Ngo-2017
Osisi abaThathu
NgoNovemba 2017


UMyalezo Wokufundiswa Ngokuvakashelana, ngoNovemba 2017

Osisi abaThathu

Sinomthwalo wemfanelo yobufundi bethu, futhi kukancane—noma akusiyo—indlela abanye besiphatha ngayo.

Bodadebethu abathandekayo, bangani abathandekayo, ukuqala lomhlangano omkhulu ngesikhathi sodade somhlaba jikelele kubalulekile futhi kuyajabulisa. Cabanga nje: odadewethu beminyaka yonke, izizinda, ozwelonke, kanye nolwimi luhlanganiswe okholweni kanye nothando lweNkosi uJesu Kristu.

Njengoba besihlangene nomphrofethi wethu othandekayo uMongameli uThomas S. Monson, wazwakalisa ukuthi uyithanda kangakanani iNkosi. Futhi ngiyazi ukuthi uMongameli uMonson ubonga kakhulu ngothando lwenu, imikhulekho yenu, kanye nokuzinikela kwenu eNkosini.

Esikhathini sakudala ezweni elikude kwakuhlala umndeni wosisi abathathu.

Usisi wokuqala wayedangele. Yonke into kusukela ekhaleni kuya esilevini kanye nesikhumba sakhe kuyela ezinzwaneni kwakubukeka sengathi akulungile kahle. Uma ekhuluma, amagama akhe ngesinye isikhathi ayephuma ngendlela engazwakalisisi, futhi abantu babemhleka. Uma kukhona omuphoxayo noma “okhohlwa” ukumema endaweni, wayeshalaza, azihambele ayothola indawo efihlekile lapho ezokhipha isbabazo khona azibuze ukuthi kanti kungani impilo iphenduke yaba duma futhi ingenakujabula.

Usisi wesibili wayecasukile. Wayezibona njengomuntu ohlakaniphe kakhulu, kodwa kwakuhlezi kukhona omunye umuntu owayethola amamaki aphezulu ezivivinyweni esikoleni. Wayezibona enamahlaya, enobubele, egqoka kahle futhi echaza. Kodwa njalo, kwakungathi khona umuntu owayenamahlaya angcono, onobubele kakhulu, ogqoka kahle kakhulu, noma ochaza kakhulu.

Wayengakaze nakakodwa aphume phambili, futhi wayengakwazi ukumela lokho. Impilo kwakungamele ibe ngalendlela!

Ngesinye isikhathi wayethethisa abantu, futhi kwakungathi wayehlezi ecuphe ukucasukela into encane.

Lokhu akumenzanga wathandeka noma wawusaziwayo. Ngesinye isikhathi wayeqinisa amazinyo, afumbe inqindi, futhi wayecabanga ukuthi, “Ingani impilo ingalungile!”

Kwase kubakhona usisi wesithathu. Ngokungafani nodadebakhe odangele nocasukile, lona—wayejabule. Futhi kwakungasikho ukuthi wayehlakaniphile noma emuhle kakhulu noma ekwazi ukwenza izinto kangcono kunodadewabo. Cha, abantu babemuziba noma bangamunaki naye ngesinye isikhathi. Ngesinye isikhathi babehlekisa ngezimpahla ayezigqokile noma ngezinto ayezisho. Ngesinye isikhathi babehlekisa ngaye uqobo. Kodwa akakuvumelanga lokho kumukhathaze kakhulu.

Losisi wayekuthanda ukucula. Wayebhimba, futhi abantu babemuhleka ngalokho, kodwa akumuyekisanga lokho. Wayethi, “Angeke ngivumele abanye abantu kanye nemibono yabo ingiyekise ukucula!”

Kona lokho ukuthi waqhubeka wacula kwenza udadewabo wokuqala adangale kanye nodadewabo wesibili ukuthi acasuke.

Kwadlula iminyaka eminingi, futhi ekugcineni usisi ngamunye wafikelwa isikhathi sakhe sokugcina emhlabeni.

Usisi wokuqala, owathola futhi nafuthi ukuthi ukuphoxeka akushodi kulempilo, ekugcineni washona edangele.

Usisi wesibili, owayethola njalo into entsha angeke ayithande, washona ecasukile.

Usisi wesithathu, owachitha impilo yakhe ecula iculo lakhe ngawo wonke amandla kanye nokumamatheka kokuzethemba ebusweni bakhe, washona ejabulile.

