Ngo-2017
Olungileyo Uzophila Ngokukholwa
Ngo-Epreli 2017


UMyalezo wobuMongameli bokuQala, Ephreli 2017

Olungileyo Uzophila Ngokukholwa

IRabi nomakhi wensipho

Kukhona inganekwane endala yamaJuda ekhuluma ngomakhi wensipho owayengakholelwa kuNkulunkulu. Ngolunye usuku ngesikhathi ehamba neRabi, wathi, “Kukhona engingakuqondisisi. Sesibe nenkolo izinkulungwane zeminyaka. Kepha yonke indawo lapho obheka khona khona ububi, inkohlakalo, ukungathembeki, ukungalungi, izinhlungu, ukulamba, kanye nodlame. Kusengathi inkolo ayikawushintshi umhlaba nhlobo. Ngakho ngiyakubuza, yinhle ngani?”

IRabi alizange liphendule isikhashana kepha laqhubeka lahamba nomakhi wensipho. Ekugcineni basondela ebaleni lapho izingane, ezigcwele uthuli, zazidlala ekungcoleni.

“Kukhona engingakuqondisisi,” kusho irabi. “Bheka lezi zingane. Sesibe nensipho izinkulungwane zeminyaka, kepha lezi zingane zingcolile. Yinhle ngani insipho?”

Umakhi wensipho waphendula, “Kepha rabi, akulungile ukubeka icala ensiphweni ngenxa yalezi zingane. Insipho kumele isentshenziswe ngaphambi kokufeza injongo yayo.”

Irabi lamoyizela lase lathi, “Kunjalo-ke.”

Sizophila Kanjani?

Umphostoli uPawulu, ecaphuna amazwi amphrofethi weThestamende eliDala, wachaza ukuthi kuchaza ukuthini ukuba yikholwa ngesikhathi ebhala, Olungileyo uzophila ngokukholwa.” (AmaRoma 1:17).

Mhlawumbe kulo musho olula siqonda umehluko phakathi kwenkolo ebuthakathaka nenganamsebenzi kanye nenamandla okuguqula izimpilo.

Kepha ukuqondisisa ukuthi kuchaza ukuthini ukuphila ngokukholwa, kumele siqondisise ukuthi yini ukholo.

Ukholo lukhulu kunethemba. Ukwethemba uNkulunkulu ngokugcwele okuhambisana nezenzo.

Yinto enkulu kunokufisa.

Yinto enkulu kunokuhlala phansi nje, sinqekuzise amakhanda ethu, futhi sithi siyavuma. Uma sithi “Olungileyo uzophila ngokukholwa,” sichaza ukuthi silulekwa futhi sikhonjiswa indlela ukholo lwethu. Siziphatha ngendlela ehambisana nokholo lwethu—hhayi ngokulalela okungacatshangiwe kepha ngenxa yothando oluthembekile noluqotho likaNkulunkulu ngenxa yokuhlakanipha okungenanani akumbhulele abantwana Bakhe.

Ukholo kumele luhambisane nezenzo; ngaphandle kwalokho alunampilo (bona EkaJakobe 2:17). Akulona neze ukholo. Alunawo amandla okushintsha noyedwa umuntu, yekela-ke umhlaba.

Amadoda nabafazi bokholo bakholelwa kuBaba wabo oseZulwini onomusa— ngisho ngezikhathi zokungazi, ngisho ngezikhathi zokungabaza nobunzima ngesikhathi bengaboni kahle noma bengaqondisisi.

Amadoda nabafazi bokholo bahamba indlela yobufundi futhi bazama ukulandela isibonelo sikaMsindisi wabo othandekile, uJesu Kristu. Ukholo luyagqugquzela futhi, ngempela, luyasikhuthaza ukuthi sinamathelise izinhliziyo zethu ezulwini futhi sifinyelele, siphakamise futhi sibusise abanye bethu.

Inkolo enganazo izenzo injengensipho ehlala ebhokisini. Ingaba nekusasa eliqhakazile, kepha empeleni inamandla amancane okwenza umehluko kuze kube ukuthi ifeza injongo yayo. Ivangeli likaJesu Kristu elibuyisiwe liyivangeli lezenzo. IBandla likaJesu Kristu lifundisa inkolo eyiqiniso njengomlayezo wethemba, wokholo, kanye nesihe, kanye nokusiza abanye ngokomoya nangezindlela zesikhashana.

Ezinyangeni ezimbalwa ezidlule, unkosikazi wami, uHarriet, nami sasithathe uhambo nabanye abantwana bethu endaweni yaseMediterranean. Savakashela amanye amakampi abantu ababalekele kulelo lizwe sahlangana nemindeni ephuma emazweni abhubhile ngenxa yezimpi. Laba bantu ababona abenkolo yethu, kepha babengabafowethu nodadebethu futhi babedinga usizo ngokushesha. Izinhliziyo zethu zathinteka ngokujulile ngesikhathi sibona indlela ukholo olusebenzayo lamalunga eBandla lethu laletha usizo, impumuzo, kanye nethemba kubafowethu abanosizi, ngaphandle kokubuka inkolo yabo, uhlobo, noma imfundo.

Ukholo oluhlanganiswe nezenzo ezingapheli amandla lugcwalisa inhliziyo ngomusa, ingqondo ngenhlakanipho nokuqonda, kanye nomphefumulo ngokuthula nothando.

Ukholo lwethu lungasibusisa futhi lufundise abanathi kanye nathi.

Ukholo lwethu lingagcwalisa umhlaba ngokuhle kanye nokuthula.

Ukholo lwethu lungashintsha inzondo kube uthando nezitha zibe ngabangani.

Abulungileyo, ke, baphila ngokusebenza ngokholo; baphila ngokuthembela kuNkulunkulu futhi bahambe endleleni Yakhe.

Futhi ukholo olunjena olungaguqula abantu, imindeni, amazwe kanye nomhlaba.

Shicilela