Ngo-2016
IQiniso Okholweni Lwabo
Julayi 2016


Intsha

Ukubambelela Okholweni Lwabo

UMongameli uMonson usho indaba ngomunye umndeni owumvuli-ndlela bese ecaphuna kuMongameli uGeorge Albert Smith: “Ungaphila ngeqiniso kukholo lwamadlozi akho? … Zama ukuphila ngokufanelekileyo kwimihlatshelo [aba]kwenzele yona.” Noma unamadlozi angamavulandlela noma uyilungu lokuqala emndenini weBandla, uyazibheka izibonelo zokholo ukuze zikuhole futhi zikunike amandla? Nansi indlela enhle ongaqala ngayo:

1. Yenza uhlu lwabantu obathandayo. Bangaba amalunga omndeni wakho (bakudala noma bamanje), abangani, abaholi beBandla, noma abantu abase zincwadini ezingcwele.

2. Bhala phansi izimfanelo abanazo ozithandayo. Ngabe umama wakho unesineke ngempela na? Mhlawumbe umngani wakho unomusa kwabanye. Mhlawumbe uthanda isibindi anaso uMholi uMoroni?

3. Khetha umfanelo owodwa kuhlu lwakho bese uyazibuza, “Ngingawuthola kanjani lomfanelo? Yini engidinga ukuyenza ukukhulisa lomfanelo

4. Bhala phansi uhlelo lokukhulisa lomfanelo bese ulibeka endaweni lapho ozolibona khona njalo, ukuze ukhumbule injongo yakho. Thandaza ukuze uthole usizo kuBaba wethu oseZulwini bese ubheke inqubekela phambili njalo. Uma usuzizwa ukuthi usuwukhulise ngokwanele lomfanekiso, ungakhetha omunye umfanekiso ongasebenza ngawo.

Khumbula ukuthi uma sikhulisa izimfanelo ezinhle kithina, asihloniphi kuphela ukholo lwamadlozi kanye nemihlatshelo abayenza, kepha futhi singaba isibonelo esihle unomphela kulaba esihlangana nabo.

Shicilela