Khona, impilo ayikaze ibe lula kangaka, futhi nabantu abakaze babone ngendlela eyodwa kanjengalabo sisi abathathu kulendaba. Kodwa ngisho nezibonelo ezingathekisiwe njengalezi zingasifundisa okuthile ngathi. Uma ngabe ufana njengabaningi bethu, kungenzeka ukuthi ubone okuncane onakho koyedwa, noma ababili, noma mhlawumpe bonke bobathathu osisi. Asikubhekisise ngakunye.

Isisulu

Usisi wokuqala wayezibona njengesisulu—njengomuntu owayethathelwa phansi.1 Kwakubonakala ngathi izinto zazilokhu zenzeka kuyena ezazimudangalisa. Ngokubheka impilo ngalendlela, wayenikeza abanye amandla ngendlela ayezizwa futhi enza ngayo. Uma senza lokhu, sidudwa umoyo wayo yonke imibono—futhi kulezinsuku zamanje zokuxhumana emoyeni nge-inthanethi, lemimoya ivunguza kakhulu.

Bodadewethu abathandekayo, yini ndaba kumele unikele injabulo yakho komunye umuntu, noma iqembu labantu, abangenandaba ngawe noma ngenjabulo yakho?

Uma uzithola uxakekile ngokuthi abantu bathini ngawe, ngicela ukukubonisa nali ikhambi: khumbula ukuthi ungubani. Khumbula ukuthi wena uphuma ebukhosini endlini yombuso kaNkulunkulu, ningamadodakazi Abazali baseZulwini, ababusa emhlabeni wonke.

Une-DNA yokugxila kaNkulunkulu. Unezipho zakho ezasukela ekudalweni kwakho futhi zenziwa ngesikhathi ungakafiki emuhlabeni. Ungumtwana kaBaba oseZulwini onomusa futhi ongunaphakade, iNkosi yamaKhosi, Yena owenza izulu nomhlaba, wahlela izinkanyezi ezizungezayo emkhathini, futhi wabeka imihlaba ezindaweni yawo

Usezandleni Zakhe.

Izandla ezinhle kakhulu.

Izandla ezinothando.

Izandla ezinakekelayo.

Futhi akukho lutho eyoshiwo abantu ngawe eyokushintsha lokho. Amagama abo awasho lutho mayeqhathaniswa nalawo uNkulunkulu asewashilo ngawe.

Uyingane Yakhe eyigugu.

Uyakuthanda.

Noma ngabe uyakhubeka,noma umphendukela, uNkulunkulu uyakuthanda. Uma uzizwa ulahlekile, ulahliwe, noma ukhohliwe—ungesabi. UMelusi Omuhle yozokuthola. Uyokuphakamisela phezu kwamahlombe Akhe. Futhi uzokuthwala akuse ekhaya.2

Bodadewethu abathandekayo, ngiyanicela vumelani lamaqiniso ayisimilo angene kakhulu ezinhliziywenu zenu. Niyothola ukuthi ziningi izizathu zokungadangali, ngoba unendlela yaphakade okumele uyifeze.

UMsindisi othandekayo womhlaba wanikela ngempilo Yakhe khona uzokwazi ukwenza isinqumo sokwenza leyondlela ifezeke ngempela. Usuthathe igama Lakhe; ungumfundi Wakhe. Ngenxayakhe, uyakwazi ukuzigqokisa ngezembatho zokukhanya kwaphakade.

UMzondi

Usisi wesibili wayewucasukele umhlaba. Njengosisi wakhe owaye dangele, wayezwa ngathi izinkinga empilweni yakhe zazibangwa abanye abantu. Wayesulela umndeni wakhe, abangani bakhe, umphathi wakhe kanye nabantu ayesebenza nabo emusebenzini, amaphoyisa, omakhelwane, abaholi beBandla, izindlela zokugqoka zesimanjemanje, ngisho ukuqina kwemisho yasemkhathini, kanye namabhadi. Wayethethisa wonke umuntu.

Wangaziboni njengomuntu olikhuni. Wayezibona njengomuntu ozilwelayo nje kuphela. Wayekholelwa ukuthi wonke omunye umuntu, wayegqugquzelwa, umona, inkohlakalo kanye nenzondo. Yena, wayezibona egqugquzelwa okuhle—umthetho, isithunzi, kanye nothando.

