okudutshulwayo yilabo abathumela amabhomu. Okumangaza kakhulu, wukuthi wonke umuntu ubiza lamalangabi ngezihlahla zikaKhisimusi.

Ngineminyaka emine ubudala, futhi ngizibonela ngamehlo impi yomhlaba.

eDresden

Maduzane nje nalapho umndeni wasekhaya wawuhlala khona kwakhukhona idolobha elalibizwa ngokuthiwa iDresden. Labo ababehlala lapho mhlawumbe babona okuningi kakhulu kwalokho engangikubonile. Izivunguvungu zomlilo ezinkulu kakhulu, ezazibangwa yiziqhumane eziningi, zadlula eDresden, zabhidliza ingxenye eningi yalelo dolobha futhi zashiya imvuthu nomlotha emva kwazo.

Ngesikhashana nje, idolobha elake labizwa ngokuthiwa i “Jewel Box” lalingasekho. uErich Kästner, umbhali zincwadi ongumJalimani, wabhala ngokumoshakala kwalelidolobha ethi “Eminyakeni eyizinkulungwane kwakhiwa ubuhle bakhe, kodwa ngobusuku obubodwa labhujiswa laphela.”1 Ngesikhathi ngise yingane ngangingakwazi ukubona ukuthi abantu bakithi babengakwazi kanjani ukunqoba imbubhiso yempi. Konke esasikubona phambi kwethu kwakwenza silahlekelwe yithemba nekusasa silibona lingekho.

Ngonyaka odlule ngithole ithuba lokubuyela eDresden. Iminyaka engamashumi ayisikhombisa emva kokuphela kwempi, sekuphinde kwayiyo, futhi, i “Jewel Box” yedolobha. Umonakalo usulungisiwe, nedolobha selibuyiselwe esimweni salo sangaphambilini futhi laze lenziwa ngcono.

Ngesikhathi ngivakashile ngabona ibandla elihle lamaLuthela iFrauenkirche , iBandla lowesiMame Wethu. Laqala ukwakhiwa ngeminyaka yo 1700 , futhi lalingelinye lamagugu amahle aseDesdren, kodwa impi yaliphendula inqwaba yemvithi. Iminyaka eminingi lalihlezi linjalo, kwaze kwanqunywa ukuthi iFrauenkirche izokwakhiwa kabusha.

Amatshe alelibandla elabhujiswa ayegciniwe futhi, uma kwakwenzeka, asetshenziswa ukulakha kabusha. Namhalnje ungakwazi ukuwabona amatshe amnyama ashiswe ngumlilo abonakala odongeni olungaphandle. Lama “nxeba” awasikhumbuzi kuphela ngomlando wempi walesi sakhiwo kodwa ayisikhumbuzo sokuba nethemba—uphawu oluhle kakhulu lwekhono lomuntu lokukwazi ukwakha impilo entsha esuka emlotheni.

Ngesikhathi ngidlinza ngomlando waseDesdren ngimangala ngokuhlakanipha kwalabo abanquma ukubuyisela lokho okwase kubhujiswe nya, ngawezwa amandla kaMoya oNgcwele engithinta. Ngacabanga ukuthi impela uma umuntu engakwazi ukuthatha lo monakalo, imvuthu kanye nensalela yedolobha, aphinde akhe isakhiwo esimangalisayo esiphakama siye emazulwini, uBaba wethu onguMninimandla Onke angahlulwa yini ukuba abuyisele abantwana Bakhe abawile, abazabalazayo, noma asebelahlekile na?

Akusho lutho ukuthi izimpilo zethu zingabonakala zonakele kangakanani. Akusho lutho ukuthi izono zethu zibomvu kangakanani, nokuthi ubuhlungu bethu bungakanani, sizizwa sisodwa kangakanani, silahlwe kanjani, noma izinhliziyo zethu ziphuke kangakanani. Ngisho nalabo abangenalo ithemba, abaphila bengenathemba, abalahle ukwethembeka kwabo, noma abalahle uNkulunkulu nabo bangaphinde bakhiwe kabusha. Ngaphandle kwalawo madodana okulahlwa ayingcosana, ayikho impilo eyonakele engeke yabuyiselwa futhi.

