Ngo-2016
IQiniso oKholweni loKhokho Bethu
Julayi 2016


UMlayezo WobuMongameli Bokuqala, uJulayi 2016

Ukubambelela Okholweni loKhokho Bethu

UJohn Linford wayeneminyaka engu-43 ngesikhathi yena nonkosikazi wakhe, uMaria, kanye namadodana abo amathathu bethatha isinqumo sokushiya ikhaya labo eGravely, e-England, behamb’ ibanga eliyizinkulungwane ukuyohlanganyela namaKholwa esigodini saseGreat Salt Lake. Bashiya ngemumva indodana yabo yesine, eyayishumayela ivangeli likaJesu Kristu, badayisa izimpahla zabo, bathatha umhubhe eLiverpool bagibela umkhumbi iThornton.

Uhambo ngolwandle ukuya eNew York City, kanye nohambo ezweni ukuya e-Iowa, lwaba nezigigaba ezingezindle. Izinkinga zaqala, kodwa ke, esikhathini esincane emuva kokuba umndeni wakwaLinford kanye namanye amaKholwa ezinsuku zokuGcina begibele umkhumbi iThornton oyingxenye yenkampani yezinqola ezidonswa ngesandla kaJames G. Willie, balishiya iDolobha i-Iowa ngoJulayi 15, 1856.

Isimo sezulu esasisibi kanye nohambo olwalunzima kwabagqilaza, okubalwa khona noJohn. Ekugcineni wagula futhi wababuthaka kwadingeka ukuba adonswe ngenqola edonswa ngezandla. Ngesikhathi befika eWyoming, isimo sakhe sasesibucayi kakhulu. Ithimba lokuhlenga lase Salt Lake City lafika ngo-Okthoba 21, emahoreni ambalwa emuva kokuba indlela kaJohn yasemhlabeni iphele. Wayedlule emhlabeni ekuseni eduze konqenqema loMfula iSweetwater.

Ngabe uJohn wayezisola yini ngokuthi ushiye ukunethezeka kanye nobulula bempilo wakhetha ukuhlupheka, ukweswela, kanye nobunzima bokuthatha umndeni wakhe eSiyoni. (See Zulu triple D&C 38:4; 103: 11, 13, 15. Zulu Bible I Kings 8:1; Isaiah 2:3; 59:20.)

“Cha, Maria,” watshela unkosikazi wakhe ngaphambi kokuba adlule emhlabeni. “Ngiyajabula ukuthi sizile. Angeke ngiphile ngize ngifike eSalt Lake, kodwa wena namadodana nizofika, futhi angisoli lutho kulokhu esesibhekane nakho uma nje amadodana ethu angakhulela futhi akhulisele imindeni yawo eSiyoni.”1

UMaria kanye namadodana akhe baluqeda uhambo lwabo. Ngesikhathi uMaria edlula emhlabeni esikhathini cishe seminyaka engu-30 eseyadlula, yena noJohn bashiya ngemuva ifa lokholo, lokusiza, lokuzinikela, kanye nelokudela konke.

Ukuba iKholwa ezinsukwini zokuGcina ukuba umvuli ndlela, ngoba incazelo yomvuli ndlela “yilowo ohamba ngaphambili ukulungisa noma avule indlela kwabanye.”2 Futhi ukuba umvuli ndlela ukuzijwayeza ukunikela ngokudela konke. Yize amalungu eBandla engasacelwa ukuba ashiye amakhaya awo ukuba athathe uhambo oluya eSiyoni, esikhathini esiningi kumele bashiye ngemuva imikhuba emidala, amasiko akudala, kanye nabangani ababa thandayo. Abanye bathatha isinqumo esinzima sokushiya ngemuva amalungu omndeni aphikisa ubulunga babo eBandleni. Amakholwa ezinsuku zokuGcina aya phambili, kodwa, ethandazela ukuthi abakhethiweyo bazoqonda futhi bamukele.