Okudabukisayo ukuthi, indlela yokucabanga yosisi ocasukile ijwayelekile. Lokhu kwanakwa emfundweni engendala eyayibheka udweshu phakathi kwamaqembu abangayo. Abacwaningi, ababenza ucwaningo baxoxisana namaPalestini kanye nabakwa-Israyeli eMiddle East, kanye namaRepublican kanye namaDemocrat eMelika. Bathola ukuthi “elinye nelinye icala lalizwa ngathi elabo iqembu laligqugquzelwa uthando kunenzondo, kodwa uma bebuzwa ukuthi kungani iqembu abaphikisana nalo lalihlangene nodweshu, bakhomba inzondo eyayigqugquzela leli elinye iqembu.”3

Ngamanye amagama, iqembu neqembu belicabanga ukuthi yibona “abantu abahle”—abalungile, abanomusa, futhi abaneqiniso. Ngakwesinye isandla, babebona iqembu abaqhudelana nalo nje “ngabantu ababi”— ngokungazi, amanga, ngisho umhobholo.

Ngonyaka engazalwa ngawo, umhlaba wawuphakathi kwempi embi eyayiletha ukuzila obuhlungu kanye nokuzisola emhlabeni wonke. Lempi othandekayo izwe lami—kuyiqembu labantu ababebona abanye abantu benosathane futhi begqugquzela inzondo ebhekane nabo.

Babebathulisa labo abangabathandi. Babebahlaza futhi bebenza izilwane. Babebabona bengayiluthu—ngisho izilwane zazingcono kunabo. Mzukwane wehlisa iqembu labantu ngaleyondlela, kukancane ungayikhulumeli izenzo zakho zodlame ozenza kubo.

Ngiyathuka uma ngicabang ngokwenzeka eKhulwini elingu–20 eJalimani.

Uma umuntu engahambisani noma engavumelani nathi, siyalingeka ukubacabangela ukuthi khona okungalungile nathi. Kusukela lapho isinyathelo esincane ukufakela izindlela ezingalungile emazwini abo kanye nezenzo.

Kuzomele sihlezi simela lokho okulungile, futhi kunezikhathi lapho kuzomele sinyuse imiphimbo kuzozwakala. Kepha, uma senza njalo ngokuthukuthela noma sinenzondo ezinhliziyweni zethu—uma sithethisa abanye sizobazwisa ubuhlungu, ukubahlaza, noma ukubavala umolo—ekugcineni esikwenzayo asikwenzi ngokulunga.

Wafundisa wathini umSindisi?

“Kepha bhekani, mina ngithi kini, zithandeni izitha zenu, nibabusise labo abaniqalekisayo, nenze okuhle kulabo abanizondayo, futhi nibakhulekele labo abanisebenzisa ngokungalungile kanye nalabo abanihluphayo;

Ukuze nibe ngabantwana bakaBaba oseZulwini.”4

Yiyo lena indlela yomSindisi. Isinyathelo sokuqala esokwehlisa izithiyo ezikhanda inzondo eningi, ukucasuka, ukwehlukana, kanye nokubanomsindo.

“Yebo” ungasho ukuthi, “Ngizimisele ukuthanda izitha zami—uma bezimisele nokwenza njalo nakimi.”

Kodwa kubalulekile lokho, na? Sinomthwalo wemfanelo yobufundi bethu, futhi kukancane—noma akusiyo—indlela abanye besiphatha ngayo. Siyafisa ukuthi bazosizwa futhi babe nesihe kithi, kodwa olwethu uthando lwabo aluhambiselani nokuthi bazizwa kanjani ngathi.

Mhlawumbe imizamo yethu yokuthanda izitha zethu kuyobathambisa izinhliziyo futhi kube isibonelo esihle. Mhlawumbe ngeke kwenze lutho. Kodwa lokho akushintshi ukuzinikela kwethu ekulandeleni uJesu Kristu.

Ngakho-ke, njengamalunga eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, siyazithanda izitha zethu.

Sizokunqoba ukuthukuthela noma ukuzonda.

Sizogcwalisa izinhliziyo zethu ngothando lwabo bonke abantwana baNkulunkulu.