Izindaba ezimnandi zevangeli yilezi: ngenxa yesu lenjabulo yaphakade elilethwe ngu Baba wethu oseZulwini osithandayo kanye nomnikelo ongapheliyo kaJesu Kristu, asizukukhululwa kuphela esimweni esikuso sokuwa siphinde sibuyiselwe kwesokuba msulwa futhi, kepha singadlula ukucabanga kwasemhlabeni sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokunjalo nenkazimulo kaNkulunkulu engachazeki.

Umfanekiso Wemvu Elahlekileyo

Ngesikhathi sobufundisi bukaMsindisi, abaholi benkolo ngesikhathi Sakhe babengakuvumi ukuthi uJesu achithe isikhathi kanye nabantu ababethi bayi “zoni.”

Mhlawumbe kubona kwakubukeka sengathi wayekuvumela noma ekuthethelela ukona kwabo. Mhlawumbe babekholelwa ukuthi indlela efanele yokusiza izoni ziphenduke kwakungukuba zigxekwe, kuhlekiswe ngazo, futhi zihlazwe.

Kwathi uma uMsindisi ebona ukuthi AbaFarisi nababhali bebacabangani, waxoxa indaba ethi:

“Ngumuphi umuntu kini othi enezimvu eziyikhulu, uma elahlekelwa ngenye yazo, angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye ehlane, ayofuna elahlekileyo, aze ayithole na? …

“Futhi uma eseyitholile, ayibeke emahlombe akhe, ajabule.”2

Eminyakeni engamakhulu, lomfanekiso selokhu wathathwa njengobizo kithi ukuba sibuyise imvu elahlekile futhi sifinyelele nakulabo abadukileyo. Nakuba lokhu kulungile futhi kukuhle, ngiyazibuza ukuthi ngabe akukho yini okunye okukhona.

Kungenzeka yini ukuthi injongo kaJesu, okokuqala nokubalulekile, wayeqonde ukufundisa ngomsebenzi wo Melusi Olungileyo na?

Kungenzeka yini ukuthi waye wayefakaza ngothando lukaNkulunkulu lwabantwana Bakhe abadukileyo na?

Kungenza yini ukuthi umyalezo woMsindisi kwakuwukuthi uNkulunkulu ubazi kahle labo abalahlekile—nokuthi uzobathola, nokuthi uzofinyelela kubo, futhi nokuthi uzobasindisa na?

Uma ke kunjalo, imvu ngabe kufanele yenzeni ukuze ifanelwe wukuthola lolusizo lukaNkulunkulu na?

Ngabe imvu idinga ukwazi ukuthi usetshenziswa kanjani umshini olikhuni ukuze kutholakale indlela na? Ngabe idinga ukwazi ukusebenzisa iGPS ukuze ithole lapho ime khona na? Ngabe kufanele ikwazi yini ukwakha i app ezoyisiza ithole usizo na? Ngabe imvu idinga ukuvunyelwa ngumxhasi yini ngaphambi kokuba uMelusi Olungileyo azoyisindisa na?

Cha. Ngempela akunjalo! Imvu ifanelwe yinsindiso kaNkulunkulu ngoba nje ithandwa ngu Melusi Olungileyo.

Kimi, umfanekiso wemvu elahlekileyo ungesinye sezahlukwana emibhalweni engcwele eletha ithemba elikhulu

uMsindisi wethu, uMelusi Olungileyo, uyasazi futhi uyasithanda. Uyakwazi futhi uyakuthanda.

Uyazi uma ulahlekile futhi uyazi ukuthi ukuphi. Uyabazi ubuhlungu bakho. Ukunxusa kwakho uthule. Ukwesaba kwakho. Izinyembezi zakho.

Akusho lutho ukuthi ulahleke kanjani—noma kungenxa yokuthi nguwe uqobo okhethe okubi noma kungenxa yezimo ozithola ukuzo kungenzanga wena.

Okubalulekile ukuthi ungumntwana Wakhe. Futhi Uyakuthanda. Uyabathanda abantwana Bakhe.

