Ngo-2016
Imililo neziFundo zokuHlonipha
Okthoba 2016


Intsha

Imililo neziFundo zokuHlonipha

UMongameli uThomas S. Monson wake waxoxa ngesikhathi lapho afunda khona ngokubaluleka kokuhlonipha. Ngesikhathi eseneminyaka eyisishiyagalombili ubudala, umndeni wakhe wavakashela indlwana yabo yezingodo eyayisezintabeni. Yena nomngani wakhe babefuna ukususa utshani endaweni encane ukuze benze umlilo. Bazama ukubususa utshani ngezandla, bebudonsa ngamandla, kodwa bakwazi ukudonsa ukhula nje kuphela. Umongameli uMonson wachaza wathi, “Emva kwalokho enqgondweni yami ngafikelwa engakubona kuyisixazululo esihle kakhulu. Ngathi kuDanny, ‘Esikudingayo kuphela wukushisa lolukhula ngomlilo.’ Sizovele sibase umlilo uzungeze lolukhula!’”

Nakuba wayazi ukuthi wayengavunyelwe ukusebenzisa umentshisi, kodwa wagijima waya endlwaneni yabo yezingodo ukuyowulanda, yena noDanny base bebasa umlilo kuleyo ndawana eyayinotshani. Babelindele ukuthi lowo mlilo wawuzozicishela wona, kodwa esikhundleni salokho wakhula waba mkhulu futhi waba nobungozi. Yena noDanny bagijima bayofuna usizo, masinyane abadala base bematasatasa bezama ukuwucisha lowo mlilo ngaphambi kokuthi ufike ezihlahleni.

Waqhubeka uMongameli uMonson wathi, “UDanny nami safunda izifundo ezimbalwa nezinzima kodwa ezibalulekile ngalolo suku—esinye sazo esasingesincane okwakunguku baluleka kokuhlonipha.” (Bheka isifundo esithi “Obedience Brings Blessings,” Liahona, ngo Meyi 2013, 89–90.)

NjengoMongameli uMonson, ngabe nawe wake wafunda kanzima isifundo sokuhlonipha na? Yimiphi imizamo ongayenza ukuze uzigcine uphephile ngokuhlonipha na?

Shicilela