Ngo-2017
AbaPhrofethi Abazosikhombisa Indlela
NgoSepthemba 2017


UMyalezo WobuMongameli bokuQala, ngo Septemba 2017

AbaPhrofethi Abazosikhombisa Indlela

Eminyakeni embalwa eyedlule, ngangihleli egumbini leThempeli iSalt Lake lapho kuhlanganela khona kanye ngesonto ubuMongameli bokuQala noMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi-naMbili. Ngabuka udonga olwaluqondene nobuMongameli bokuQala, ngase ngibona izithombe zoMongameli beBandla ngamunye.

Ngesikhathi ngibabuka, labo abeza ngaphambi kwami––kusuka kuJoseph Smith (1805–44) kuya kuMongameli uGordon B. Hinckley (1910–2008)––ngafikelwa wumcabango othi, “Angive ngibonga ngokukhonjiswa indlela engakuthola kubo ngamunye.”

Amadoda amakhulu lawa angazange angabaze, futhi angazange ehluleke. Amadoda kaNkulunkulu lawa. Ngisacabanga ngabaphrofethi banamhlanje engibaziyo nengibathandayo, ngikhumbula izimpilo zabo, izimilo zabo, nezimfundiso zabo zokushisekeliswa.

UMongameli uHeber J. Grant (1856–1945) wayengu Mongameli weBandla ngesikhathi ngizalwa. Ngisacabanga ngempilo nangezimfundiso zakhe, ngikholwa wukuthi isimilo uMongameli uGrant ayehlezi esikhombisa sona kwaku wukuphikelela––ukuphikelela ekwenzeni lezo zinto ezilungile nezincomekayo.

UMongameli uGeorge Albert Smith (1870–1951) wayengu Mongameli weBandla ngesikhathi nginguMbhishobhi we wadi yami eSalt Lake City. Wabona ukuthi kukhona okukhulu ukudonsisana phakathi kweNkosi nesitha. Wasifundisa wathi, “Uma uzoba ngasohlangothini lweNkosi, uzohlezi ungaphansi kwethonya layo futhi ngeke ube nesifiso sokwenza okungalungile.”1

Ngabizelwa ukuba yilungu loMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi-naMbili ngonyaka ka 1963 nguMongameli uDavid O. McKay (1873–1970). Wasifundisa ukubacabangela abanye abantu ngendlela ayephila ngayo. Wathi, “UbuKrestu beqiniso wukukhombisa uthando ngezenzo.”2

UMongameli uJoseph Fielding Smith (1876–1972), ongomunye wababhali bezincwadi beBandla ababhala kakhulu, wakwenza kwaba wumgomo wempilo yakhe ukulifunda ivangeli. Imibhalo engcwele wayeyifunda ngokungaphezi futhi wayezazi kakhulu izimfundiso zayo.

UMongameli uHarold B. Lee (1899–1973) wayengu mongameli wami wesikhonkwane ngisengu mfana. Wayethanda kakhulu lombhalo othi “Yimani ezindaweni ezingcwele, ninganyakaziswa.”3 Wayekhuthaza abaNgcwele ukuthi bali lalele, futhi bali hloniphe, izwi lika Moya oyiNgcwele.

Ngikholwa wukuthi umgomo empilweni kaMongameli uSpencer W. Kimball (1895–1985) owawumkhombisa indlela kwakuwuku zinikela. Wayezinikele ngokugcwele nangokunga ngabazeki. Wayezinikele futhi nokuliphila ivangeli.

Kwathi uma uMongameli u-Ezra Taft Benson (1899–1994) eba nguMongameli weBandla, wangibiza ukuba ngibe nguMeluleki wakhe wesiBili kubuMongameli bokuQala. Uthando kwakungu mgomo wakhe ongumkhomba ndlela, otholakala emazwini kaMsindisi athi: “Kufanele nibe ngabantu abanjani? Ngiqinisile ngithi kini, ngisho njengami.”4

UMongameli uHoward W. Hunter (1907–95) wayeyilowo muntu owayehlezi ebheka okuhle kodwa kwabanye. Wayehlezi enomoya omuhle; ehlezi ethobekile. Kwaba yintokozo kimi ukusebenza njengoMeluleki wakhe wesiBili.

UMongameli uGordon B. Hinckley wasifundisa ukuthi senze konke okusemandleni. Wafakaza kakhulu ngoMsindisi nangomsebenzi Wakhe. Wasifundisa ngothando. Ukusebenza njengoMeluleki wakhe wokuQala kwakuwuku hlonipheka nesibusiso kimi.

UMsindisi uthumela abaphrofethi ngoba esithanda. Ngesikhathi somhlangano omkhulu kulo Okthoba, abaneGunya eliKhulu eBandleni Lonke bazophinde babe nethuba lokukhuluma ngezwi Lakhe. Lomsebenzi siwenza ngesikhulu isizotha nokuzithoba.

Sibusiseke kakhulu ukuthi iBandla lika Jesu Kristu eselibuyiselwe selisemhlabeni nokuthi futhi leliBandla lakhelwe phezu kwedwala lesambulo. Isambulo esihlezi sikhona njalo siyimpilo yevangeli likaJesu Kristu.

Sengathi singahlezi sikulungele ukuthola isambulo somuntu ngamunye esiza ngobuningi ngesikhathi somhlangano omkhulu. Sengathi izinhliziyo zethu zingagcwala ukuzimisela okukhulu ngesikhathi siphakamisa izandla zethu sisekela abaphrofethi nabaphostoli abaphilayo. Sengathi singathola ukukhanya, sivuseleleke, siduduzeke, futhi siqiniswe ngesikhathi silalela imiyalezo yabo. Futhi sengathi singakulungela ukuzinikela kabusha eNkosini uJesu Kristu––evangelini Lakhe nasemsebenzini Wakhe––nokuthatha isinqumo kabusha sokugcina imiyalelo Yakhe nokwenza intando Yakhe.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Teachings of Presidents of the Church: George Albert Smith (2011), 191.

  2. Teachings of Presidents of the Church: David O. McKay (2003), 181.

  3. IMfundiso neZivumelwano 87:8.

  4. 3 Nefi 27:27.

Shicilela