Sizofinyelela abanye sibabusise futhi sibashumayeze—ngisho labo abangase “basisebenzise ngokubi futhi besishushise”5

Umfundi Ohlukile

Usisi wesithathu umela abafundi abahlukile baJesu Kristu. Wenza into engaba nzima ngokweqile ukuba ayenze: wathemba uNkulunkulu ngisho behlekisa ngaye futhi nasebunzimeni. Ngandlela thizeni wakwazi ukugcina ukholo kanye nethemba, ngaphezu kokugxekwa nokukhathazeka okwakumzungathile. Waphila impilo yakhe ngenjabulo ayi ngoba isimo sakhe sasinokujabula kodwa ngoba yena wayejabule.

Akekho noyedwa wethu odlula ohambweni lwasemhlabeni engenakuphikiswa. Ngenxa yamabutho azama ukusikhipha okholweni, senza kanjani ukuthi sigcine imibono yethu igxile enkazimulweni yokujabula ethenjiswe abathembekile?

Ngiyathemba ukuthi impendulo itholakala ephusheni uMprofethi abanalo eminyakeni eyizinkulungwane eyadlulayo. Igama lomphrofethi uLehi, futhi iphupho lakhe lilotshwe eNcwadini kaMormoni eyisimangaliso futhi eyigugu.

Ephusheni lakhe uLehi wabona amadlelo amakhulu, futhi kulo kwakukhona isihlahla esikhulu, esihle ngaphezu kokuchaza. Wabona amaqembu amakhulu abantu behamba beya eduze nesihlahla. Babefuna ukuzwa ubumnandi besithelo. Bazezwa futhi bathemba ukuthi kuzobanikeza injabulo enkulu kanye nokuthula.

Kwakukhona indlela encane eyayibheke esihlahleni, futhi eduze kwakunogodo lwensimbi olwalubasiza bahlale endleleni. Kodwa kwakunenkungu yobunyama eyabaxhopha bangakubona kokubili indlela kanye nesihlahla. Mhlawumbe okwakuthusa kakhulu umsindo wohleko nokudelela owawuqhamuka esikhungweni esikhulu esasiseduze. Okuthusayo, ukubhuqa kwagcina kubenza bakholwa abanye abantu abasebefikile esihlahleni base bezwe isithelo esiyisimangaliso ukuqala ukuzizwa benamahloni base behamba.6

Mhlawumbe baqala ukungabaza ukuthi isishlahla ngempela sasisihle njengoba bake bacabanga. Mhlawumbe babeqala ukuzibuza ngesiqiniseko salento eyenzekile.

Mhlawumbe babecabanga ukuthi uma bejika bengayi esihlahleni, impilo izobangcono. Mhlawumbe bebengeke bebadelele noma bebahleke.

Kahle-hle, abantu ababebahleka yilabo ababebukeka bejabulile futhi abanesikhathi esinmnandi. Mhlawumbe uma beshiya isihlahla, bazokwamukelwa ebandleni, lebhilidi elihle elikhulu bashayelwe izandla ngokwehlulela kwabo, ukuhlakanipha, kanye nobukhali.

Hlala endleleni

Bodadewethu abathandekayo, bangani, uma nikuthola kunzima ukubambelela ogodoweni lwensimbi kanye nokuhamba uqondile endleleni yensindiso; uma uhleko kanye nokudelela kwabanye obabona benogqozi bekwenza uxege; uma uxakekile ngemibuzo engaphendulwa noma izimfundiso ongazizwisisi okwamanje; uma uzizwa ubuhlungu ngenxa yokudumazeka, ngiyakunxusa ukuthi ukhumbule iphupho lika Lehi.

Hlala endleleni!

Ungasobe udedele ugodo lwensimbi—izwi likaNkulunkulu!

Uma kukhona ozama ukukwenza uhlazeke ngokuthatha uthando lwaNkulunkulu, ungabanaki.

Ungaphinde ukhohlwe ukuthi ungumtwana kaNkulunkulu; izibusiso ezicebile zilindele wena; uma ungafunda ukwenza intando Yakhe, uyophila Naye futhi!7

Izethembiso zokudunyiswa kanye nokuvuma komhlaba akuthembekile, akunaqiniso, futhi akwenelisi. Izethembiso zaNkulunkulu ziyisiqiniseko, ziyiqiniso, futhi ziyajabulisa—manje kanye naphakade.

Ngiyanimema ukuba nicabange inkolo kanye nokholo ngendlela ephezulu. Akukho okutholakala esakhiweni esikhulu okungaqhathaniswa nemivuzo yokuphila ivangeli likaJesu Kristu.