Ngenxa yokuthi uyakuthanda, uzokuthola. Uzokubeka emahlombe Akhe, ejabule. Kuthi uma esekuletha ekhaya, uzothi koyedwa nakwabanye, “Jabulalni kanye nami; ngokuba ngiyitholile imvu yami ekade ilahlekile.”3

Yikuphi okufanele sikwenze na?

Kungenzeka ukuthi uyacabanga uthi kodwa ngabe lukuphi ugibe na? Nakanjani kukhona okufanele ngikwenze kunokuhlala nje ngilinde ukusindiswa.

Nakuba uBaba wethu onothando efisa ukuthi bonke abantwana Bakhe babuyele Kuyena, Ngeke aphoqa muntu ukuba aye ezulwini.4 UNkulunkulu akasoze asi sindisa thina singathandi.

Pho ngabe yini okufanele siyenze na?

Isimemo Sakhe silula:

“Phenduka … uze kimi.”5

“Zanini kimi.”6

“Sondelani eduze kwami nami ngizo sondela eduze kwenu.”7

Simkhombisa ngalendlela-ke ukuthi sifuna ukusindiswa.

Idinga ukholo oluncane. Kepha ungapheli amandla. Uma ungakwazi ukuba nokholo okwamanje, qala ngokuba nethemba.

Uma ungakwazi ukusho ukuthi uyazi ukuthi uNkulunkulu ukhona, ungaba nethemba lokuthi ukhona. Ungafisa ukukholwa.8 Lokho kwanele ukuba uqale.

Bese, uzama ukufinyelela kuBaba oseZulwini ngalelothemba. UNkulunkulu uzokwelulela uthando Lwakhe kuwe, futhi umsebenzi Wakhe wokukusindisa nokukuguqula uzobe usuqala.

Ngokuhamba kwesikhathi uzosibona iSandla Sakhe empilweni yakho. Uzoluzwa uthando Lwakhe. Futhi nesifiso sokuhamba ekukhanyeni Kwakhe nokulandela indlela Yakhe kuzokhula ngazo zonke izinyathelo zokholo ozithathayo.

Lezi zinyathelo zokholo sizibiza ngokuthi “ukuhlonipha.”

Lena akuyona into ethandekayo kulezi zinsuku. Kodwa-ke ukuhlonipha kuyinto eyigugu evangelini likaJesu Kristu ngokuba siyazi ukuthi“ ngeNhlawulo kaKristu, bonke abantu bangasindiswa ngokuhlonipha imithetho nezimiso zeVangeli.”9

Ngesikhathi lukhula ukholo lwethu, kufanele futhi sikhule nasekuthembekeni. Ekuqaleni ngikhulume ngomJalimani owayengumbhali zincwadi owayekhala ngokubhidlizwa kweDresden. Waphinde wabhala isisho esithi “Es gibt nichts Gutes, ausser: Man tut es.” Kulabo abangakwazi ukukhuluma ulimi lwesilestiyali, lokhu kuhunyushwe kanjena “Ayikho into enhle ngaphandle kokuthi uyenze.”10

Wena nami singakhuluma kahle kakhulu ngezinto zikamoya. Kungenzeka sijabulise abantu ngokwazi ukuthola incazelo ngezihloko zenkolo. Singakhuluma kakhulu ngenkolo futhi “siphuphe ngendlu [yethu] enkulu yaphezulu.”11 Kepha uma ukholo lwethu lungayishintshi indlela esiphila ngayo—uma inkolelo yethu ingakwazi ukushintsha izinqumo esizithatha nsuku zonke—inkolo yethu ayisho lutho, futhi nokholo lwethu, uma lungafile, aluluhle neze futhi lusengozini yokuba luphele nya ekugcineni.12

Ukuhlonipha kuyisisekelo sokholo. Siletha ukukhanya kithi ngokuhlonipha.

Kepha ngesinye isikhathi ngibona sengathi asikuqondi kahle ukuhlonipha. Singabona ukuhlonipha njenge siphelo, kunokuthi sikubone njengendlela yokufinyelela esiphelweni. Noma singashaya ngesando sokuhlonipha ngokuphathelene nemiyalelo sizama ukulungisa labo esibathandayo, ngokubashaya siphindelela ngokuphathelene nezinto ezingcwele zasezulwini.

