Ngo-2017
Inzuzo Yokubekezela Kahle
NgoJulayi 2017


UMlayezo WobuMongameli Bokuqala, uJulayi 2017

Inzuzo Yokubekezela Kahle

Ngenkathi ngisengumfana, ngasebenza eBandleni njengomeluleki kumongameli owesifunda owayehlakaniphileyo. Ngaso sonke isikhathi wayezama ukungifundisa. Ngisasikhumbula iseluleko anginika sona: “Uma uhlangabezana nomuntu, umphathe sengathi usenkingeni enkulu, esikhathini esiningi uzothola ukuthi uqinisile.” Ngaleso sikhathi ngangicabanga ukuthi wayengenalo ithemba. Manje, emva kweminyaka engu-50 edlulile, sengiyabona ukuba wayewuqonda kahle umhlaba kanye nempilo.

Sonke sinokuhlupheka esihlangabezana nakho—kwezinye izikhathi, ukuhlupheka okunzima kakhulu. Siyakwazi ukuthi iNkosi ivumela ukuba sihlangabezane nenhlupheko ukuze sihlanzeke futhi sibengabaqotho ukuze sizoba kanye Naye ingunaphakade.

INkosi yafundisa uMprofethi uJeseph Smith eJele laseLiberty ukuthi inzuzo yokubekezelela ukuhlupheka kwakhe izomusiza akwazi ukufaneleka empilweni yangunaphakade.

“Ndodana yami, ukuthula makube semphefumulweni wakho; ubunzima bakho nokuhlupheka kwakho kuzokuba okwesikhashana;

“Futhi emva kwalokho, uma ukubekezelela kahle, uNkulunkulu uyokuphakamisela phezulu; uyonqoba phezu kwazo zonke izitha zakho.” (iMf&V 121:7–8).

Izinto eziningi ziye zisihlule esikhathini sempilo yethu kubukeke kulikhuni ukuba sibekezele kahle. Kungabukeka kunjalo emndenini othembele ezitshalweni uma imvula ingekho. Bangacabanga, “Kuyoze kube nini sibekezele?” Kungabukeka kunjalo kumuntu osemusha ophikisana nokwanda kobubi kanye nesilingo esinamandla. Kungabukeka kunjalo kumfana ohluphekayo ukuthola imfundo noma ukuqeqeshwa okufanele ukuze athole umsebenzi wokuba ondle umfazi kanye nomndeni. Kungabukeka kunjalo kumuntu ongakwazi ukuthola umsebenzi noma ohlukene nomsebenzi njengoba amabhizinisi evala iminyango yawo. Kungabukeka kunjalo kulabo ababuthakathaka ngokwempilo kanye namandla omzimba, lokho okungeza masishane empilweni kubona noma kulabo ababathandayo.

Kepha uNkulunkulu onothando akazange abeke izivivinyo kithina nje kuphela ngokuba efuna ukubona ukuba singabekezela ubunzima kodwa ukuba abone ukuthi singabekezela ngendlela ekahle futhi sithole ukuhlanzeka.

UbuMongameli Bokuqala bafundisa iGosa uParley P. Pratt (1807–57) ngenkathi maduzane eqeda ukubizwa njengelunga elisha lomGwamanda wabaPhostoli abaliShumi namBili. : “Unikezwe umsebenzi lowo ozodinga ukuba uzibophezelele ngokuphelele;. …iba insimbi ecwebezelayo. … Kumele ukwazi ukubekezelela ukufukuza, umsebenzi omkhulu, kanye nobunzima ukuze ucwebezele ngokuphelele… UBaba wakho waseZulwini ufuna kanjalo; umhlaba ngoWakhe; umsebenzi ngoWakhe; futhi Uzoku … halalelisela … futhi uzokuphakamisa.”1

Encwadini yabaseHeberu, uPawuli ukhuluma ngesithelo sokubekezela kahle: “Manje angeke kwaba lula okwamanje , kepha kuzakuba buhlungu: kepha emva kwalokho kuzaletha injabulo noxolo kulabo abalungileyo abalusebenzisayo,” (AbaseHeberu 12:11).

Ukuhlupheka kwethu kanye nobunzima esihlangabezana nakho kusinikeza ithuba lokuba sifunde futhi sikhule, futhi kungasenza siguquke esimweni sethu. Uma nje singazinikela kuKristu ngokuphelele kwethu, imphefumulo yethu ingahlanzeka njengoba sibekezela.

Ngakho-ke, okokuqala okumele sikukhumbule ukuba sithandaze ngaso sonke isikhathi (bona iMf&V 10:5; u-AlIma 34:19–29).

Okwesibili ukuba siqhubeke nokugcina imiyalelo ngaso sonke isikhathi—noma kuyini esiphikisayo, isilingo, noma inhlokomo emaduzane nathi (bona uMosiya 4:30).

Okwesithathu okubaluleke kakhulu ukuba sisebenzele iNkosi (bona iMf&V 4:2; 20:31).

Ngenkathi sisebenzela iNkosi, sithola ukuyazi futhi Siyithande. Sizokwazi, ukubona isandla sikaMsindisi kanye nemfundiso yoMoya oNgcwele empilweni yethu, uma nje sibekezela emthandazweni futhi sisebenze ngokholo. Abaningi bethu esikhathini esiningi bazinikezele kulomsebenzi futhi bezwa lobo bungane. Uma ukhumbula emuva kuleso sikhathi, uzokhumbula ukuba bekunoshintsho kuwena. Ukulingeka ekwenzeni isono kwabukeka kwehlile. Isifiso sokwenza okuhle senyuka. Labo ababekwazi kangcono futhi ababekuthanda mhlawumbe bathi: “usunesihe futhi unesineke kakhulu. Awubukeki ungumuntu ofanayo.”

Wawungasayena umuntu ofanayo. Washintshwa yiNhlawulo kaJesu Kristu ngokuba wabeka ithemba lakho kuYena ngesikhathi senhlupheko empilweni yakho.

Ngiyakuthembisa ukuthi iNkosi izoza kuwe izokulekelela ekuhluphekeni ohlangabezana nakho uma nje uYifuna futhi uyisebenzela ukuze umphefumulo wakho uhlanzeke. Ngiyaninxusa ukuba nibeke ithemba kuYena kubo bonke ubunzima enihlangabezana nabo.

Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu uBaba Uyaphila nokuthi uyayizwa imithandazo yethu aphinde ayiphendule. Ngiyazi ukuthi iNdodana Yakhe, uJesu Kristu, wafela izono zethu futhi Ufuna sibuyele kuYena. Ngiyazi ukuthi uBaba kanye neNdodana basiqaphile futhi balungiselele indlela yethu yokuba sibekezele kahle futhi siphinde sibuyele ekhaya futhi.

Imithombo okuthathwe kuyo le mfundiso

  1. Autobiography of Parley P. Pratt, ed. Parley P. Pratt Jr. (1979), 120.

Shicilela