Ngempela, “Ihlo alikaze libone, noma indlebe izwe, futhi kwangena ezinhliziyweni zabantu, izinto uNkulunkulu azilungiselele bona labo abamuthandayo.”8

Sengizifundele ngokwami ukuthi indlela yobufundi evangelini likaJesu Kristu iyona ndlela yokujabula. Kuyindlela eya ekuphepheni kanye nasekuthuleni. Kuyindlela eya eqinisweni.

Ngiyafakaza ukuthi ngesipho kanye namandla oMoyo oNgcwele, ungakwazi ukuzifundela lento.

Okwamanje, uma indlela iba nzima kuwe, ngiyethemba uzothola ukuphepha kanye namandla ezinhlanganweni ezimangalisayo zeBandla: Inhlangano yabantwana, Amantombazane, kanye neNhlangano yokuSiza yabeSifazane. Bafana nezikhombindlela endleleni, lapho khona ongakwazi ukuvuselela ugqozi kanye nokholo lwendlela osazoyihamba. Bayikhaya eliphephile, lapho ongazizwa ubalulekile khona futhi uthole ukukhuthazeka kodadewenu kanye nabanye abafundi.

Izinto ozifunda eNhlanganweni yabantwana zikulungiselela amanye amaqiniso ozwafunda uyintombazane entsha. Indlela yobufundi oyihamba emaklasini amaNtombazane Amasha ikuholela ekuhlanganyeleni kanye nodadebenu Benhlangano yokuSiza yabeSifazane. Ngaso sonke isinyathelo osenzayo endleleni, unikezwa amanye amathuba ukukhombisa uthando lwakho lwabanye abantu ngokwenza izenzo zokholo, ububele, isihe, ubuhle, kanye nokusebenza.

Ukukhetha indlela yobufundi kuyokuholela enjabulweni engaziwa kanye nokugculiseka kwesimilo sakho sikaNkulunkulu.

Angeke kube lula. Kuyodinga konke onakho—konke ukuhlakanipha kwakho, ubuciko, ukholo, isithunzi, amandla, ukuzimisela, kanye nothando. Kodwa ngelinye ilanga uyobuka emuva emizamweni yakho, uyobonga ukuthi waqina, wakholwa, futhi awusukanga endleleni.

Qhubekela phambili

Kungabakhona izinto eziningi ngalempilo ezingaphezu kwamandla akho. Kodwa ekugcineni, uwena onamandla okukhetha indawo lapho oyakhona kanye nezifundo zakho eziningi ozithola endleleni. Akuwona amandla akho kodwa izinqumo zakho ezenza umehluko empilweni.9

Awukwazi ukuvumela isimo sakho sikwenze uphatheke kabi.

Awukwazi ukubavumela ukuthi bakucasule.

Ungakuthokozela ukuthi uyindodakazi kaNkulunkulu. Ungathola injabulo nokuthokoza emuseni kaNkulunkulu kanye nasothandweni likaJesu Kristu.

Ungajabula.

Ngiyaninxusa ukuba nigcwalise izinhliziyo zenu ngokubonga ngobuhle obuningi obungapheli bukaNkulunkulu. Bodadewethu abathandekayo, ningakwenza lokhu! Ngiyakhuleka ngalonke uthando lomoya wami ukuthi uyokwenza isinqumo sokuqhubekela phambili maduzane nesihlahla sempilo. Ngiyakhuleka ukuthi uzokhetha ukunyusa izwi lakho futhi wenze impilo yakho umzwilili oyisimangaliso wokudumisa, nokujabula ezintweni zothando lukaNkulunkulu, izimanga zeBandla Lakhe, kanye nezinto ivangeli likaJesu Kristu elingakulethela umhlaba.

Iculo lobufundi beqiniso lingazwakala libhimba noma linomsindo kancane kwabanye. Kwakunjena kusukela ekuqaleni kwesikhathi.

Kodwa kuBaba wethu oseZulwini kanye nalabo abamuthandayo futhi abamuhloniphayo, kuyigugu elikhulu kanye neculo elihle—futhi elingcwele lothando oluhlengiwe kanye nokusebenzela uNkulunkulu kanye nomunye umuntu.10

Nginishiya nesibusiso sami njengoMphostoli weNkosi ukuthi niyothola amandla kanye nesibindi sokuphumelela ngenjabulo njengamadodakazi kaNkulunkulu uma nihamba usuku ngalinye endleleni eyisimanga yobufundi. Egameni elingcwele likaJesu Kristu, ameni.

Shicilela