Anginakho ukungabaza, kunezikhathi lapho sidinga khona ubizo oluqinile ukuze siphenduke. Kuyiqiniso, kukhona abanye abangashintshwa ngalendlela.

Kepha mhlawumbe kunesinye isifaniso esingachaza ukuthi kungani sihlonipha imiyalelo kaNkulunkulu. Mhlawumbe ukuhlonipha akukona ukugotshiswa, ukuphenduphendulwa, nokushaywa ukuze sibe ngokuthize esingekona. Esikhundleni salokho, kuyindlela esizithola kahle ngayo ukuthi singobani.

Sidalwe nguNkulunkulu uMninimandla Onke. UnguBaba wethu oseZulwini. Singabantwana Bakhe bomoya ngempela. Senziwe ngezinto zasezulwini eziligugu kakhulu futhi ezihlanzeke kakhulu, ngalokho-ke ngaphakathi kithi kukhona okukaNkulunkulu.

Kepha, lapha emhlabeni, imicabango nezenzo zethu zisindwa yilokho okonakele, nokungengcwele, nokungemsulwa. Uthuli kanye nokungcola komhlaba kungcolisa imiphefumulo yethu, okwenza kube nzima ukubona nokukhumbula ubuzibulo nenjongo yethu.

Kepha konke lokhu akusoze kwashintsha ukuthi singobani. Ubunjalo bethu obuvela kuNkulunkulu obuyisisekelo buhlezi bunjalo. Okwamanje sikhetha ukusondeza izinhliziyo zethu kuMsindisi wethu othandekayo silandele indlela yobufundi, kwenzeka into emangalisayo. Uthando lukaNkulunkulu lugcwala ezinhliziyweni zethu, ukukhanya kweqiniso kugcwala ezingqondweni zethu, siqala nokungathandi ukona, futhi asibe sisafuna ukuqhubeka nokuhamba ebumnyameni.13

Siqala ukubona ukuthi ukuhlonipha akusona isijeziso kepha kuyindlela esikhululayo eya kuNkulunkulu. Kancane kancane, ukonakala, uthuli, kanye nezinto ezisivimbayo zasemhlabeni ziqala ukusuka. Ekugcineni, umoya waphakade ongenakulinganiswa womuntu wasezulwini ngaphakathi kithi uyavela, futhi ukukhanya kobuhle kuba yimvelo yethu.

Ufanelwe Wukusindiswa

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, bangani bami abathandekayo, ngiyafakaza ukuthi uNkulunkulu usibona njengoba sinjalo ngokweqiniso—futhi usibona sifanelwe wukusindiswa.

Ungayibona impilo yakho yonakele. Kungenzeka wonile. Kungenzeka uyesaba, uthukuthele, udabukile, noma uhlushwa ukungabaza. Kodwa ngesikhathi uMelusi Olungileyo ethola imvu Yakhe elahlekile, uma nje ungaphakamisela inhliziyo yakho kuMsindisi womhlaba, uzokuthola.

Uzokusindisa.

Uzokuphakamisa akubeke emahlombe Akhe

Uzokuthwala akuse ekhaya.

Uma izandla zenyama zingaguqula izibi nensalela kanye nomonakalo kube yindlu enhle yokukhonza, singaba nesiqiniseko futhi sethembe ukuthi uBaba wethu oseZulwini onothando angakwazi ukusakha kabusha futhi Isu Lakhe ukuba asakhe sibe yinto enkulu kakhulu ukwedlula lokho ebesiyikona—ukwedlula noma yini esingahle sikucabange. Ngesinyathelo ngasinye sokholo endleleni yobufundi, sikhula sibe ngabantu benkazimulo yaphakade nenjabulo engapheliyo esasivele sidalelwe yona.

Lobu ngubufakazi bami, isibusiso sami, kanye nomkhuleko wami ngokuzithoba egameni elingcwele leNkosi yethu, egameni likaJesu Kristu, amen.

Shicilela