Indlela yomvuli ndlela ayikho lula, kodwa silandela ezinyathelweni zoMvuli Ndlela wokugcina—ngisho uMsindisi—owahamba ngaphambili, esitshengisa indlela okumele siyilandele.

“Woza, ngilandele,”3 Kwasho Yena esimema.

“Ngiyindlela, iqiniso, kanye nokuphila,”4 Kwasho Yena.

“Woza kimi,”5 Kwasho Yena esibiza.

Indlela ingaba nzima. Abanye bathola kunzima ukumelana nokuphawula kwabantu abangahloniphi futhi abanezinkulumo ezingalungile zabantu abayiziphukuphuku abahlekisa ngokuya ocansini bengashadile, ukuthembeka, kanye nokulalela imiyalelo kaNkulunkulu. Kepha umhlaba uthathe kancane ukugcina lomyalelo. Ngesikhathi uNowa eyalwe ukuba akhe umkhumbi, abantu abayiziphukuphuku babuka kwisibhakabhaka esinganawo amafu futhi behleka—kwaze kwafika imvula.

Ezweni laseMelika esikhathini eside esadlula, abantu babengabaza, bephikisana, futhi bengahloniphi umlilo waze washisa iZarahemla, umhlaba wamboza iMoronihah, kanye namanzi amboza iMoroni. Ukuhleka usulu, ukwedelela, amazwi angcolile, kanye nesono kwasekungasekho. Ukuthula okunyukubele, ubumnyama obukhulu bangena esikhundleni sako. Ukubekezela kukaNkulunkulu kwase kuphelelwe isikhathi, uhlelo lwesikhathi Sakhe luphelelisiwe.

UMaria Linford akazange aphelelwe ukholo lwakhe yize noma wayebhekene nezinkinga e-England, ubunzima bendlela yakhe “endaweni lapho uNkulunkulu … ayilungiselele,”6 kanye nezinkinga ezilandelanayo azibekezelela nomndeni wakhe kanye neBandla.

Emcimbini wango1937 owawenzelwe emathuneni kukhunjulwa uMaria, iGosa uGeorge Albert Smith (1870–1951) wabuza isizukulwane sakhe: “Ningaphila ngeqiniso okholweni lwamadlozi enu? … Zamani ukuphila nimsulwa ukuze nikubone ukuzinikela kwabo.”7

Njengoba sibheka ukwakha iZayoni ezinhliziyweni zethu, emakhaya ethu, emphakathini wethu, kanye nasemazweni ethu, make sikhumbule isibindi nokholo lwalaba abanikela konke ukuze sizijabulele izibusiso zebandla elibuyisiwe, nezethembiso zazo ezivela ngeNhlawulo kaJesu Kristu.

Amanothi

  1. Bheka uAndrew D. Olsen, Inani EsaliKhokha (2006), 45-46, 136-37.

  2. The Compact Edition of the Oxford English Dictionary (1971), “pioneer.”

  3. uLuka 18:22.

  4. uJohane 14:6.

  5. Johane 7:37; bona futhi 3 Nefi 9:22.

  6. “Wozani, Wozani, Nina Abangcwele,” Amahubo, nombolo. 30., i.

  7. Bheka uOlsen, Inani EsaliKhokha, 203-4.

Imfundiso evela KuloMlayezo

Cabanga ukubuza labo obafundisayo ukuthi bacabange abantu abasezimpilweni zabo asebehambe ngaphambi kwabo baba ngabavulindlela kubona. Bese uyababuza ukuthi kunini lapho bona bekumele babe amavuli zindlela bese belungiselela indlela abanye. Bameme ukuba bacabangisise izikhathi lapho bekumele bahlabele khona nokuthi kungani lokho kwaba nenzuzo. Ungabe usubanikeza inselelo ukuba baqophe ubufakazi babo bo “Mvuli-ndlela wokugcina,” uMsindisi.

Shicilela