Ngo-2017
Banhliziyo nye
NgoSepthemba 2017


uMlayezo Ofundiswa Ngokuvakashelana, ngoSeptemba 2017

Banhliziyo nye

Ngomkhuleko funda lemibhalo ngenhloso yokufuna ukwazi ngalokho ongakhuluma ngakho. Ukwazi ngenhloso yeNhlangano Yabesimame Yosizo kungawasiza kanjani amadodakazi kaNkulunkulu ukuze athole isibusiso sokuphila kwaphakade?

Isithombe
Uphawu LweNhlangano Yabesimame Yensizakalo

Ukholo Umndeni Insizakalo

“Futhi iNkosi yabiza abantu bayo nge Siyoni, ngokuba babe nhliziyonye futhi bemqondomunye, futhi babehlala ngokulunga; futhi kwakungekho ompofu phakathi kwabo.” Mose 7:18. Singaba munye kanjani?

IGosa uM. Russell Ballard woMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili wathi, “Maphakathi negama lesiNgisi elithi atonement kunegama elithi one. Ukuba wonke umuntu ubekuqonda kahle lokhu, bekungeke kube khona esingazikhathazi ngaye, singabheki ubudala bakhe, ubuhlanga bakhe, ubulili bakhe, inkolo yakhe, noma isimo sakhe emphakathini. Besingazama ukwenza njengoMsindisi futhi besingeke sibe nonya, singabahloniphi, noma singabi nozwelo kwabanye.”1

UMongameli uHenry B. Eyring, uMeluleki wokuQala kubuMongameli bokuQala, wafundisa wathi: “Uma uMoya uphakathi kwabantu, [bona] bangalidela ukuthi kube khona ukuzwana. … UMoya kaNkulunkulu awuwudali umbango (bheka ku3 Nefi 11:29).… Udala ukuthula kumuntu ngamunye futhi nokuthi kube khona ubunye nabanye.”2

Ekhuluma ngezinkinga zasemndenini, uCarole M. Stephens, owayesebenza njengoMeluleki wokuQala kubuMongameli Bukazwelonke beNhlangano YabesiMame Yensizakalo, wathi: “Angikaze ngibhekane nesahlukaniso emshadweni, nobuhlungu bokushiywa wedwa, noma umthwalo wokuba ngumama okhulisa abantwana yedwa. Bengingaka kuzwa ukushonelwa ngumntwana, ukungabi nayo inzalo, noma ukuhehwa owobulili obufana nobami. Bengingaka kuzwa ukuhlukunyezwa, ukugula isikhathi eside, noma ngiqgilazwe yihuha. Lamathuba anzima bengingaka hlangabezani nawo.

“… Kodwa ngezivivinyo zami… sengike ngazana kakhulu naLowo oqondayo. … Futhi phezu kwalokho, sengike ngakuzwa konke lokhu kuvivinywa kwasemhlabeni esengiku balile ngehlo lendodakazi, lika mama, lika gogo, lika dadewethu, lika mama omncane, nelika mngani.

Ithuba lethu njengamadodakazi kaNkulunkulu agcina izivumelwano akukona nje ukuthi sifunde kobethu ubunzima kuphela; kufanele sihlangane ngokuzwelana ngesikhathi sixhasa amanye amalunga omndeni kaNkulunkulu ebunzimeni bawo.”3

Eminye ImiBhalo eNgcwele nolwazi olwengeziwe

Johani 17:20–23; KwabaseFesu 4:15; Mosiya 18:21–22; 4 Nefi 1:15

reliefsociety.lds.org

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. M. Russell Ballard, “The Atonement and the Value of One Soul,” Liahona, Meyi 2004, 86.

  2. Henry B. Eyring, “That We May Be One,”Ensign,Meyi 1998, 67.

  3. Carol M. Stephens, “The Family Is of God,” Liyahona, Meyi 2015, 11–12.

Shicilela