Ngo-2018
Umkhumbule Njalo
NgoFebruwari 2018


UMlayezo WobuMongameli Bokuqala, Februwari 2018

Umkhumbule Njalo

Ungacabangisana kanye nami umphrofethi uMoroni ebhala amazwi okugcina eNcwadi kaMormoni ezingcwepheni zegolide? Wayeyedwa. Wayesebone isizwe sakhe, abantu bakhe kanye nomndeni wakhe uwa. Izwe laligcwele impi “eqhubekayo” (Mormoni 8:8). Kepha wayenethemba, ngoba wayelibonile usuku lwethu! Futhi kuzo zonke izinto ayengazibhala, wasimema ukuba sikhumbule (bona uMoroni 10:3).

UMongameli Spencer W. Kimball (1895–1985) wayekukhuthalele ukufundisa ukuthi igama elibaluleke kakhulu kwisichazamazwi kungaba elithi khumbula. Wathi ngoba senze izivumelwano noNkulunkulu, “isidingo sethu esikhulu ukuzikhumbula.”1

Ungalithola igama elithi khumbula yonke indawo emibhalweni engcwele. Ngesikhathi uNefi exwayisa abafowabo, wayevame ukubamema ukuba bekhumbule amazwi eNkosi nokuba bakhumbule indlela uNkulunkulu asindisa ngayo okhokho babo (bona 1 Nefi 15:11, 25; 17:40).

Enkulumeni yakhe enkulu yokugcina, iNkosi uBenjamini yasebenzisa igama elithi khumbula izikhathi eziyisikhombisa. Yayithemba ukuthi abantu bayo bengakhumbula “ubukhulu bukaNkulunkulu … nobuhle bakhe nokubabekezelela kwakhe” (Mosiya 4:11; bona futhi 2:41; 4:28, 30; 5:11-12).

Ngesikhathi uMsindisi emisa isidlo esingcwele, wamema abafundi bakhe ukuba bemukele lezi zimpawu “ukuba bakhumbule” umhlatshelo Wakhe (Luka 22:19). Kuwo wonke umthandazo wesidlo esingcwele mina nawe sizwa ukuthi igama elithi njalo lingaphambi kwaleli elithi mkhumbule (bona iMf&V 20:77, 79).

Umlayezo wami yisimemo, ngize ngiyanincenga, ukuba nikhumbule. Nansi imibono emithathu ngongakukhumbula wonke amasonto ngenkathi wemukela izimpawu ezingcwele zesidlo esingcwele Ngiyethemba izoba usizo kini njengoba ibe njalo kumina.

Khumbula uJesu Kristu

Okokuqala, khumbula umSindisi. Khumbula ukuthi wayengubani ngesikhathi esemhlabeni, indlela akhuluma ngayo nabanye, nendlela atshengisa umusa ekuziphatheni Kwakhe. Khumbula ukuthi wasichitha nobani isikhathi Sakhe nokuthi wafundisani. UmSindisi “wahamba enza umusa” (Izenzo 10:38). Wavakashela abagulayo. Wayezinikelile ekwenzeni intando kaBaba Wakhe.

Ikakhulukazi, singakhumbula inani elikhulu alikhokha, ngenxa yothando analo kithi, ukususa ibala lezono zethu. Ngesikhathi simkhumbula, isifiso sethu sokumlandela sizokhula. Sizofuna ukuba nomusa, sixole, futhi sizimisele ukufuna intando kaNkulunkulu futhi siyenze.

Khumbula Odinga Ukukwenza Kangcono

Kunzima ukucabanga ngomSindisi—ubumsulwa Bakhe nokuphelela Kwakhe—ngaphandle kokucabanga indlela thina sinecala futhi esingalungile ngayo uma siziqhathanisa Naye. Senze izivumelwano zokuthobela imiyalelo Yakhe, kepha sivame ukushoda kulelizinga eliphezulu. Kepha uMsindisi wayazi ukuthi lokhu kuzokwenzeka, okuyingakho wasinikeza isimiso sesidlo esingcwele.

Isidlo esingcwele sisukela kwinjwayelo yokunikela ngemihlabelo kwiTestamente eliDala, eyayihambisana nokuvuma izono (bona uLevitikusi 5:5). Asisazihlabi izilwane, kepha singazishiya izono zethu. Imibhalo engcwele ibiza lokhu ngomnikelo “wenhliziyo edabukileyo kanye nomphefumulo ophukileyo” (3 Nefi 9:20). Iza kwisidlo esingcwele nenhliziyo ephendukile (bona iMf&V; Moroni 6:2). Ngesikhathi wenza njalo, uzothola ukuthethelelwa kwezono futhi angeke ugudluke endleleni eholela kuNkulunkulu.

Khumbula Inqubekela Phambili Oyenzayo

Ngesikhathi uhlola impilo yakho ngesikhathi sesimiso sesidlo esingcwele, ngiyethemba imicabango yakho ayibheki izinto ozenze kabi kuphela kepha ibheka nanezinto ozenze kahle—izikhathi lapho ozwe khona ukuthi uBaba oseZulwini kanye noMsindisi Bathokozile ngawe. Ungaze uthathe umzuzwana ngaso isikhathi sesidlo esingcwele ukucela uNkulunkulu Akusize uzibone lezizinto. Uma ukwenza lokhu, ngiyethembisa kukhona ozokuzwa. Uzozwa ithemba.

Ngezikhathi ngikwenza lokhu mina, uMoya unginikeze isiqiniseko sokuthi noma ngisekude nokulunga okuphelele, ngingcona namuhla kunayizolo. Lokhu kunginikeza ithemba lokuthi, ngenxa kaMsindisi, ngingabangcono kakhulu kusasa.

Igama elithi njalo lichaza isikhathi eside, futhi lichaza imizamo eminingi elungile. Uyazi ngenxa yezinto ezikwehlakele ukuthi kunzima kanjani ukucabanga ngento eyodwa njalo. Kepha noma ngabe usigcina kanjani isithembiso sakho sokumkhumbula, Yena uhlezi ekukhumbula.

UMsindisi uyayazi imizabalazo yakho. Uyazi ukuthi kunjani ukuba nezinkinga zempilo ezikuncindezelayo. Uyazi ukuthi usidinga ngokuphuthuma isibusiso esiqhamuka ekumkhumbuleni njalo nangesikhathi umlalela—“ukuze [u]hlale [u]no Moya wa[khe] ku[we]” (iMf&V 20:77; kugcizelelwe).

Ngakho-ke, uyakwamukela etafuleni lesidlo esingcwele wonke amasonto, ekunikeza elinye ithuba lokufakaza phambi Kwakhe ukuthi uyohlezi umkhumbula.

Imithombo okuthathwe kuyo le mfundiso

  1. Spencer W. Kimball, “Circles of Exaltation” (inkulumo enikezelwe abefundisi beziNhlelo zeMfundo yeBandla, uJuni 28, 1968), 5.

Shicilela