Ngo-2016
UMndeni uMiswe nguNkulunkulu
Okthoba 2016


Umyalezo Wokufundiswa Ngokuvakashelana, ngo-Okthoba 2016

UMndeni uMiswe nguNkulunkulu

Ngomkhuleko funda lemibhalo ngenhloso yokufuna ukwazi ngalokho ongakhuluma ngakho. Ukuqonda “uMndeni: Isimemezelo soMhlaba” kungalukhulisa kanjani ukholo lwakho kuNkulunkulu futhi lukusize ukuthi ubusise labo okufanele ubabheke ngokubafundisa ngokubavakashela na? Ukuze uthole olunye ulwazi, vakashela ku www.reliefsociety.lds.org.

Ukholo, Umndeni, Usizo

“Amagama [eculo labantwana], ‘The Family Is of God,’ … Siyakhunjuzwa ngemfundiso emsulwa,” kwasho uCarole M. Stephens, uMeluleki wokuQala kubuMongameli jikelele beNhlangano yabesiFazane Yosizo. “Asifundi kuphela ukuthi umndeni ungokaNkulunkulu kodwa futhi sifunda nokuthi sonke ngabanye singabomndeni kaNkulunkulu. …

“… Isu lika Baba labantwana Bakhe liyisu lothando. Liyisu ahlose ngalo ukuhlanganisa abantwana Bakhe—umndeni Wakhe—Naye1

Igosa u L. Tom Perry (1922–2015) woMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili wathi: “Sikholwa futhi wukuthi imindeni eqinile ngokwejwayelekile yakha umphakathi ogxilile, umnotho owenza kahle, kanye nomkhuba omuhle wokunaka amagugu—futhi sikholwa wukuthi lezi zinto ziyokwakha iphakade nombuso nomkhandlu oyophatha kaNkulunkulu.

“Sikholwa wukuthi ukuhlelwa nokuphathwa kwasezulwini kuyokwenziwa ngemindeni nezihlobo.”2

Sonke, oshadile nongashadile onabantwana nongenabo, singalivikela isu leNkosi njengoba lichaziwe kuleso simemezelo somndeni,” kwasho uBonnie L. Oscarson, uMongameli jikelele Wamantombazane. “Uma kuyisu leNkosi, kufanele kube yisu lethu nathi imbala!”3

Eminye imiBhalo eNgcwele eyeNgeziwe

IMfundiso neziVumelwano 2:1–3; 132:19

Imfundiso Ngomndeni

UJulie B. Beck, owayengu Mongameli jikelele weNhlangano yabesiFazane Yosizo, wafundisa ukuthi inkolo ngomndeni igxile kwiNdalo, Ukuwa, neNhlawulo kaJesu Kristu:

“Ukudalwa komhlaba kwenza ukuba kube khona indawo lapho imindeni yayizophila khona. UNkulunkulu wadala indoda nowesifazane bobabili ababe yingxenye ebalulekile yomndeni. Kwakuyisu lika Baba oseZulwini ukuthi u-Adamu no-Eva bahlanganiswe ukuze bakhe umndeni waphakade.

“… Ukuwa kwenza ukuthi bakwazi ukuzala amadodana namadodakazi.

“INhlawulo [kaKristu] ivumela imindeni ukuba ihlanganiswe ndawonye ibe ngeyaphakade. Ivumela ukuba imindeni ikhule phakade futhi nokuthi ipheleliswe Isu lenjabulo, elibizwa futhi ngokuthi yisu lensindiso, liyisu elenzelwa imindeni. …

“… Kwakuyimfundiso kaKristu lena. … Ngaphandle komndeni, alikho isu elikhona; futhi asikho isizathu sempilo yasemhlabeni.”4

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Carol M. Stephens, “The Family Is of God,” Liyahona, ngo Meyi 2015, 11, 13.

  2. L. Tom Perry, “Why Marriage and Family Matter—Everywhere in the World,” Liyahona, ngo Meyi 2015, 41.

  3. Bonnie L. Oscarson, “Defenders of the Family Proclamation,” Liyahona, ngo Meyi 2015, 15.

  4. Julie B. Beck, “Teaching the Doctrine of the Family,” Liyahona, ngo Meyi 2011, 32, 34.

Ake Ucabange Ngalokhu

Kungani umndeni ubaluleke kakhulu kulempilo naphakade na?

Shicilela