Ngo-2018
Izinto Ezintathu Zokukhunjulwa
NgoFebruwari 2018


Intsha

Izinto Ezintathu Zokukhunjulwa

Igama elithi khumbula livela kaningi eNcwadini kaMormoni. UNefi wagqugquzela abafowabo ukuba bekhumbule indlela uNkulunkulu asindisa ngayo okhokho babo. INkosi uBenjamini yacela abantu bayo ukuba bakhumbule ubukhulu bukaNkulunkulu. Futhi uMoroni wafundisa abafundi bakhe ukuthi bakhumbule indlela iNkosi inomusa ngayo.

Ukukhumbula uMsindisi kubalulekile—size sivume ukumkhumbula sonke isikhathi esimukela ngaso isidlo esingcwele. UMongameli Eyering usimema ukuba sikhumbule lezizinto ezintathu ngesikhathi sesidlo esingcwele:

  1. Khumbula uJesu Kristu: Funda imibhalo engcwele ekhuluma ngendlela uMsindisi asebenzela futhi atshengisa ngayo uthando kwabanye. Ulizwa kanjani uthando Lwakhe? Ungabasebenzela kanjani futhi ubatshengise kanjani uthando abanye njengoba uMsindisi enzile?

  2. Khumbula odinga ukukwenza kangcono: Cabanga ngesonto eledlule ngenhliziyo ephendukile. Khetha into eyodwa ongayishintsha, futhi ubhale phansi indlela ongalwenza ngayo lolo shintsho. Beka injongo yakho lapho ozoyibona khona njalo.

  3. Khumbula inqubekela phambili oyenzayo: Cela uNkulunkulu akusize ubone inqubekela phambili enhle oyenzayo. Bhala indlela ozizwa ngayo.

Asilungile ngokuphelele, kepha uMsindisi uyakwazi lokho. Yingakho esicela ukuthi simkhumbule. Ukumkhumbula kusinikeza ithemba futhi kusisiza sibe ngcono. Ngisho nangezikhathi esihlulekayo ukumkhumbula, uMongameli Eyering uthi, “Uhlezi ekukhumbula.”

Shicilela