Ngo-2017
Ngesikhathi Umngane Wami Eshona
NgoJulayi 2017


Intsha

Ngesikhathi Umngane Wami Eshona

Umbhali uhlala e-Utah, eMelika

Ngesikhathi ngisemusha ngisesikoleni esiphakeme, umngane wami wayegula emqondweni wakhe wase eshona ngosuku olulandelayo. Noma ngangiyilunga leBandla, kwakunzima. Ngafundiswa impilo yami yonke ukuthi ngingabheka kuBaba oseZulwini kanye nakuMsindisi kunoma yini, kepha angikaze ngihlangabezane nento enjangalena ngaphambilini.

Ngakhala amahora ngamahora, ngizama ukuthola into—noma yini—ezongiduduza. Ngobusuku emva kokushona kwakhe, ngathatha incwadi yamaculo. Ngesikhathi ngiphenya amakhasi, ngabe ngithola, “Abide with Me; ’Tis Eventide” (Hymns, no. 165). Ivesi lesithathu langithintha kakhulu:

Iba nami; sekuyahlwa,

Futhi ubusuku buzoba nesizungu

Uma ngingakwazi ukukhuluma nawe,

Nokuba ngithole kuwe ukukhanya.

Ubumnyama bomhlaba, ngiyabesaba,

Buzohlala ekhaya lami.

O Msindisi, hlala nami kulobu busuku;

Bona, kuyahlwa.

Leli vesi langiduduza kakhulu ngoxolo. Ngazi ngaleso sikhathi ukuthi hhayi kuphela ukuthi uMsindisi wayezohlala nami ngalobo busuku kepha futhi wayekwazi nangendlela engangizizwa ngayo. Ngiyazi ukuthi uthando engaluzwa ngenkathi ngifunda leliya culo aluzange luphele ngalobo busuku kepha luhlezi lungisiza kobunye ubunzima engibubekezelelile.

Shicilela