Ngo-2016
Izibusiso Zokuhlonipha
Okthoba 2016


UMyalezo WobuMongameli BokuQala, ngo-Okthoba 2016

Izibusiso Zokuhlonipha

UMongameli uThomas S. Monson usifundise wathi, “Isifundo esikhulu esingasifunda sisekule mpilo yasemhlabeni wukuthi uma uNkulunkulu ekhuluma thina simulalela, siyohlezi senza okulungile njalo.”1

Phezu kwalokho sizobusiswa futhi. Njengoba uMongameli uMonson asho emhlanganweni omkhulu weBandla osanda kudlula wathi: “Uma siyigcina imiyalelo, izimpilo zethu ziyogcwala injabulo, sizizwe senelisekile, futhi singabi nakho ubulukhuni. Kuyoba lula ukuthwala izinkinga zethu, futhi siyozithola izibusiso ezethenjisiweyo [zikaNkulunkulu].”2

Kulokhu okulandelayo okucashunwe ezimfundisweni zikaMongameli uMonson njengo Mongameli weBandla, uyasikhumbuza ukuthi imiyalelo iyisiqinisekiso senjabulo nokuthula.

Izeluleko Zohambo

“Imiyalelo kaNkulunkulu ayinikiwe ukuthi isivimbele noma ibe yisihibe ekutheni sithole injabulo. Kodwa okuyiqiniso yilokhu. Lowo owasidala futhi nosithanda ngokuphelele wazi kahle ukuthi kufanele siphile kanjani ukuze sizuze injabulo enkulu esingayizuza. Usesinike izeluleko okuyothi uma sizilandela, sihlale siphephile kulolu hambo lwasemhlabeni oluvame ukuba nenkohliso. Siyawakhumbula amagama eculo esilazi sonke elithi: ‘Keep the commandments! In this there is safety; in this there is peace’ [bheka iculo elithi “Keep the Commandments,” Hymns no. 303.]3

Amandla nolwazi

“Ukulalela kujwayelekile kubo bonke abaphrofethi; kubanike amandla nolwazi kuzo zonke izikhathi. Kubaluleke kakhulu kithi ukuthi sazi ukuthi nathi ngokufanayo sinelungelo lokuwathola lamandla nolwazi. Azohlezi etholakala kithi sonke ngesikhathi sihlonipha imiyalelo kaNkulunkulu. …

“Uma sigcina imiyalelo yeNkosi ngokuthanda thina, singaluthola ulwazi esilufunayo, izimpendulo esifisa ukuzithola, namandla esiwadingayo namuhla ukuze sikwazi ukubhekana nezinkinga zalomhlaba oshintsha njalo.”4

Khetha ukuhlonipha

“Isikhathi esiphila kuso singesokuvunyelwa kwezinto. Kumaphephandaba nakumabonwa kude kukhonjiswa osaziwayo—labo intsha eningi efisa ukufana nabo—bengayinaki imithetho kaNkulunkulu futhi begabisa ngalokho okugcwele isono, kube sengathi akukho mthelela omubi. Ungakukholwa lokho! Sikhona isikhathi sokwahlulelwa. Onke amakhosazana azobhekana nobusuku—kulempilo noma kwezayo. Usuku lokwaHlulelwa luyeza kubo bonke. … Ngiyaninxusa ukuba nikhethe ukuhlonipha.”5

Injabulo nokuthula

“Kungenzeka kubonakale kuwe sengathi labo abangaphandle emhlabeni bathokozela injabulo kakhulu kunawe. Abanye benu bangezwa sengathi le nkambiso yokuziphatha esiphila ngayo kuleli Bandla iyabacindezela. Bafowethu nodadewethu, ngithi kini akukho okungaletha injabulo nokuthula ezimpilweni nasemiphefulweni yethu ngaphandle koMoya ongeza kithi ngesikhathi silandela uMsindisi ngokugcina imiyalelo”6

Hamba Ngobuqotho

“Ngiyafakaza kini ukuthi izibusiso esithenjiswe zona zinkulu kakhulu. Noma amafu ezivunguvungu engahlangana, ngisho izimvula zingasinetha, ulwazi lwethu lwevangeli nothando lukaBaba wethu oseZulwini noMsindisi wethu kuzosiduduza kusisekele futhi kusilethele injabulo ezinhliziyweni zethu ngesikhathi sihamba ngobuqotho futhi siyigcina imiyalelo. Akukho okuyosehlula kulomhlaba.”7

Landela uMsindisi

“Wayengubani loMuntu wokudabuka, owaziyo ngosizi na? Ngubani leNkosi yenkazimulo, leNkosi yamabandla na? YiNkosi Yethu. nguMsindisi Wethu. yiNdodana kaNkulunkulu. ngumMqambi weNsindiso yethu. Uyasibiza uthi, ‘Ngilandeleni.’ Uyasifundisa uthi, ‘Hamba wenze njalo nawe.’ Uyasinxusa uthi, ‘Gcinani imiyalelo yami.’

Masiyilandele. Masilingise isibonelo Sakhe Masithobele amazwi Akhe Ngokwenza njalo. Simunika isipho sokumubonga.”8

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. “They Marked the Path to Follow,” Liahona, ngo-Okthoba 2007, 5.

  2. “Keep the Commandments,” Liahona, ngoNovemba 2015, 83.

  3. “Keep the Commandments,” 83.

  4. “Obedience Brings Blessings,” Liahona, ngoMeyi 2013, 90, 92.

  5. “Believe, Obey, and Endure,” Liahona, ngoMeyi 2012, 129.

  6. “Stand in Holy Places,” Liahona, ngoNovemba 2011, 83.

  7. “Be of Good Cheer,” Liahona, ngo Meyi 2009, 92.

  8. “Finding Joy in the Journey,” Liahona, Nov. 2008, 88.

Imfundiso Evela kuloMlayezo

Umongameli uMonson usifundisa ngezibusiso eziningi esingazithola ngokuhlonipha, okungamandla, ulwazi, injabulo, kanye nokuthula. Ake ucabange ngokubabuza labo obafundisayo ukuthi babusiseke kanjani ngokugcina imiyalelo. Ungabakhuthaza ukuthi bacabange ngezibusiso zabo nokuthi bakubhale phansi encwadini yokuloba izigigaba zosuku abakucabangayo ngokunjalo nalokho abakubonile nabakuzwile. Ungabakhuthaza futhi ukuthi bakhombise ukumbonga uNkulunkulu ngokuqhubeka nokuhlonipha.

Shicilela